UNksz uMahlatshe Mailula, umsunguli weLatteria Delish, inkampani eyenza ushizi yaseSeshego, eLimpopo

Izithombe: Zithunyelwe

Ushintshe endleleni ebona ithuba elisha osenenkampani ekhiqiza ushizi. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

KUSHINTSHE ukudla epuletini eseguqula inhloso yokungena kwakhe kwezamabhizinisi. Ungene kwezamabhizinisi ngenhloso yokuthengisa ubisi kepha zajika izinto esethatha isinqumo sokukhiqiza ushizi.

UNksz uMahlatse Mailula, oneminyaka ewu-30, waseSeshego, ePolokwane, eLimpopo, usungule inkampani yakhe iLatteria Delish. Elanda ngokungena kwakhe kwezamabhizinisi, uthi ubengenalo ulwazi namava kodwa intshisekelo yokuba wusomabhizinisi yamenza waqhubeka kunjalo.

“Uthando lokwenza ushizi lwaqala ngenkathi ngizama ukungena ebhizinisini lokuthengisa ubisi, ikakhulukazi ubisi olumnandi. Ngathenga izincwadi enye yazo eyayinesahluko esichaza ngezinto ongazenza usebenzisa ubisi. Ukwenza ushizi kungenye yezinto engathola ukuthi ngingakwazi ukuzenza ngisebenzisa ubisi,” kulanda yena.

UNksz uMailula usungule iLatteria Delish ngo-2018. Ikhiqiza izinhlobo ezimbili zikashizi, okuyi-white cheese ne-semi-hard cheese. Manje usezinhlelweni zokwengeza i-blue cheese.

Uthi ukuba sebhizinisini lokwenza ushizi kumfundise ukuba nesineke, athi yinto abengenayo nhlobo, wafunda nokwenza ushizi ngendlela yesintu esebenzisa uhlobo lobisi olungahluziwe nolungaxutshwe nalutho.

Enye inhlobo kashizi weLatteria Delish

“Ngenza ushizi omncane nodinga isikhathi esingangamasonto ayisithupha ‘ukuvuthwa’ ukuze ube sesimweni esifanele ngisebenzise izinhlayiya zesintu ukuze ngiwunonge. Ukuze unambitheke kamnandi kudingeka ukuthi ngiwunikeze isikhathi, ngivumele nalezi zinhlayiya ukuthi zingene kahle kuwona zikwazi ukuwugcina unomswakama odingekayo,” kuchaza uNksz uMailula.

Uthi ezinye izinhlobo zoshizi zithatha cishe isikhathi esingangonyaka ukuze zibe sesimweni esifanele, wathi konke loko ukufunde ngokwenza amaphutha esaqala leli bhizinisi.

“Ngifunde ngokuthi ngenze ngilandela izindlela zokusebenzisa izithako ebengizithola ngokucwaninga kwi-internet nangokufunda umlando wokuthi ushizi wenziwa kanjani. Ukufunda ukuthi ushizi wawenziwa kanjani kudala yikona okungikhuthaze ukuthi ngisebenzise le ndlela ethatha isikhathi eside ukuwenza,” kuqhuba yena.

Uthi ukuxhaswa yiNational Youth Development Agency kumsize kakhulu ukuqala ibhizinisi.

“Ngenkathi ngiqala ngathola usizo lwemali engalisebenzisa ukuthenga izinsizakusebenza engizisebenzisa ukwenza ushizi wami,” kusho yena.

Uthi isifiso sakhe esikhulu manje wukuthola umshini omkhulu wokwenza ushizi ukuze akwazi ukuwenza ube mningi, ikakhulukazi ngoba ama-oda abantu abawufunayo ayanda nsuku zonke.

Uthi ukungabi nomuntu omcijayo nomelulekayo kwenze izinto zakhe zangashesha kodwa nakuba kunjalo uthi uyaziqhenya kakhulu ngohambo lwakhe nasekwenzile eLatteria Delish.

“Namuhla sengingakwazi ukufundisa omunye umuntu ukwenza ushizi ngoba ngathatha indlela eyangenza ngabhekana nobunzima ngaphambi kokufika kuleli zinga lempumelelo engikulona nengilithokozelayo manje,” kuphetha uNksz uMailula.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za 

Facebook: LatteriaDelish

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page