Ubuyisa isithunzi sotshwala besintu ngezigubhu ezitsakile
WUTHOBILE ZWANE
UMA ucabanga umuntu odayisa utshwala besintu, kufika izikali noma amakhathoni kodwa insizwa yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ikushintshile loku ngokudayisa utshwala besintu obusezigujini ezitsakile.
Umnikazi wenkampani evubela utshwala besintu Ihobhe uMnu uNathi Mfuphi, oneminyaka ewu-52, uthi wayesebenza enkampanini yabelungu evubela lobu tshwala kodwa emva kokusebenza iminyaka eminingi kuyona wanquma ukuyoziqalela okwakhe.
UMfuphi, waseMlaza, une-Diploma in Marketing Management ne-Management Development Programme eThekwini College.
Le nkampani eseNew Germany, entshonalanga yaseThekwini, iqale ukukhiqiza utshwala besintu obudayiswa ezindaweni zokucima ukoma ngoMeyi.
Yize beqale ngoMeyi kodwa lesi siphuzo sesitholakala ema-tavern amaningi aseThekwini, eMgungundlovu nakwezinye izindawo eKZN. Banesifiso sokusidayisa eMpumalanga Kapa naseGauteng.
Lesi siphuzo esiwu-2 litre sibiza uR16. Uthi babuka ukuthi abantu abanayo imali eningi, base bezama ukuthi benze umkhiqizo othengekayo, yingako amanani abo ephansi.
Echaza ngendlela aseyihambile kule mboni yokuvubela utshwala besintu, uMfuphi uthi wayeyimenenja yezokudayisa kwenye inkampani evubela utshwala besintu kusukela ngo-2013.
Uthi kwakunomuntu ayesebenza naye owayekwazi ukubona utshwala uma sebulungele ukuphuzwa ngaphambi kokuthi buyohlolwa e-laboratory.
“Ngo-Okthoba wonyaka odlule ngashiya emsebenzini ngaqala ukuvubela utshwala nabantu ababili ebesikade sisebenzisana nabo. Kukhona nalona owayengadingi ukuthi utshwala buyohlolwa e-laboratory onamava eminyaka ewu-45 kule mboni. Besihlola okufunwa ngabantu ukuze senze umkhiqizo osezingeni eliphezulu. Ihobhe wutshwala besintu, obushelelayo futhi obehla kamnandi,” kusho yena.

Okwamanje le nkampani inezisebenzi ezinhlanu eziqashwe ngokugcwele nezinye zetoho uma kunesidingo.
Ekhuluma ngezinselelo ababhekana nazo ebhizinisinisi uthi uma beyozwisa abantu ukuthi umkhiqizo unjani, baye bawuthande bathembise ukuwuthenga kodwa bangawuthengi.
“Le nto yenza ukuthi kubenomkhiqizo ozobuyela emuva futhi silahlekelwe. Kubanzima ngoba sisuke sithathe imali esisuke siyongele izingane zethu. Alukho usizo lwemali esilutholile, konke esikwenzayo kuphuma ephaketheni lethu. Okunye wukuthi njengoba singenabo abantu abaningi abasabalalisa umkhiqizo asikwazi ukufinyelela ezindaweni eziningi okwamanje,” kusho yena.
Uthi uma eminyakeni emibili bengakwazi ukuqasha abantu abawu-50 kungabathokozisa loko.
Iseluleko sakhe kofisa ukuqala ibhizinisi sithi uma uqala ungalindeli izimangaliso. “Zitshele ukuthi uzosebenza, uzitshele ukuthi isikhathi somndeni ngeke ubenaso, uzozinikela ngesikhathi usakha. Kufanele ubenomndeni oqondayo futhi ozokuseka. Ayikho le nto yokuthi uqala ukusebenza ngo-8 ekuseni, uqede ngo-4 ntambama. Empeleni usebenza amahora awu-20 futhi ungajahi ukuthi uzokwenza imali,” kusho uMfuphi.
Esinye iseluleko sakhe kosomabhizinisi wukuthi baqinisekise ukuthi izisebenzi zabo zijabule futhi ziholelwa ngendlela nangokomthetho.
Uphethe ngokuthi akufanele osomabhizinisi badikibale uma kungalungi kodwa abangqongqoze eminyangweni ehlukene ngoba kukhona ozogcina uvulekile.

