Usizi losomabhizinisi abancane, indlala, ububha nokuntuleka kwemisebenzi kusazothi bhe eNingizimu Afrika. USLINDILE KHANYILE noSIMANGALISO NTSHANGASE bayabika

KUSENZIMA nokuchaza kahle ngobukhulu bomonakalo owenzeke kugqekezwa isakhiwo sebhizinisi labo lokuhlanza amanzi bese bewakhiqiza esewuhlobo lwe-still ne-alkaline kuMnu uMondli Xaba waseRichards Bay, eNyakatho yeKwaZulu-Natali.
UXaba, umsunguli weWellness Alkaline Water nomkakhe uNkk uNozipho Xaba ngo-2019, bangabanye bosomabhizinisi abakhala bezithulisa emva kokubheduka kwezibhelu esezidlule nemiphefumulo ebalelwa ku-26 KwaZulu-Natali futhi zashaya phansi izinhlaka zomnotho kulesi sifundazwe naseGauteng.

Yibhizinisi leli elondla imindeni emine uma kubalwa nowabo njengoba liqashe abantu abathathu. Echaza ngomonakalo engxoxweni abe nayo noMbele, uXaba uthe bebegcine ukusebenza ngoMgqibelo kodwa bangavula ngoMsombuluko benzela ukuphepha kanti ababuzanga elangeni.
“Ngawo uMsombuluko ngibe sengiya kwelinye lamagaraji angakuthelawayeka ngiyothela uphethroli, kwakhona into ethi angidlule ehhovisi ngiyobheka isimo ukuthi sihamba kanjani, nokuyilapho-ke engizithele khona phezu komonakalo ngifica kugqekeziwe, kwacekelwa phansi nempahla eningi ewumgogodla webhizinisi.
“Okwamanje yimina kuphela okwazi ukwenza uhlobo lwamanzi e-alkaline lana naseRichards Bay namaphethelo. Nawe uyazi-ke ukuthi uma uqala ibhizinisi kumele ubheke okungekho, okudingekayo nokwehlukile ongaqhamuka nakho, okuyisona sizathu-ke esenza kusunguleke leli bhizinisi,” kusho yena.
Uthe kusukela baliqala bese betshale uR200 000 kulona. Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi kuzofanele bazilungisele bona umonakalo ngoba esimweni esifana nalesi kulikhuni ukukhomba umuntu oyedwa.

UXaba uthe okwamanje bazophoqeleka ukumisa izisebenzi besazama ukulungisa umonakalo kodwa banethemba lokuthi konke kuzobuyela esimweni maduze futhi bandise nesibalo sabantu ababaqashile.
UNksz uZodwa Ndaba yintatheli yezemidlalo okuthe ngokungawutholi umsebenzi wokuqashwa ngokugcwele ebuntathelini waqalaza enye indlela angaziphilisa ngayo. Uphindele ekhaya eMnambithi ngo-2018, waqala ibhizinisi lokupheka ukudla kwesintu esebenzisa esinye isakhiwo ebesingasebenzi ekhaya.
Likhulile leli bhizinisi wagcina esevule indawo yokudlela i-38 Meat Bistro khona eMnambithi njengoba eze wathola ilayisensi yokudayisa utshwala.
Uthi lezi zibhelu yisiqubu sesithathu osekumele abhekane naso ezibeka ibhizinisi lakhe engcupheni.
“Ziqale izinto ukuphakama ngo-2019 kodwa kwase kuba nemibhikisho eyavala uMnambithi eyaqhubeka inyanga yonke. Kuthe sisanda kuvula emva kwalokho, kwase kuqala ukuvalwa kwezwe (ngenxa yeCOVID-19),” kulanda uNksz uNdaba.
“Emva kwaloko siyaye sivule, sivale ngoba into esengiyibonile ebhizinisini wukuthi utshwala yibona obuletha abantu futhi bubenze bahlale ngaphezu kokudla. Kwenzeka loku manje besivele sikade sivalile.”
UNksz uNdaba uthi ngabe bakude ukube abaphazanyiswa wukuthi babuye bavale. Indawo yakhe ayicekeliwe phansi njengoba osomabhizinisi abanye akhelene nabo eMnambithi begadile ubusuku nemini kodwa kukhona ukwesaba.
Uthi nakuba ehlalele ovalweni kodwa ithemba usenalo futhi ngeke aphele amandla kodwa uzoqala phansi ngoba ayikho enye into angayenza.
I-38 Meat Bistro iqashe izisebenzi eziyisihlanu, uma kubalwa naye futhi, uthi noma kuvaliwe uyaqhubeka aziholele. Unxuse abacekela phansi ukuthi bacabangisise umonakalo abawenzayo.
“Izoba yinkinga emindenini yethu le nto, sizolamba. Noma ngingakwazi ukuqhubeka mina nebhizinisi lami kodwa umzala wami osebenza kwaShoprite yena uzophelelwa umsebenzi. Abantu abamnyama abasebenza emafemini… abantu abayiyeke le nto. Ayikho into eyilethayo ngaphandle kwendlala,” kukhuza uNksz uNdaba.

Sebewu-491 abantu asebeboshiwe KwaZulu-Natali ngenxa yalobu bugebengu. NgoLwesibili uNdunankulu uMnu uSihle Zikalala uthe nakuba kungakaphothulwa kahle izibalo kodwa umonakalo owenzekile kwingqalasizinda ngeke ube ngaphansi kukaR1 billion.
Kubheduka lolu dlame nje ubuvele umnotho untenga ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19 ephoqe ukuthi kuvalwe amabhizinisi ukuzama ukunqanda ukubhebetheka kwalesi sifo, nakho okufike kuvele kunezinkinga ezifana nokunqamuka kukagesi nokuntuleka kwemisebenzi.
Ngonyaka odlule umnotho wehle ngo-7%, kwashabalala imisebenzi ewu-2 million. Kumanje isibalo sabangasebenzi simi ku-32.6%. Nokho ibisikhona inhlasi yethemba ngomnotho njengoba ngekota yokuqala ukhule ngo-4.6%.
Osomnotho bathi iseyinde indlela esazohanjwa yiNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi kuphinde kusukume umnotho. Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthe izinkinga ezikade zaba khona zokuntuleka kwemisebenzi, ububha nokungalingani kwabantu zibe nesandla kuloku okwenzekile ezweni.
“Asikwazi ukuqhubeka kanje siwumphakathi futhi uhulumeni uhlulekile njengoba siyizwe lapho ukungalingani phakathi kwabantu kuphezulu kakhulu emhlabeni. Okubuhlungu wukuthi ayikho into uRamaphosa ayishilo ngeSonto noma izolo (ngoMsombuluko) enikeza ithemba.
“Alikho icebo lokusikhipha kule nto. Izibonelelo ebezikhokhwa kuvalwe izwe ebezivele zincane azisekho, kwagagamelwa ngokuvalwa kwezwe. Kunocwaningo oluphume ngesonto eledlule oluveze ukuth kunabantu abawu-10 million abathi balale bengadlile ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule. Asisenazwelo ngabantu, uhulumeni uvale izindlebe ngosizi lwabantu,” kusho yena.
UGqubule uphakamise ukuthi uhulumeni awukhokhele isibonelelo sokusiza abantu i-basic income grant, athe ungayiqala okungenani ngoR585. Uthe kade babenza lezi ziphakamiso ukukhombisa uhulumeni ukuthi yinto engenzeka lena.
“Uma imigomo isami ngale ndlela eyiyona akukho mnotho ozophinde usimame lana. Uhlelo lokugoma luphazamisekile, u-Eskom usanezinkinga zawo futhi izwe lisavaliwe. Loku esibhekene nakho yisibhicongo esithinta impilo yabantu ngaphezu kokuba yisibhicongo somnotho,” kusho uGqubule.
Omunye usomnotho uMnu uMike Schussler uthe yisibhicongo loku okwenzekile futhi kuzozwela kuwona wonke umuntu, ikakhulukazi abantulayo nosomabhizinisi abancane.
“Kuzothatha iminyaka ukuvuselela izinto. Uma ubheka inxanxathela yezitolo nje, ukuyakha kabusha kuthatha ngaphezu konyaka ngaphambi kwemicikilisho yokuthi ukwazi ukusebenza, ufake isitokwe. Ithemba kubathengi lizokwehla kanjalo nethemba emnothweni wethu,” kusho uSchussler.