Usenebhizinisi lika-ice cream elikhulayo owaqala ukuwenza ngoba ezijabulisela umyeni wakhe. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UBEPHEKELA umyeni wakhe afake isithombe ezinkundleni zokuxhumana engazi ukuthi ngokwenze njalo uzozidonsela amakhasimende, nokugcine kumqalise ibhizinisi lokupheka.
Ngenxa yokuvalwa kwezwe, nokwanciphisa imicimbi nokuthi kwase kusondele ukuthi ashade, ube eseshintsha kancane icebo lakhe wathi akenze okuzoba lula – waqala ibhizinisi lika-ice cream. Eqala ukuwenza wawenzela umyeni wakhe, nokunguyena owafaka isithombe ezinkundleni zokuxhumana, lasukuma kanjalo ibhizinisi.
UNkk uThabisile Makhathini uwumsunguli we-Umlazi Famous Ice Cream yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.
“Ngangiziphekele nje ukudla kwasendlini. Ngakuphaka, ngase ngikufaka kuFacebook, ngafaka nenani. Mina ngabe ngizama ukubona ukuthi abantu bazofisa yini ukuthenga, ngathuka ngesikhathi sebefaka izicelo zokuthenga,” kukhumbula yena.
Emva kwesikhashanyana waqhamuka nelinye icebo lokuzoba lula ngoba wayesezoshada futhi engafuni into ukuthengwa kwayo okuncike emicimbini.
“Ngabe sengibona kwelinye ikhasi lase-Australia befake u-ice cream, ngaba nothando ngoba ngabona into engajwayelekile ngase ngicabanga ukuthi nami ngiyiqale.
“Umuntu wokuqala engamenzela lo ice cream wumnyeni wami, nokwathi uma efaka isithombe sawo ezinkundleni zakhe zokuxhumana, baba baningi abantu ababuza ngawo. Namhlanje siyibhizinisi elinonyaka sikhona (eMlaza),” kulanda uNkk uMakhathini.
Imali yokuqala ayenza ngokudayisa u-ice cream wakhokhela ngayo ikhekhe labo lomshado. UNkk uMakhathini okwamanje usebenzela kwakhe. Ulekelelwa wumuntu oyedwa nomyeni wakhe uma ekhona.
Uthi kudingeke ukuthi ajule kakhulu ngocwaningo lwebhizinisi ebheka njengoba abheka izitolo zakuleli ezidumile zokudla nokuthi kungani abantu bezikhonzile.
“Kumqoka ukuthi igama lebhizinisi lihlale ebantwini. Mina ngacwaninga ngaze ngathola nenkampani engenzela izindishi engifaka kuzona u-ice cream wami ukuze ufakeke kahle futhi ubukeke kahle uma sengiwuhlanganisile. Lilonke nje abantu bayazithanda izinto ezinhle nezimnandi,” kusho yena.
Udayisa ama-milkshake nama-waffle, ezinye izinto ezitholakala ezitolo ezidayisa u-ice cream njengesakhe. Umlazi Famous Ice Cream udayisa izinhlobo iBlueberry, iVanilla, iSalted Caramel, iChocolate neMint. U-ice cream ubiza phakathi kukaR50 noR75.

Lo mama wabafana abathathu osebenza kwenye yezinkampani ezinkulu ezweni uthi akukho lula ukuqhuba ibhizinisi neminye imisebenzi yakhe kodwa kuyenzeka ngoba uzimisele futhi unothando.
Ukholwa wukuthi kuhle ukuthi abantu abamnyama bakwazi ukuqala amabhizinisi besemalokishini futhi asimame khona ngaphambi kokuya kwezinye izindawo.
Naye unazo izinselelo abhekana nazo. “Enye yezinkinga engiye ngibe nayo wukufonelwa ngabantu babuze ngendlela (engenanhlonipho) ukuthi ngabe ngiwuthaka kanjani u-ice cream wami, omunye aze abuze nokuthi izitsha zokuwufaka ngizithengaphi. Anginankinga ngokucobelela ulwazi uma nje umuntu ezocela kahle, ngimkhombise bese naye ezenzela okwakhe ngendlela yakhe. Into eseyinselelo wukuthi abanye abantu bangakwazi ukuhlonipha mina nomsebenzi wami.”
Uthi kuhle ukuhlonipha abantu uma unebhizinisi nokusebenzisa umqondo usabalale.
Umlazi Famous Ice Cream usezinhlelweni zokusabalala ngamafriji amakhulu nemoto ezoba nefriji ngaphakathi ukuze ukwazi ukufinyelela emalokishini ehlukene ngezimpelasonto.
Facebook: Umlazi Famous Ice Cream
Instagram: thabisile_radebe3
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo