Category: Asafufusa
Uyadlondlobala ebhizinisini ocoshe ikhono lokubaza ngokuvakashela endaweni eyakha amabhokisi omngcwabo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
NGESIKHATHI ezichithela isizungu nekhehla lasendaweni elalinebhizinisi lokungcwaba wayenganakile ukuthi kuzomholela ebhizinisini. Leli bhizinisi lakhe lokubaza selizale elinye njengoba esengene shi nakwezolimo kanti nakhona izinto zihamba kahle kangangokuthi ubona sizofezeka isifiso sakhe sokuthatha umhlalaphansi lapho eqashwe khona ngokugcwele engakabi neminyaka ewu-50.
Ukuzifela kwakhe ngomuntuza kumholele ebhizinisini lezingane elihlukile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
UDUME ngokuthanda izingane emndenini wakhe kangangokuthi ngisho kunomcimbi kubo uyaziwa ukuthi yena unakekela izingane. Bathi abanye bezikhathaza ngokuthi konke kumi ngomumo yini ngomcimbi, yena usuke ebuza ukuthi izingane zihlinzekelwe ngakho konke yini ezizokudinga njengokudla, indawo yokulala nokunye.
Usezuze lukhulu unjiniyela ogxile ekuphuculeni impilo yabantu. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA
NAKUBA sekuphele iminyaka ewu-20 esiza ewunjiniyela futhi ethuthukisa izindawo namalokishi kodwa usomabhizinisi odabuka ePhuthaditjaba, eFree State, usawuthanda umsebenzi wakhe. Ukusiza abantu bathole izinto ezincane abanye abazithatha kalula njengokukwazi ukuvula umpompi yinto emjabulisayo nokukwazi ukuxazulula izinkinga athuthukise abanye abantu yikona okumkhuthazayo.
Uthando lokuba wusomabhizinsi nokuba nengane kumnike umqondo webhizinisi lokudla elihlukile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
BEKUMKHATHAZA ukuthi izingane ezisanda kuzalwa zikhuliswa ngokudla okuhlala isikhathi eside esitolo, kwenye inkathi osekudlulelwe yisikhathi. Loku kumhluphe kakhulu uma esenomntwana waze wafikelwa wumcabango wokuqala ibhizinisi lokudla kwezingane ezisanda kuzalwa okungahlali isikhathi eside njengokwasezitolo.



































































































