Ungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni KaMadlopha-Mthethwa nondunankulu uMnu uThami Ntuli bebhunga engqungqutheleni yezolimo ebise-Olive Convention Centre eThekwini ngesonto elidlule. Isithombe: Sithunyelwe

Undunankulu unexhala ngokuphela kwemisebenzi yezolimo eKZN 

WUTHOBILE ZWANE

NAKUBA imboni yezolimo eNingizimu Afrika iqashe abantu abawu-930 000 kodwa kulo nyaka sekulahleke imisebenzi ewu-24 000 kule mboni. 

Loku kuyamqwashisa undunankulu waKwaZulu-Natali njengoba embikweni weStatistics South Africa kuvele ukuthi kulo 24 000 wemisebenzi ephelile, eminingi ilahleke kulesi sifundazwe. 

Ngesonto elidlule uNtuli nongqongqoshe womNyango wezoLimo eKZN uNkk uThembeni KaMadlopha-Mthethwa bebehlele ingqungquthela ebheka konke okwenzeka kwezolimo e-Olive Convention Centre eThekwini. 

“Kuyangikhathaza ukuthi imboni eyisisekelo sokuvikela ukudla nensika yempilo emakhaya ilahlekelwa yimisebenzi. Yingakho senze ingqungquthela egqugquzela abantu ukuthi babuyele emhlabathini ukuze bavikele ukudla futhi bakwazi ukukhulisa umnotho,” kusho uNtuli.

Uthe wonke umuntu kufanele alime ngoba ukutshala imifino namanye amaveji kukhulisa umnotho. Into eseyinkinga wukukhiqiza imfuyo ikakhulu ezifundazweni ezihlaselwa ngamatele. 

“Ukuhlasela kwamatele kuphazamisa ukudayisa inyama yethu neminye imikhiqizo yenkomo kwamanye amazwe futhi kuphazamisa imboni. Zikhona nezinye izinselelo embonini yolimo njengoba umengameli waseMelika enyusa intela yemikhiqizo yethu kodwa akufanele sidikibale,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/22/kunqandwa-amatele-angakapakeli-ezinkomeni-zobisi/

Uthi njengoba befuna abantu bangene kwezolimo kuningi abakwenzayo ukuqinisekisa ukuthi le mboni iyasimama. Ubale ukulawula izifo njengoba sekuqale uhlelo lokugoma imfuyo ewu-900 000 esezindaweni okubheduka amatele njalo kuzona. 

Uthe sebeqalile ukubheka izimakethe ezintsha, kwazise eminye imikhiqizo yolimo isuka eNingizimu Afrika iyodayisa eChina, e-India, e-Saudi Arabia naseGibhithe ngoba ubudlelwano babo ne-European Union, ne-United King neMelika bubuye bubenezingqinamba uma kukhulunywa ngokudayisa imikhiqizo esuka lapha. 

“Uhulumeni usebenza kanzima ukuseka ukukhula komnotho njengoba ulungisa amachweba ukuze ukwazi ukubhekana nezinselelo zesimanje, kulungiswa ingqalasizinda yemigwaqo neyezitimela futhi kusondezwa izinsiza zomnotho ezindaweni zasemakhaya. Sinohlelo lokufukula umnotho esifundazweni oluhlanganisa zonke izinhlaka,” kusho yena. 

Unxuse uNkk uKaMadlopha-Mthethwa aqinisekise ukuthi abantu besifazane abaneminyaka ewu-15 kuya phezulu bayalima ngoba izinga lokuswela imisebenzi limandla kubona. Uthe uma belima bazoxosha indlala bebebengenisa nemali. 

Abalimi uthe akufanele batshale ukudla kuphela kodwa kufanele batshale amahlathi, kwazise nawo ayimboni edala inqwaba yemisebenzi, babheke nezindlela zokunakekela imvelo, abalule kuzona ukusebenzisa amanzi amancane ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje. 

UNkk uKaMadlopha-Mthethwa uthe uphezu kwezinhlelo zokufaka wonke umuntu kwezolimo njengoba izisebenzi zomnyango wakhe ziqinisekisa ukuthi abantu banezingadi zokudla emakhaya, abalimi balethelwa izinsiza emakhaya bafundiswe nangobuchwepheshe obenza impilo yabo ibelula kodwa bebebekhulisa amabhizinisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page