UNksz uSindi Cele, umnikazi weSU Skin Range, yezimonyo neziphaqulo

Izithombe: Zithunyelwe

Uhlangane nezimonyo ngendlela, wazifundisa ngazo, lwakhula uthando oseluzale ibhizinisi lemikhiqiziso esidayiswa nakwamanye amazwe. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UMUNTU nomuntu uba nephupho kodwa ubizo lwakhe ngeke alubalekele. Kube njalo nakumphaquli wobuso futhi onebhizinisi lezimonyo waseMlaza, eThekwini. Wafundela omunye umkhakha ukufeza iphupho lakhe kepha namuhla usengene shi emkhakheni ohlukile kunalowo awufundela esikoleni.

UNksz uSindi Cele ugcine esungule iSU Skin Range. Le ntokazi yaqala ngeziqu zePublic Relations eDurban University of Technology. Pho ngabe uthando lwezimonyo nokuphaqula abantu kuqhamukaphi ? Uthi uqale ukunaka izinto eziphathelene nezimonyo nokunakekela ubuso efika kulesi sikhungo semfundo ephakeme futhi abantu babemncoma indlela enza ngayo njengoba agcina ephaqula umngani wakhe owayeshada nezimpelesi zakhe.

Lokhu kwalandelwa wucwaningo njengokubukela uhlelo lwethelevishini iTop Billing nokufuna ulwazi kwi-internet.

“Ngabe sengibona ukuthi nginothando lwezinto ezithinta ubuhle nesikhumba. Ngavele ngaziyela mina kwa-Estée Lauder ngabakhombisa umsebenzi wami. Ngasho ukuthi angiqeqeshiwe kodwa ngezandla zami ngiyakwazi ukwenza umsebenzi omuhle. Ngathola umsebenzi (khona) ngaba nolwazi olusha noluthe xaxa kwezobuhle,” kulanda yena.

Lukhulile ulwazi lwakhe ngenkathi esebenza emkhunjini owawuhambela eMelika, eFrance nase-Italy phakathi kuka-2010 no-2013 njengoba wayesebenza e-spa. Esebuyile ngo-2013 waqeqeshwa kwa-Make Up Your Mind, nokwalandelwa wukuthi abhalise inkampani ethi yena.

“Indaba yokuba nezimonyo zami yona ifike ngemva kokuthi ngibe nenkinga yesikhumba ngo-2015. Savele sashintsha saba namaqhuqhuva. Ngabe sengizihlanganisela imikhiqizo ngokubheka kwi-internet ngihlanganisa izinto eziyizithako zemvelo ukuze ngisizakale. Loku engangikuhlanganisa kwangisebenzela yize noma mina ngangingacabangi ukuthi kungagcina sekuqhamuka izimonyo ezibizwa ngegama lami,” kusho yena.

Uthi abantu ababemkhuthaza bamnikeza umqondo wokuthi angaba nezimonyo zakhe, wase eselandela uhlelo leSouth African Home Loans, olubizwa ngeSekela Programme. Wakwazi ukubhalisa eNyuvesi yasePitoli, wenza iziqu zePhytomedicine And Natural Ingredients egxile ekuhlanganisweni kwezithako ukwenza isimonyo.

Eminye yemikhiqizo yeSU Skin Range

“Uhambo lweSU Skin Range lude kakhulu. Kade iqalile indlela ebheke empumelelweni yaleli phupho lami (kanti) ibingelula neze. Kwamanje ayilula kodwa ngoba ngiyayithanda ngenhliziyo yami yonke, konke kuyenzeka,” kusho uNksz uCele. 

Izimonyo zeSU Range zakhelwe isikhumba sabantu abamnyama besifazane nabesilisa kanti zihlanganiswe ngezithako zemvelo.

“Abantu bangakhetha noma yikuphi abakudingayo kwizimonyo zethu ngoba sineSU Skin Polish, iSkin Moisturiser, i-Elixir, eyenza isikhumba ukuthi singomi neMineral Mud Mask. Into engiyibhekile ngalezi zimonyo wukusabalala nasemazweni angaphandle, kube yiwona azothatha lezi zimonyo kuleli zwe,” kusho yena.

Izimonyo ziqala kuR160 kanti okwamanje  zitholakala online kuphela bese zithunyelwa emakhasimendeni ezweni lonke nasemazweni angomakhelwane njengeBotswana naseSwatini.

Lo somabhizinisi useke wasebenza nosaziwayo okubalwa kubona uNandi Madida, uMinnie Dlamini-Jones kanti uke waba wumphaquli emcimbini wama-Loerie Awards. 

“Usuku nosuku lusho ukuzincisha ezinye izinto ukuze kuphumelele ibhizinisi,”  kusho uNksz uCele.

facebook : Sindisiwe Uzuri

twitter : @sindisiweuzuri

instagram : sindisiweuzuri

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page