Abakhokhintela basakholelwa ekubambeni ulayini ukuze basizwe wumuntu eSars
WUTHOBILE ZWANE
NAKUBA iSouth African Revenue Service (iSars) izama ukusebenzisa izindlela zobuchwepheshe ukuqoqa imininingwane yentela kodwa kusekhona abakhokhintela abakholelwa wukuya emahhovisi ayo.
Umbele unikele emahhovisi eSars asenkabeni yaseThekwini, KwaZulu-Natali, izolo, ukuthola isizathu esenza ukuthi abantu bangathumeli imininingwane yabo online kodwa bancamele ukuyoma ulayini.
UNkk uNokuzola Shangase waseMbumbulu, eningizimu yaseThekwini, uthe uvukele ukuzolungisa izinto zakhe zebhizinisi.
“Ngize kuleli gatsha ngoba alikho elinye engizoya kulo. Ngisakholelwa kakhulu ekuzeni emahhovisi ngixhumane nabantu abafaka imininingwane yami yentela. Nginethemba lokuthi mhlawumbe kukhona imali ezobuya njengoba ngime kulo layini omude. Asazi ukuthi sizohamba nini njengoba abantu bebaningi,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/21/i-sars-ibuyisele-abakhokhintela-izigidigidi/
UNksz uZinhle Sithole, waseNanda, enyakatho yaseThekwini, usuke ekhaya ngo-9 ekuseni wayobamba ulayini. “Bengizitshele ukuthi ngoLwesibili ngizoya emahhovisi eSars ngoba ngizamile ngeselula kodwa bengingasayikhumbuli i-username ne-password. Ngibone kungcono ukuthi ngizizele mathupha lapha.”
UMnu uMthandeni Sokhela, waKwaMashu, enyakatho yaseThekwini, uthi ubeloku ethola izincwadi ezimyalela ukuthi aye emahhovisi eSars. Ube esethatha izinsuku emsebenzini ukuyolungisa izindaba zakhe zentela.
“Ngifikile ngesonto elidlule kwathiwa angibekise isikhathi ngaphambi kokuthi ngizizele emahhovisi. Ngiye ngasibekisa nangempela ngeza namhlanje (izolo). Ngithole ukuthi kukhona imali okufanele banginike yona. Ngizolinda amahora awu-72 ukuze ngithole imali yami,” kusho yena emamatheka.
UNksz uThembi Cele, waseMlaza, eningizimu yaseThekwini, yena ubebambe ulayini ngoba ehlulukile ukuzifakela imininingwane yakhe kwiselula.
“Angikwazi ukuzenzela (ngocingo). Kuyangihlula ngoba sengimdala. Emsebenzini abantu abaningi bangenelwa yimali. Nami nginqume ukuletha izinto zami zentela ngethemba lokuthi mhlawumbe kunemali engilindile. Ngiyathemba ukuthi angibakweleti,” kusho yena.
UMnu uSithembiso Biyela, waseNanda, uthe ucabanga ukuthi abantu basama kolayini abade ngoba ukusebenzisa i-efiling kungase kudide abantu abangenalo ulwazi lobuchwepheshe, ikakhulu abantu asebekhulile noma abaqalayo ukuthumela imininigwane yabo yentela.
Uthi abanye abakhokhintela kudingeka ukuthi bathumele amaphepha afakazela abakushoyo noma baphendule imibuzo ethile, okulula ukukwenza uma uziyele mathupha ehhovisi leSars.
Uthe abantu abaningi bazizwa bephephile ukuthola usizo kumuntu abambonayo, ikakhulu lapho bengenasiqiniseko sokuthi bayifaka ngendlela efanele yini imininingwane edingwa yiSars.

