Ukukhuculula imizi yabantu kumnika ukuthula ngaphakathi
WUTHOBILE ZWANE
WAYETHI uzelapha isilonda sokushiywa wumndeni ngokuhlanza osofa usomabhizinisi waseThekwini osenenkampani echumayo.
UNksz uGugu Cele, oneminyaka ewu-30, wakwaMashu, enyakatho yaseThekwini, wasungula iNiVico Deep Cleaning Services ngo-2023 ibhizinisi. INiVico Deep ihlanganisa izinhlamvu zokuqala zikanina ongasekho uNkk uNokuthula Innocentia nesithakazelo sakwaCele uVico.
Unina washona ngo-2004, ugogo wakhe washona ngo-2005, kwathi ngo-2007 kwaboshwa uyise. Emva kwalezi zigameko impilo yayinzima futhi wayedinga into ethile angabambelela kuyona.
Ukuhlanza kwabayindlela yakhe yokuthola ukuthula. Kwamsiza ukuthi athole ukuthula ngesikhathi impilo yakhe ebona sengathi iyaxokozela.
UNksz uCele uthi into eyenza iNiVico ikhetheke ayihlanzi nje kuphela kodwa iletha induduzo nokuthula kwengqondo.
“INiVico ingaphezu nje kokuhlanza. Mina nethimba lami sinika amakhaya namahhovisi isiqalo esisha, esihlanzekile. Sihlanza osofa, okhaphethi, imibhede, omatrasi, izihlalo zemoto, izihlalo zasehhovisi, izindonga, uphahla nokunye. Sihlanza noma kunini futhi uma uthutha noma uzongena endlini entsha, siyahlanzisisa nangokucophelela,” kusho yena.
“Ngiyiphatha yonke indawo njengekhaya lami. Ngikholwa wukuthi ukuhlanza kungaphezu nje komsebenzi owenziwa wumzimba futhi kuhambisana nemizwa. Ngiletha amandla noma umoya omuhle, umculo, ukuhleka nesimo sengqondo esinobungani kuwo wonke umsebenzi,” kusho yena.

Exoxa ngezinselelo zebhizinisi, uthi ekuqaleni wayethwala kanzima ngokuthutha imishini yakhe, kunzima ukwenza abantu baqonde amanani akhe nokubhekana nezikhathi lapho imali ingena kancane kodwa wayengayeki, wayeyithola indlela.
Akuthanda kakhulu ngebhizinisi uNksz uCele uthi yinkululeko yokuziphatha. “Ngiyajabula ukubona amakhasimende ami ejabule ngemva komsebenzi owenziwe kahle. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngazakhela into ngingenalutho futhi ngingakhuthaza abanye osomabhizinisi besifazane abathandana nabantu bobulili obufanayo ukuthi baziqalele izinto zabo,” kusho yena.
Okwamanje, usebenza nabantu abambalwa ngezikhathi ezithile. Ngomuso ufisa ukuqasha izisebenzi ngokugcwele futhi adale amathuba omsebenzi entsheni yaselokishini.
Ufuna ukukhulisa NiVico ibeyigama elaziwayo futhi avule isikole sokuhlanza ukuze aqeqeshe futhi acije abantu abesifazane abasebasha nentsha ethandana nabobulili obufanayo.
Ngaphandle kweNiVico uNksz uCele unelinye ibhizinisi iDawg Face, ilebuli yezimpahla zokugqoka enemiyalezo egqugquzela ukubanesibindi nobuhlakani.
Ufuna amabhizinisi akhe axoxe izindaba futhi aguqule izimpilo. Iseluleko sakhe kwabafisa ukungena ebhizinisini sithi: “Qala ngaloko onako noma ngabe yi-mop nebhakede nje. Ungashintshi futhi uziqhenye ngomsebenzi wakho. Yiba nguwe, ungafuni ukufana nomunye umuntu futhi uzelaphe ngaphambi kokuthi uzame ukulungisa umhlaba. Ibhizinisi linzima kodwa uma lisuka enhliziyweni yakho, lizokusa kude.”
Facebook: NiVico Deep Cleaning Services
Instagram: NiVico Deep Cleaning Services

