Badle ngezinto ezihlukile embonini yokupheka abacijelwe lo mkhakha eChina. Omunye wabo uxoxisane noSIMANGALISO NTSHANGASE

ABANINGI bebebangabaza ngoba bethi baningi abantu futhi asebebadala endimeni abenza ibhizinisi elifana nelabo. Nokho loko akuzange kuthene amandla izintokazi ezingabasunguli bebhizinisi lokupheka nokuhlobisa.
Usho kanje uNksz uZama Jili, umsunguli weBanzi Catering and Decorations yaseNewcastle, KwaZulu-Natali. Ubambisene nodadewabo omncane uNksz u-Anele Jili nomngani wabo uNksz uSnenhlanhla Mbatha. Zontathu lezi zintokazi ngezaseNewcastle.
UNksz uJili (uZama), oxoxe noMbele ngeBanzi Catering and Decorations, uthi ukhule evele enothando lokupheka, okungesinye sezizathu ezenze asungule lenkampani ngo-2019.
“Sobathathu senze izifundo ze-Hospitality eMajuba IT & Business College, okuyilapho esaba khona nenhlanhla yokuthola ithuba lokuyofunda kabanzi ngalo mkhakha eTourism College of Zhejiang eChina, okuyilapho esifike safunda khona lukhulu ngokupheka nokuningi okuhambisana nakho,” kulanda yena.

Uthi umcabango wokusungula inkampani wamfikela bevele beseseChina ngoJulayi ngo-2019. Kuthe ngoFebhuwari nyakenye wanquma ukusebenzisana nodadewabo nomngani wabo ngoba ebona ukuthi banombono ofanayo futhi basuka ndawonye.

Uthi okwamanje basasebenzela eNewcastle namaphethelo futhi amakhasimende abo akuthokozela kakhulu ukudla kwabo, nokubakhuthazayo ukuthi bangadikibali uma livivinywa ibhizinisi labo.
“Bekunzima ikakhulukazi ngenkathi sisaqala ngoba abantu abaningi bebesingabaza ngoba naku sibancane ngokweminyaka nangokwamava kule ndima kodwa ukuba namakhasimende asethembayo zikhathi zonke kwenze sama noma sekulukhuni,” kusho uNksz uJili.
Babuye basebenzisane noNksz uSinethemba Nene wakhona eNewcastle, yena obamba iqhaza elikhulu lokukhangisa nokusabalalisa ibhizinisini labo ukuze bathole namakhasimende amasha.
“Sisebenzisana nanoMnu uSiyabonga Madonsela, ongumphathi wenkampani ebizwa ngokuthi Imicimbi Decor, okunguyena osisiza ngokusicebisa uma kuziwa kwi-décor, ngoba okuningi sisakufunda ngayo,” kuchaza yena.
Bananokudla abakupheka nsuku zonke kanti amanani akho abiza phakathi kukaR50 noR90 ipleti.

“NgoMsombuluko kuya ngoLwesine senza uhlobo lwezidlo ezi-odwa ngamakhasimende ethu, kuthi ngoLwesihlanu nangoMgqibelo sihambela iNewcastle namaphethelo sipheke, sithengise ukudla kwethu sisebenzisa ikhishi lethu elingumahambanendlwana,” kuqhuba yena.
Njalo ngoMgqibelo wokuqala enyangeni benza umcimbi obizwa ngeFeast Flavor, kuwona abahlanganyela ezindaweni ezahlukene eNewcastle bapheke, bathengise ukudla kwabo ngokubambisana nabanye abapheki bendawo.
“Esikufisayo (eminyakeni) ezayo wukuthi sikhulise umcimbi wethu weFeast Flavor, senze izithangami zokupheka bese sikhulisa iBanzi Catering and Decorations igcine isinamagatsha kulo lonke leli (zwe),” kuphetha uNksz uJili.
Facebook: Banzi Catering and Decorations/Feast Flavor
Instagram: @banzicateringandanddecorations/@feastflavor
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.