INingizimu Afrika ingakwazi ukushintsha ngokushesha ukuqeda ukuntuleka kwemisebenzi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule sizwe ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyukele ku-32,9%, okusho ukuthi umuntu oyedwa kubantu abadala abathathu akasebenzi. 

Inkantolo iyalele Ithala ukuthi lisebenzisane nomlawuli

KULOKOZA inhlansi yethemba kubantu abangakwazi ukuthinta imali yabo esebhange Ithala emva kokuthi amajaji eNkantolo ePhakeme KwaZulu-Natali enqume ukuthi leli bhange kufanele lisebenzisane nomlawuli ukwenza uhlelo lokubuyisela abantu izimali zabo. 

Kufunwa abatshalimali abazovusa imboni yamathayi eGqeberha 

NJENGOBA ivala ifemu yamathayi iGoodyear eseKariega, eGqeberha, unobhala-jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) uMnu u-Irvin Jim uthi bafuna abatshalimali abazoyithenga. 

Yize imboni yezimoto ibhekene nentela yaseMelika kodwa akhona amanye amathuba – izingqapheli

IMBONI yezimoto eNingizimu Afrika ibhekene nezinselelo zohwebo nokuphazamiseka kwezindawo edayisa umkhiqizo wayo kuzona, okubalwa nentela yaseMelika ewu-30% yezimoto nezinsimbi zazo ezisuka kuleli zwe. 

Ugesi ohlanzekile uzotshala uR8.5 billion emnothweni waseThekwini 

KUSANDA kuphoqeka umlando ngesikhathi ungqongqoshe womNyango kaGesi naMandla uDkt uKgosientsho Ramokgopa ememezela ukuthi uMasipala waseThekwini usuzoziphehlela ugesi ohlanzekile.

Inkampani yezimoto yase-India ivule imboni yokukhiqiza eDube TradePort 

ZIYANDA izinkampani zezimoto ezinezimboni eThekwini njengoba iMahindra yase-India, ivule imboni yokukhiqiza izimoto eDube TradePort, eduze kwesikhumulo samabhanoyi iKing Shaka International Airport, eThekwini, KwaZulu-Natali.

I-BLSA ithule ithuluzi elizokhombisa izinguquko ezenzeka emnothweni 

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ithule indlela ezokhombisa abantu izinguquko ezathenjiswa wuhulumeni okufanele zenzeke emnothweni, olubizwa nge-BLSA Reform Tracker. 

Sizogada izinguquko zikahulumeni ukuqikelela ukuthi ziyaphumelela, kuloba uBusi Mavuso 

IMPUMELELO yethu emabhizinisini incike kuhulumeni. Uma uhulumeni uhluleka, izwe liyahluleka. Uma izwe lihluleka, amabhizinisi ayahluleka.

ITheku lizophucula ingqalasizinda yekomkhulu leToyota ngoR450 million 

UKUGQUGQUZELA izimboni ukuthi zihlale eThekwini, imeya yalo masipala uMnu uCyril Xaba ithi bazotshala uR450 million ukulungisa ingqalasizinda eProspecton, eningizimu yedolobha.

Wakha umbuso wamajusi akhuculula ukungcola kokudla kwaselokishini

UKUKHULELA emigwaqweni ephithizelayo yelinye lamalokishi amakhulu aseThekwini lapho kuvimbanise khona iphunga lokudla okusheshayo nemikhuba engemihle yempilo yansuku zonke, intokazi yaKwaMashu yabanombono wokuguqula leyo mpilo ngebhodlela elilodwa lejusi.

INingizimu Afrika inemali eyanele yokusiza ezimweni eziphuthumayo – uKganyago

PHEZU kokuthi umnotho emhlabeni jikelele ungakhuli ngendlela efanele ngenxa yezimpi eziphakathi kwamazwe ahlukene nentela ekhokhiswa izimpahla ezidayisa eMelika kodwa umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthi akufanele abantu baseNingizimu Afrika babenexhala.

I-reSURGEnce yisidikadika sethuba lokuhlomula kosomabhizinisi

ZIVULIWE izicelo zokukhangisa embukisweni wamabhizinisi i-reSURGEnce ozobaseThekwini kusukela ngomhlaka-20 kuya kumhlaka-24 wangoSepthemba seNkosi Albert Luthui International Convention Centre, eThekwini, KwaZulu-Natali.  

I-Standard Bank ibeke eqhulwini ukuphucula i-Afrika – uTshabalala

IBHANGE elikhulu kunawo wonke e-Afrika ngokwezimpahla iStandard Bank linengqungquthela egqugquzela ukuxhasa i-Afrika ngezimali ukuze ibe nengqalasizinda esezingeni eliphezulu.

Uhulumeni awushintshe izinhlelo zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMNYANGO weziMali uhlongoza izinguquko ezinhlelweni zikahulumeni zokubhekana nomonakalo odalwa yizinhlekelele zemvelo okubalwa kuzona izikhukhula, isomiso, imililo yequbula nezidalwa ngabantu njengezibhelu. 

Uhulumeni nezinhlelo zokusiza amabhizinisi azoshaywa yintela yaseMelika 

UNGQONGQOSHE womNyango wezangaPhandle uMnu uRonald Lamola nowomNyango weziMboni, uHwebo nokuNcintisana uMnu uParks bamemezele ngoMsombuluko ukuthi uhulumeni unezinhlelo zokuvikela amabhizinisi akuleli zwe azothikanyezwa yintela yaseMelika ewu-30. 

I-NEF igubha iminyaka ewu-11 yesikhwama esixhasa abesifazane 

NJENGOBA iNingizimu Afrika igubha iNyanga yaBantu Besifazane, iNational Empowerement Fund (iNEF) iyaziqhenya ngesikhwama sayo esixhasa abantu besifazane esineminyaka ewu-11 iWomen Empowerment Fund (iWEF). 

Amaspaza anemishini yokugembula azolahlekelwa yizimvume

UNGQONGQOSHE womNyango wokuThuthukisa umNotho, iMvelo nezokuVakasha eLimpopo uMnu uTshitereke Matibe uthi imishini yokugembula ekumaspaza intshontsha imali kahulumeni ngoba abanikazi bawo baphula umthetho. 

Kuphasisiwe ukuhlangana kweMultichoice neCanal+

IKHOMISHINI eyengamele ukuncintisana okuhle eNingizimu Afrika iCompetition Commision iphasise ukuhlangana kwenkampani yokusakaza ezweni iMultiChoice edume ngeDStv nenkampani yaseFrance yokusakaza iGroupe Canal+ SAS, eyaziwa ngeCanal+.

Amaphaphu aphezulu kosomabhizinisi abancane abadayisa izimpahla eMelika

KULE nyanga umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump umemezele ukuthi intela yezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayisa ezweni lakhe izoba wu-30% uma kuqala u-Agasti.

Ukungakhokheli osomabhizinisi abancane ngesikhathi kukhomba ukuhlulwa wumsebenzi kukahulumeni, kuloba uJabulani Sikhakhane 

KUSAQHUBEKA ukuphula umthetho izikhulu zikahulumeni ezingeni lezwe nelezifundazwe. Loku zikwenza ngokungakhokhi ngesikhathi imali eziyikweletayo, okuyisenzo esishaya kakhulu osomabhizinisi abancane nabasafufusa, ikakhulu abamnyama okuyibona abavamise ukuhwebelana nohulumeni.

Abakhokhintela basakholelwa ekubambeni ulayini ukuze basizwe wumuntu eSars 

NAKUBA iSouth African Revenue Service (iSars) izama ukusebenzisa izindlela zobuchwepheshe ukuqoqa imininingwane yentela kodwa kusekhona abakhokhintela abakholelwa wukuya emahhovisi ayo.

Kufanele kubenemali yokugada ingozi – iphini likangqonqoshe wezimali

KUBALULEKILE ukuthi kubenemali ezovikela amazwe uma kunezimo eziphuthumayo ezishaya umnotho. Lisho kanje iphini likangqongqoshe womNyango weziMali uDkt David Masondo.

Iyakhanya indlela embonini kagesi ngenxa ye-Operation Vulindlela 

UMBIKO omusha ngohlelo lokuguqula isimo somnotho nenhlalo eNingizimu Afrika i-Operation Vulindlela uveza ukuthi izinhlelo zokuphehla ugesi zihamba kahle njengoba zonke ezazihlelwe kwi-bid window 5 seziphothuliwe. Lezi zinhlelo zizongenisa ugesi owu-288MW kulo nyaka. 

Njengoba iNingizimu Afrika izilungiselela intela yaseMelika, uhulumeni kufanele ungenelele ngokushesha, kuloba uBusi Mavuso 

ISIMEMEZELO esenziwe wuhulumeni waseMelika sokukhokhisa izimpahla eziningi eziqhamuka eNingizimu Afrika intela ewu-30% siyakhathaza kakhulu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page