UNksz uSenzile Sithebe, umsunguli weDynasty Clean Juices yaKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali, ekhiqiza amajusi anempilo. Izithombe: Zithunyelwe

Wakha umbuso wamajusi akhuculula ukungcola kokudla kwaselokishini

WUTHOBILE ZWANE 

UKUKHULELA emigwaqweni ephithizelayo yelinye lamalokishi amakhulu aseThekwini lapho kuvimbanise khona iphunga lokudla okusheshayo nemikhuba engemihle yempilo yansuku zonke, intokazi yaKwaMashu yabanombono wokuguqula leyo mpilo ngebhodlela elilodwa lejusi.

Umsunguli weDynasty Clean Juices uNksz uSenzile Sithebe, oneminyaka ewu-37, uthi wayezelapha ngejusi esiphenduke ibhizinisi elinenhloso yokubuyisela impilo nethemba emphakathini.

“Ukukhulela elokishini lapho kudliwa noma yini ngaphandle kokubheka umphumela wempilo yindlela yokuphila engeyinhle. Uthando lwami lokuzilapha lungikhuthaze ukuthi ngenze ucwaningo ngokusebenza komzimba futhi ngizijwayeze ukuphila ngendlela ebeka impilo phambili,” kusho yena.

Ibhizinisi lakhe likhiqiza amajusi emvelo enziwe ngezithelo namaveji aluhlaza – amakhambi emvelo avuselela amasosha omzimba futhi asize ukukhipha ukungcola emzimbeni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/03/24/bagcine-begxila-ebhizinisini-lejusi-yezithelo-obesekuyisikhathi-eside-bezama-ukuchuma-kwezamabhizinisi-kungalungi-omunye-wabo-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/

“Isifiso sami wukunika abantu basemalokishini imikhiqizo ethengekayo enempilo. Wonke umuntu ufanelwe wukuzizwa kahle emzimbeni,” kusho uNksz uSithebe.

Amajusi awosayizi namanani ahlukene. U-300ml uwuR20, u-500ml ubewu-R40 bese ilitha ibawuR80. Wonke anezithako zemvelo okubalwa i-ginger, ulamula, u-beetroot nespinashi.

Amajusi aqinisa amasosha omzimba eDynasty Clean Juice

Uthi into eyenza iDynasty Clean Juice ihluke akuwona nje umkhiqizo kodwa yinhloso. “Imikhiqizo yami inhloso yayo enkulu wokufundisa nokupha abantu abampofu ukudla okunomsoco ngamanani aphansi, ngifundise abantu bakithi (imiphakathi emnyama) ngokuphila impilo enempilo,” kusho yena.

Uthi uhambo lwakhe lokulapha umzimba lwaqala ngaye. Lapho esengene endleleni yokuphila yokuphuza kakhulu utshwala neminye imikhuba. Wanquma ukuguqula izinto ngokuzinakekela.

“Ngangiloku nginentshisekelo uma kuza  ekulapheni ngokuphelele. Yebo, indlela yokuphila engangiyijwayele yayingeyinhle ngenxa yokuphuza kakhulu nokudla okungenampilo. Ngenkathi ngizihlolisisa ngendlela engangiphila ngayo, ngabona ukuthi kufanele ngishintshe, Ngangena kanjalo ekufundeni ngemikhiqizo enempilo yemvelo enjenge-ginger, ulamula nezinye izithelo namaveji,” kusho yena. 

UNksz uSithebe uthi ukuphatha ibhizinisi kukodwa bekungelula. Uthe akulula ukuzikhangisa nokuthola usizo lwemali ukuze afike ezingeni lokudayisa ezitolo ezinkulu. 

Ngezinsuku ezimatasa, uthi uthola usizo emndenini nakubangani kodwa uvame ukuzibambela yena konke, kusukela ekukhiqizeni kuya ekuhambiseni kumakhasimende.

UNksz uSithebe akagcini ngokukhulisa inkampani yakhe kodwa naye uyazithuthukisa . Kumanje wenza unyaka wokugcina kwi-BCom in Corporate Communications eMancosa kanti uhlela ukufundela ezamabhizinisi ngemva kwaloko.

Iseluleko sakhe kwabafisa ukungena ebhizinisini sithi: “Yibanomdlandla, wenze okusuka enhliziyweni noma ungakutholi ukusekwa ngabantu osondelene nabo. Kholelwa kokwenzayo.”

Isifiso sikaNksz uSithebe wukukhulisa iDynasty Clean Juice ibeyigama elivelele emikhiqizweni yezempilo, aqhubeke nokufundisa abantu ukuphila impilo enhle, aqale ngabantu abayidinga kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page