‘Gada ukuboleka imali yekusasa lakho’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSamkelo ‘Sam’ Cele, umsakazi kwi-East Coast Radio, ongena ngo-10 kuya 12:00 ngezimpelasonto ngezintatha, wake wawumsakazi kwiDurban Youth Radio, waklonyeliswa ngeKZN Young Achiever Award ngo-2018 nomphathi wohlelo emicimbini kanti ukusakaza wakuqala kwiNanda FM
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha sasingayiphiwa imali. Isimo esasiphila ngaphansi kwaso nabazali sasinzima, imali babeyibekela ukuthi siye ohambweni lwesikole, sasiyithola kanjalo
imali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?
Ngaqala ngo-2013, ngiqala ukuyosebenza ngiwuweta. Ngathola i-gold card yaseFNB. Yangijabulisa kabi le yonto.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngisemncane, ngineminyaka eyisithupha noma eyisikhombisa, ngashesha ngahlakanipha. UMa wayejwayele uku-oda ama-two piece amahle, a-orange nabomvu, sihambe siwadayisa eKenville, eTemple naseJamaica, eThekwini. Loko kwangifundisa ukuxoxa nabantu nokudayisela abantu. Loko kwangikhulisa kakhulu ezimalini nokuthi ngazi ukuthi imali iyabekwa.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/11/hlala-unemali-oyongayo/
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngangikweleta umakhelwane wami uMnu uPhungula owayengiboleke imali yokukhokha kuMatikuletsheni ukuthi ngikhiphe isitifiketi. Wayengiboleke imali ngoba emsebenzini babedinga isitifiketi. Wangitshela ukuthi uma ngihola, uyayifuna imali yakhe. Wuyena umuntu wokuqala engamkhokhela. Wayengifundisa nalapho ukuthi imali uyiphatha kanjani ngoba kuqala wayevamise ukungipha imali ngiyingane akhule eyibona.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngathenga umuzi.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthanda izimoto kakhulu kodwa akulona iphutha elibi kakhulu ngoba ngiyahlakanipha ngiyidayise egaraji. Omunye umuntu angathi leyo mali ubungayenza okunye.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha angikaze ngilidlale kodwa ngiye ngifise ukudlala uma ngibona abanye benza.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi emhlabeni uphila kabili, ngakho imali oyihola manje uyisebenzisela isikhathi ophila kusona okwamanje noma uboleka emalini yekusasa lakho uphile impilo oyifisayo noma uyayiboleka imali uphile ngesikweletu bese kubangokwakho ukusebenzisa leyo mali noma uphatha amasenti akho uyawaqoqa, uphile ngaleso sikhathi.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga umuzi one-swimming pool.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Kubalulekile ukuthi wazi isimo sakho nokuthi usuka kuphi. Yiyona nto ezokwenza ukuthi uye phambili. Akuthina sonke esiyophumelela ngendlela eyodwa ngoba asinaso isiqalo esifanayo. Umuntu akabheke isiqalo sakhe ngoba kungenzeka ukuthi abazali bakho babephila ngokuboleka kwikusasa labo, uthole ukuthi wena ususele nomthwalo wokuthi ulungise lawo maphutha noma bebephila kahle kodwa manje sekukuwena ukubatakula.
