Udume ngomculo wokholo kanti lolo dumo uselwenze lwamsebenzela njengoba esexhantele kwamanye amabhizinisi. Uxoxe noZANELE MTHETHWA

KUSUKELA ngonyaka odlule ubemandla ezinkundleni zokuxhumana encoma isithukuthuku sakhe ngoba ubejatshuliswa wumuzi oyisitezi awakhile.
Loku kugcine sekubacasula abanye ngenxa yendlela abeyiphela endlebeni ngayo. Kodwa namhlanje bambalwa abangazi ngalo muzi womculo wokholo uMnu uThina Zungu oseNanda, eThekwini.
Lo muzi yiwona oyisisekelo senkampani yokwakha yalo mculi osugcine uzala inkampani yokwakha iThina Zungu Construction.
Ngaphambi kokusuyingula ubevele ewumnikazi weThinah Zungu Music Productions. Uwumsunguli womncintiswano wokuthuthukisa abaculi bomculo wokholo. Nomkakhe uNkk uZama Zungu unebhizinisi lokupheka.

Utshele Umbele ukuthi umqondo wokusungula inkampani uqale ngenkathi elungisa kubo eMatikwe, eNanda.
Wayengakaze acabange ukungena ebhizinisini lokwakha kodwa ukubona kufezeka iphupho lokwakhela abazali bakhe kwamcabangisa ngenye indlela. Kuthe eseqala ukwakha isitezi sakhe ngo-2019, waqina umcabango wokungena ebhizinisini lokwakha.
“Ngesikhathi kwakhiwa umuzi wami bengibuka wonke umsebenzi. Ibingekho into ebhalwe phansi ukuthi ngifuna umuzi ube njani kodwa konke (bekusekhanda). Abakhi bebethembele kimina ngoba yimina ebengibatshela, ngibuye ngibashintshise ukuthi ngifuna kwakhiwe kanjani. Ngibone lapho ukuthi ngingangena emkhakheni wezokwakha,” kulanda lomculi osehlabane ngezindondo eziwu-11 emculweni.

Kuthe esaqala ukunethezeka esitezi kwafika isomiso somsebenzi emculweni ngenxa yokubheduka kweCOVID-19. Yilapho ebone khona ukuthi sekuyisikhathi sokugxila kwezokwakha. Ubesevele eseyibhalisile iTZ Construction ngenkathi kwakhiwa isitezi sakhe, esaphela ngezinyanga eziyisishiyagalolunye siqalile ukwakhiwa.
“Kungisebenzele ukuba negama emphakathini. Ngisebenzise sona isitezi ukumaketha ibhizinisi. Ikhasimende lokuqala lifune umuzi ofana nowami ncamashi. Amakhasimende ami ajatshuliswa wukwakhelwa ngumuntu osenegama ngoba abakhi abasathembekile,” kusho uZungu.
Kusukela eqale ukugxila ebhizinisini lokwakha ngonyaka odule, uthi usakhele amakhasimende ayisithupha. Ubecabanga ukwakha izindlu kuphela kodwa sekukhona abafuna ukwakhelwa amahholo namasonto.

Lo mculi owaziwa ngokuqhakambisa indawo akhulele kuyo eNanda uthi ngisho izisebenzi zakhe ngezendawo. Kumanje unezisebenzi eziwu-50 eziqashwe ngokugcwele neziwu-80 eziyitoho.
Usho ngeqholo ukuthi ikati alikaze lilale eziko yize bekunesomiso emculweni.
“Emakhasimendeni esengiwakhele kukhona amathathu aphesheya angicele ngoba engethemba njengomuntu owaziwayo. Umsebenzi ufika ubuthaphuthaphu kodwa ngikholelwa ekuqedeni owodwa ngesikhathi. Angifuni ukuzifakela ingcindezi bese singakwazi ukuqeda umsebenzi. Ngiyazitshela nezisebenzi zami ukuthi uma kukhona okungahambi kahle kuyobe kulimala igama lami,” kuchaza yena.
UZungu usethenge enye indawo azokwenza kuyona ibhizinisi lokuzakhela ama-blocks. Nalapho uthi uhlose ukwandisa amathuba omsebenzi eNanda.
Usanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana nomsakazi woKhozi FM uKhathide “Tshathugodo” Ngobe, naye osemkhakheni wezokwakha.
Isitezi sakhe sike sivakashelwe ngabafuna ukuzozibonela idumela laso. Echaza ngaso, uthi sinamakamelo ayisihlanu, izindlu zokugezela ezintathu, igaraji, indawo yokuzivocavoca nelondolo.
Usanda kususa omunye umsindo eveza ukuthi sekune-swimming pool egcekeni. Uthi yakhiwe ngomunye osengaphansi kwenkampani yakhe.
Yize engazisoli ngokushiya esilungwini azokwakha kobantu, uthi uyafisa kuthuthukiswe indawo akhe kuyona njengoba kusabheda ngokwengqalasizinda.
Ukholwa wukuthi umuzi wakhe ungeminye yenyusa izinga lendawo.
“Ngingajabula naso isitezi sibe ngaphansi kwezindawo ezivakashelwayo njengoba iNanda inomlando oqhakambisa ezokuvakasha,” kusho uZungu ehleka.
Facebook: Thinah Zungu
Instagram: @thinahzungu
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhiznisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

