UNksz uNelly Shozana, umsunguli we-Intentionally Elegant Publishers neBook Behind Awards

Izithombe: Zithunyelwe

Isidalo sakhe, izinto adlule kuzona ziyisisekelo sebhizinisi lakhe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

WAKHULA engenaphupho. Mhlawumbe kwakufanele ngoba inkungu yayisathe mbo, nakhu wayeseyintombazanyana emsulwa, ingakawazi umhlaba. Kepha namhlanje iphupho lakhe licace bha egameni lenkampani yakhe – i-Intentionally Elegant Publishers.

Le ntokazi edabuka eHarewood, eMgungundlovu, nokho esizinze eThekwini, ekwenzayo manje ikwenza ngenhloso nangezinga eliphezulu. Yiloku kanye nsuku zonke uNksz uNelly Shozana avuka akwenza e-Intentionally Elegant Publishers, emsebenzini wakhe wezinkulumo ezakhayo nasesitolo sezingubo zekhethelo.

“Ngikhula ngangingenaphupho. Engikukhumbulayo wukuthi ngangithanda izilwane, ngixoxa nazo. Ngakhula kuthiwa ngithanda ukuzenza umlungu,” kukhumbula yena ehleka. 

Ababemgcona ngothando lwakhe lwezilwane kukhona ababengakwazi ngaye. “Nakuba ngangaziwa ngokuthi ngithanda izilwane kodwa ngangithanda abantu kakhulu, kangangokuthi ekhaya ngangintshontsha ukudla, ngiphe abantu abahlwempu,” kulanda uNksz uShozana.

Ngemva kokuphothula i-BA in Community and Health Pyschology  e-Unisa wasebenza eSouth African National Defence Force eyi-registry clerk. Ngemva kweminyaka ewu-11 washiya phansi engaphilile emoyeni, ayesenesikhathi ehamba nako engazi, ngenxa yobudlelwano ayekubona.

Eshiya emsebenzini wayehlose ukuvula isitolo sezingubo, i-boutique. Wazithola ebhala incwadi ukumsiza ukuthulula. “Ngasula emsebenzini kodwa ngazi ukuthi angifuni ukwenza i-psychology. Ngagcina ngibhala ukuthulula engangikuthwele, ngethula nezinkulumo. Isidalo sami ngiwumuntu oyigedegede, ngithanda ukukhuluma,” kusho le ngqekethi.

Ngemva kokubhala incwadi yakhe yesibili, i-Single at 34, kwazaleka ibhizinisi lokushicilela izincwadi. “Ngabona ukuthi kanti kulula. Kakade nasesikoleni samabanga aphansi ngangiwumuntu othanda ukubhala. Esikoleni uma kuthiwa asibhale isiqeshana, mina ngangibhala amakhasi.

“Ngenxa yobudlelwano engangikubona ngashayeka kakhulu kanti ukushayeka kwami yisona sikhali sami. Ngo-2018 ngase ngibhale izincwadi ezimbili. Kwathi ngo-2019 ngaqala ngacelwa abantu ukuthi ngibasize ngezincwadi zabo, abanye ngibabhalela, abanye ngibashicilelela. Ngaqala ngaba neqholo. Ngokuhamba kwesikhathi ngacelwa wuDkt uSibongiseni Dhlomo (owayewungqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natali) ukuthi ngimshicilele incwadi yakhe (i-My Journey to Robben Island). Emva kwaloko abantu baqala babona ukuthi angidlali,” kusho uNksz uShozana. Uthi ebantwini ababemeya kwakukhona nabakubo ababengayizwa indaba yakhe yokuyeka umsebenzi.

UNksz uShozana, u-babes wezincwadi

Waqala wenza izithangami zokucija abantu, wabhalela abantu izincwadi, kwathi ngo-2020 wavula isitolo sezingubo i-She Knowz. 

Usanda kwethula umcimbi wemiklomelo yababhali iBook Behind Awards. Uthi ngale kokukhuthaza ababhali, inhloso ngalo mcimbi wukwazi ukuthi abalobi bakhuthazwa yini ukubhala izincwadi zabo.

E-Intentionally Elegant Publishers kwenziwa yonke into ethinta ukubhala incwadi kusukela ekuqaleni kuze kufinyelele ekugayweni kwayo, nasekwethulweni kwayo. Kucijwa abantu behlangene noma umuntu ngamunye ngekhono lokubhala.

“Abantu abamnyama sebeyabona ukuthi akusiyo into yabelungu. Okungijabulisa kakhulu wukubona abantu bebhala izincwadi. Wonke umuntu unencwadi ahamba nayo; unendaba angayixoxa. Kumqoka ukuthi izizukulwane ezizayo zazi umlando wethu. Abazukulu bami bayojabula ngoba bayofunda ngezigigaba zempilo yami,” kusho yena sengathi wumsakazi enikwe umbhobho.

Njengabanye osomabhizinisi naye useke wabhekana nobunzima. “Kuningi esengidlule kukhona. Kusukela ekutheni abantu bangeye ngoba nakhu ngiyitonqo, ngiwumuntu wesifazane futhi ngiwumuntu omnyama nasekulahlekelweni yimali. Sengike ngalahlekelwa yimali, ngazithola kufanele ngikhokhele amakhasimende ngoba izivumelwano esizisayinile zazingacacile kahle. Ngake ngazithola kufanele ngikhokhele ikhasimende uR5 400. Angibazi ubuhlungu obunjeya!”

Uthi nokho ufundile ngendlela kanti manje akasafuniseli ngamanani akhe nemisebenzi usekwazi nokuyikhetha. “Ngiwenzile amaphutha endleleni kodwa ngifundile kuwona. Sengikhulile. Kumanje ngiphezu kwezincwadi ezintathu engizibhalela abantu. Angiwusweli umsebenzi, angivaleki,” kusho yena.

I-Intentionally Elegant Publishers iqashe izisebenzi ezintathu ngokugcwele kanti ezetoho, okungabahleli, ziba zine noma nhlanu kuye ngomthamo womsebenzi. 

Ezintweni ezimjabulisayo wukwanda kwamakhasimende abhala izincwadi ngolimi lwebele. Uthi: “Kuyangijabulisa kakhulu ukuthola izincwadi zesiZulu,” kusho lo mbhali wezincwadi eziyisikhombisa. Izincwadi asezibhalile Dismissing Excuses, Single at 34, A Self-assured Woman, Failed Relationships Lessons Learnt, A Perfect Imperfect Me, Tales of a Broken Heart Forgiveness and Healing neLet’s Talk About Umjolo – The Dating.

Uthi unezinhlelo ngekusasa. “Ngifisa ukuvula isitolo sezincwadi. Ngifisa ukukhulisa i-database yeMpophoma Yolwazi Authors’ House. Ngifisa ukugcwalisa izincwadi zabantu bakithi,” kusho yena.

Uneseluleko kwabacabanga ukuzisebenza kodwa abamathintanyawo. “Ungayeki. Wumbono wakho lona, kufanele uwenze uphumelele. Bekezela, ukholelwe ephusheni lakho. Ungasabi ukufaka imali ebhizinisini. Nami ekhaya sebeyakholelwa entweni yami. Abangabazayo bazoyibona into yakho ekugcineni,” kuphetha uNksz uShozana.

Facebook: Intentionally Elegant Publishers

Instagram: iepublishers

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhiznisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page