Basheba ubungani nebhizinisi abanenkampani ekhiqiza i-pizza edle ngokuhluka. Baxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UBUNGANI bezintokazi ezimbili zaseChesterville, eThekwini, abugcinanga ngemidlalo yaselokishini kodwa bugcine ngebhizinisi elenza, lidayise i-pizza eyenziwa ngezithako ezintsha nangomlilo wezinkuni.
I-Wood Fired Pizza isungulwe wuNksz uNombuso Mkhize noNksz uNompumelelo Makhubu ngonyaka owedlule ngenkathi iNingizimu Afrika ivalwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19. Bobabili babengakaze bacabange ukuvula lolu hlobo lwebhizinisi.
“Siqale sixoxa ngezinhlobo zamabhizinisi esifisa ukuwenza. Ibhizinisi esabe sizitshele ukuthi sizoliqala alizange liphumelele. Kwaba nezinkinga eziningi, sase siyayeka” kulanda uNksz uMakhubu.
“Kunesitolo ebesijwayele ukuthenga kusona i-pizza. Sathi uma sihleli sixoxa ngokuthi kumele senzeni ngoba umqondo wokuqala webhizinisi wabe ungasaphumelelanga, sakhumbula ukuthi sihlale sithenga i-pizza kwesinye sezitolo, sabona kukuhle sizenzele eyethu i-pizza,” kulanda uNksz uMkhize.
Ukuze baqale kwadingeka ukuthi bafune ulwazi kumngani wabo owayesebenza kwesinye sezitolo ze-pizza ukuze abacije ngendlela yokuyenza nangezithako okumele zifakwe ukuze yehle esiphundu.
“Sashesha ukufunda ukuzihlanganisela izithako nokuthi i-pizza yethu sifisa ibukeke kanjani. Kodwa sihlangabezene nezinkinga ezifana nokunquma intengo ye-pizza, ikakhulukazi uma sizobheka indawo esikuyona, sibheke nokuthi kungakanani esikwenzile ngaphambi kokuthi i-pizza (iphume),” kusho uNksz uMakhubu.
Nakuba laba bangani beke bahlangabezana nezinkinga kepha bayazethemba nge-pizza yabo ehlukile neyenziwa ngomlilo wezinkuni.
“Asisebenzisi izithako esezidlulelwe yisikhathi. Kumqoka ukuthi amakhasimende ethu athole i-pizza emnandi futhi nezithako zayo ezifana notamatisi nokunye zingabi ndala,” kuchaza uNksz uMkhize.
I-pizza iqala kuR60 futhi itholakala ngezinhlobo ezintathu okuyi-Ekasi Barbeque, i-Chicken Tikka ne-Barbecue Steak Combo.

Bavula ngoLwesine kuze kube yiSonto ngoba bathi babona ukuthi yizona zinsuku i-pizza ehamba kakhulu ngazo. I-Wood Fired Pizza iyakwazi ukudilivela amakhasimende aseduze.
Kubize uR3 000 ukusungula i-Wood Fired Pizza kanti sebeqashe umuntu oyedwa. Yize sebengosomabhizinisi abazibambele, baqala esikoleni njengoba uNksz uMkhize enza i-interior design kanti uNksz Makhubu yena wenza i-marketing.
Nokho bathi babona ukuthi loku abakufundela kwakungekona ababekuthanda kanti nokuntuleka kwemisebenzi kube nomphumela esinqumweni sabo sokuzisebenza.
“Akuwona umdlalo ukuba nebhizinisi. Kulo nyaka nje owodwa siqalile, sifunde ngokulondoloza imali nokukwazi ukubhekana nokunqikaza kwabantu elokishini esikulona ngoba ngesikhathi sisaqala bebengalethembi leli bhizinisi. (Nokho) bagcina bebona ukuthi siyibhizinisi langempela,” kusho uNksz uMkhize.
Manje lezi zintokazi ezingabangani nabalingani ebhizinisini zithi sezifisa ukusimama eChesterville zigcine sezinabele kwezinye izindawo.
Facebook: Wood Fired Pizza
Instagram: wood.firedpizza
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo