Usungule ushisanyama oya emizini yabantu ngoba egqugquzelwa wuthando lokudla. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UYAKUTHANDA ukudla okumnandi futhi okuhlelwe kahle. Uyakuthanda nokuphekela abantu kodwa wayazi ukuthi uma esungula ibhizinisi lokupheka ufisa elizogxila enyameni, lihlanganise abantu kodwa lihluke kokwejwayelekile.
Kuthe uma eseqala ibhizinisi wenza ushisanyama oya emizini yabantu, lazaleka kanjalo ibhizinisi lakhe iSpit Braai on Wheels. UNksz uLindiwe Masuku uyisungule ngo-2018. Bosela abantu isiklabhu, inkukhu nama-sausage bese bengeza nama-salad kuye nokuthi umuntu ufisa kwengezwe ini kanjani.
“Abantu abaningi bathanda yona le nto yokubona isiklabhu siphenduka, kubenze baconse amathe nomunye athi ‘nami ngiyayifuna le nto, kunosisi wami one-baby shower, umembeso…ngiyayithanda nami le nto’,” kusho yena.
UNksz uMasuku, osebenza ngokugcwele embonini yezokuhlinzekwa ngemali, uwuphusha kakhulu umsebenzi ngezimpelasonto nangamaholidi. Eqala wayenomshini owodwa kodwa manje isimithathu, nokusho ukuthi bayakwazi ukwenza imicimbi emithathu ngesikhathi.
Uthi nakuba bephazamisekile ngo-2020 ngenkathi kubheduka iCOVID-19 kodwa kubasizile ukuqhamuka nezindlela zokwenzela imindeni iyodwa kungesikho ukuthi kunomcimbi ngoba bebekhona abantu abawafakayo ama-oda kodwa bengadingi isiklabhu esiphelele.
“Uma nisekhaya nodwa nihalela isiklabhu, ngiyakwazi ukusenza mina la ngihlala khona nginilethele noma uthi ufuna ukusilanda. Ngiyawenza umlenze wesiklabhu noma uhhafu wesiklabhu. Abantu bayakwazi ukukhetha (kuloko) kuye nokuthi bangaki.

“Abantu bayakwazi ukuthi bathi abangalindi imicimbi, (isikhala lesi) engasibona ngoDisemba ngonyaka odlule…Isiklabhu sisukela (ebantwini) abawu-30 kodwa uthole ukuthi ngizofonelwa umuntu ethi mina ekhaya sibayisishiyagalombili noma sibahlanu, ngase ngibona ukuthi kumele ngibenzele labo bantu. Abanye abantu bayafaka i-oda ngisho ngezinsuku ezifana neMother’s Day noma uma kuyiFather’s Day. Kungisizile loko,” kusho uNksz uMasuku.
UNksz Masuku uzalwa eMandeni kodwa usezinze eThekwini, lapho esebenza khona. Ukupheka yinto azifundise yona njengoba ethi ubeyaye acele ngisho uma umuntu enomcimbi, acele ukuzomsiza yikhona ezofunda ezinye izinto.
Esikoleni wenze i-National Diploma in Accounting yase-Unisa, i-Business Risk Management Certificate yase-UCT, i-Advanced Programme in Risk Management yase-Unisa ne-Compliance Management yase-UCT.
Uthi ibhizinisi limfundise ukuzethemba nokuthi angakwazi ukwenza izinto eziningi. Mlalele ecobelela ngezinto ezimsizile ebhizinisini.
Uthi elinye lamaphutha ake walenza wukuthembela ekuthumeni abantu, nathi kuke kwacishe kwamlimaza uma izinto zingasenzeki ngendlela ikhasimende ebelilindele ngayo.
Uthi loko kumfundisie ukuthi aqeqeshe abantu asebenza nabo ukuthi baqonde ukuthi ikhasimende kumele lithole into eliyidingayo.
Isiklabhu saseSpit Braai on Wheels siqala kuR2 200 kuye kuR9 000 kuye ngokuthi esingakanani futhi esabantu abangaki.
UNksz Masuku ufisa ukuthi umsebenzi ukhule ngendlela yokuthi angagcini nje ukwenzela abantu ukudla ngezimpelasonto kuphela kodwa abaphekele zonke izinsuku futhi bafake ama-oda.
Facebook: Spitbraaionwheels
Instagram: spit_braai_on_wheels
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.