UNksz uLerato Magaga, umnikazi we-ADV Holding yase-Port Alfred, eMpumalanga Kapa

Izithombe: Zithunyelwe

Owakhula ethanda ukulungisa izinto kubo usengene shi embonini yobuchwepheshe. Uthi ukuvalwa kwezwe kuyamvuna. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

NGENKATHI abanye bekhala bezithulisa ngokuvalwa kwezwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kunosomabhizinisi osuke ehleka yedwa ngoba leso simo sivuna ibhizinisi lakhe ngenxa yemboni akuyona.  

Ukuvalwa kwezwe, okuphoqa ukuthi abantu basebenzele futhi bafundele emakhaya, kuyikhulise kakhulu i-ADV Holding. Lena yinkampani exhuma ama-satellite enza ukuthi abantu bakwazi ukuba nomoya wokudonsa i-internet.  

UNksz uLerato Magaga, oneminyaka ewu-35, usungule le nkampani eminyakeni eyisishiyagalombili edlule. Ngenxa yokuthi lena yinkampani egxile kwezobuchwepheshe, le ndlela osekuphilwa ngayo eyenza abantu bathembele ebuchwephesheni iyabasiza.

“Umsebenzi wethu usudingeka kakhulu kunakuqala kanti ukuvalwa kwezwe kuyasisiza thina. Imali esiyingenisile nje ngonyaka odlule ilinganiselwa kuR1.5 million kanti kulo nyaka siyodlula kuleyo mali njengoba sibheke ukuthi sigcine singenise okungenani uR3.5m,” kusho yena.

Okwamanje i-ADV Holding igxile eMpumalanga Kapa, lapho ixhuma khona ama-satellite dish ezinkampanini nasemakhaya abantu esifundazweni sonke. Ikomkhulu layo lisePort Alfred, eMpumalanga Kapa.

Kukhona ezinye izinkampani esebenzisana nazo kule mboni ngoba yona ayikabi nayo yonke ingqalasizinda eyidingayo kanti nelayisensi ye-Independent Communications Authority of South Africa (i-Icasa) ayikabi nayo.  

Lo somabhizinisi ozalelwe ePitoli, eGauteng, uqeqeshelwe ukuba yi-cable jointer kanti une-National Engineering Certificate yaseSpringfield FET College. 

Zibuya e-ADV kuxhunywa ubuxhakaxhaka be-internet

Uthi kusukela ebuncaneni bakhe ubezifela ngokukhanda izinto kubo. “Ubaba wayesebenza embonini yokwakha. Ngangichazeka uma ngimbona ebuya ekhaya egqoke amabhuzu akhe, ngizame ukufana naye. Ngiyakuthanda nje ukusebenzela emnyango nangomhlaba.”

Ngaphambi kokuzisebenza wake waqashwa kwaTelkom naseTruck Trading & Projects.  

Eqala ukusungula i-ADV Holding ngo-2013 uthe babegxile ekuxhumeni i-fibre, nayo okungenye yezindlela zokudonsa umoya we-internet. Babekwenza lokhu eBenoni, eGauteng, kanti kwakunabantu abawu-180 ayebaqashile abayitoho. Kulowo msebenzi ikhasimende labo kwakuwuMTN.

Ngo-2019 bathola ithuba lokufaka i-fibre kuN2 kwiGarden Route kanti lapho wayeqashe abantu abangu-90 abayitoho. Sebeke bathola inkontileka yeminyaka emihlanu e-Ericsson. Manje le nkampani iqashe abantu abawu-10 abasebenza ngokugcwele. Isibalo sabayitoho siyahluka kuye nomsebenzi abasuke bewenza ngaleso sikhathi.  

Ithimba lase-Adv Holding

UNksz uMagaga uthi zonke lezi zinto inkampani esizenzile uyaziqhenya ngazo, ikakhulukazi ukufinyelela ezingeni lapho akwenzayo kungesikhona nje ukuthi ukwenzela yena kodwa kumele akhumbule nezisebenzi aziqashile ngoba konke abakuzuzayo kwenzeka ngoba bebambisana bonke.

“Ngenkathi ngisaqala futhi ngisemncane, kwengangikwenza ngangizicabangela mina kuphela kodwa manje akusenjalo, kumele ngicabangele ithimba lonke. Sisebenzisana kahle, sizimisele futhi siyaphumelela kule mboni esikuyona. 

“Ngiyakuthanda nokuthi sengafunda ukuthi akekho umuntu ozohlale engikhuthaza. Kumele ngikwazi ukukwenza mina loko. Ayisekho into engitatazelisayo futhi ngiwuqonda kahle umbono wethu,” kusho uNksz uMagaga.

Uthi ezinye zezinselelo abhekane nazo bezidalwa wukuthi le mboni akuyona isagcwele amadoda futhi amhlophe nokuthi ubemncane ngisho nangesidumbu somzimba nobekwenza abanye bangamhloniphi. 

Ukhale nangepolitiki kanjalo nezinhlangano ezimele osomabhizinisi athe zike zamnyakazisa. “Kodwa-ke uma uzisebenza akumele uloku uzingabaza, qhubeka uphokophele. Qala ngalokho okuncane onakho, uzihluphe ngokufuna ulwazi nokuyilona oluzokukhulisa. Abantu baye bacabange ukuthi uma ngingathola umuntu ongatshala mhlawumbe uR3m ebhizinisini lami ngizophumelela kanti akunjalo ibhizinisi lidinga ukuzinikela nokuba qotho ukuze uphumelele.” 

UNksz uMagaga uthi kuyamsiza ukuba nosomabhizinisi abamnkantshubomvu abamcathulisayo. Isifiso sakhe wukuthi bagcine sebenengqalasizinda yabo futhi babe nelayisensi ye-Icasa. 

Instagram: Adv Holding_pa

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page