UNkk uNqabakazi Ngxumza-Vantyi, umnikazi we-UyiNqaba Designs yengqephu yesiNtu, yaseMidrand, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Lugcine lumnqobile ubizo lwemfashini aqala ukulizwa esemncane osezisebenza kule mboni. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NJENGENTOMBI yehlulwa uthando lwensizwa, ugcine enquma ukulandela inhliziyo yakhe ngokugxila emkhakheni wezemfashini.

UNkk uNqabakazi Ngxumza-Vantyi, oneminyaka engu-43, wumsiki wengqephu nomthungi enkampanini yakhe i-UyiNqaba Designs. Le nkampani yemfashini eqhakambisa imisiko yaseNingizimu Afrika nobu-Afrika, izinze eMidrand, eGauteng, lapho asehlala khona. Udabuka eMthatha, eMpumalanga Kapa. 

Lo somabhizinisi ufunde ePort Elizabeth Technikon, esiyaziwa ngeNelson Mandela University, lapho aphothula khona izifundo zakhe ze-Fashion Design ngo-1999.

Uthi uthando lwakhe lwezemfashini nokusika ingqephu yinto eyaqala esemncane. Efunda amabanga aphezulu wayevele eseqalile ukuthunga izimpahla ezihlupha nangokuningi okuthinta lo mkhakha.

“Ukungena kwezemfashini kwakuvele kuyiphupho lami kusukela ngimncane. Ngemuva kokuphothula izifundo, zemfashini ngibe sengisebenza njenge-sales and marketing manager iminyaka engaphezu kweyisihlanu,” kulanda yena.

Yize ebeqhubeka nokuthunga uma ethola isikhathi kodwa intshisekelo anayo ngemfashini igcine imnqoba, nokwaholela ekutheni asule emsebenzini ngo-2016. Uqale ukugxila ebhizinisini lemfashini kusukela ngo-2017.

“I-UyiNqaba Designs ngiyibhalise ngokusemthethweni njengebhizinisi ngoSepthemba (wango-2018). Sigxile kakhulu ekwenzeni imisiko yezihlanga (ezihlukene) zakuleli kanjalo neqhakambisa izwekazi i-Afrika, ukuhloba nobuhle bayo,” kusho uNkk uNgxumza-Vantyi, osebenzisana nabesifazane abathathu.

Amanani ayashiyana kuya ngokuthi ikhasimende lithungisani nengakanani. Izikhwama zibiza uR400, amahembe abesilisa abiza uR800 kuya kuR1 000, ingubo yabesifazane iwuR1 750 kuya kuR3 500. Izingubo zomshado zabesifazane ziqala kuR6 500, kuthi ezabesilisa zibe uR2 700 kuya kuR3 000.

Eminye yemisiko yase-UyiNqaba Designs

Ukhale ngokubheduka kwegciwane iCOVID-19, athi libe nomphumela ongemuhle ebhizinisini lakhe, njengoba ngonyaka odlule alahlekelwa yimali eningi ngenxa yokuvalwa kwemicimbi okuyiyona eheha amakhasimende athungisayo.

“Kodwa-ke sengithokozela khona ukuthi bengivele ngisebenzisa igaraji ekhaya njengesitolo engisebenzela kusona. Loko kwenze ngangalahlekelwa yimali eningi njengabanye obekumele bakhokhe irenti ezindaweni abasebenzela kuzona, kube kungekho mali engenayo.”

Ucebise abanesifiso sokuqala ibhizinisini ukuthi bazethembe, babekezele bazi nokuthi ayikho into eza kalula emhlabeni, konke kusetshenzelwa kanzima.

“Yazi ukuthi ufuna ukwenzani nokuthi nganhlosoni. Gxilisa umqondo wakho kokwenzayo ungadikibali,” kucebisa yena.

Uthi akuhlosile wukuqhubeka nokukhiqiza impahla esezingeni elicokeme, ukuze agcine amakhasimende akhe ejabule ngaso sonke isikhathi.

“Kusekuningi kakhulu engihlose ukukwenza futhi (kusezinhlelweni zami) nokuthi ngigcine senginesitolo noma ezimbili nje; ukuze ngikwazi ukusebenza ngokukhululeka ngoba amakhasimende ethu maningi futhi ayakhula usuku nosuku,” kuphetha uNkk uNgxumza-Vantyi.

Facebook: Uyinqaba Designs 

Instagram: @nqaba_thefortress / @uyinqaba_designs

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page