Osomabhizini baselokishini bazobanga uR500 000 kwiStandard Bank Kasi SME Pitch Challenge
YINTATHELI YOMBELE
AMABHIZINISI aselokishini azobanga uR500 000 emncintiswaneni iKasi SME National Pitch Challenge yalo nyaka ezoba ngomhlaka-27 kule nyanga.
Amabhizinisi aselokishini eNingizimu Afrika azohlangana KwaZulu-Natali lapho kuzokhethwa elivelele phakathi kwamabhizinisi ahlukene akuzona zonke izifundazwe ezweni.
Osomabhizinisi abakhethiwe baqale baqeqeshwa ngokuchaza ngamabhizinisi abo ukuze bahehe abatshalimali. Kulo nyaka iStandard Bank Kasi SME ibheke osomabhizinisi bazo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika njengoba kufala ibihlale igxile kabazinze eGauteng.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/07/i-standard-bank-ibeke-eqhulwini-ukuphucula-i-afrika-utshabalala/
Inhloko ye-Enterprise and Supplier Development e-Business & Commercial Banking eStandard Bank, uNksz uNaledzani Mosomane ithe bayaziqhenya kakhulu ngosomabhizinisi abangenele lo mcintiswano kulo nyaka ngoba basiza imiphakathi ngezidingo ezihlukene.
“Inhloso yethu wukusiza osomabhizinisi ukuze bakwazi ukusimama futhi babenezimakethe zokudayisa imikhiqizo yabo. I-Standard Bank ayigcini nje ngokuseka osomabhizinisi kodwa iKasi SME National Pitch Challenge ilekelela osomabhizinisi abancane ukuthi bakhule ngoba yibona abakwazi ukudala imisebenzi,” kusho yena.
Kulo nyaka indikimba yeKasi SME National Pitch Challenge ithi Future-Proofing Kasi Businesses: From Survival to Sustainable Success. Izoqinisekisa ukuthi ihlomisa osomabhizinisi baselokishini ukuthi basuka kanjani esigabeni sokuhweba ukuze baphile futhi bakwazi ukungenisa imali basebenze isikhathi eside. Bazofundiswa nangokunakekela imvelo nokuqinisa ubudlelwano babo nomphakathi.
I-Standard Bank isebenzisana neSouth African Future Trust (iSAFT), abaxhasa abakhulu ngalo nyaka. Usizo lweSAFT lukhombisa ukuthi izimisele ukuxhasa osomabhizinisi abancane ukuze bathole amathuba okubayingxenye yomnotho.
Isikhulu esiphezulu seSAFT uMnu uNico Jacobs sithe le nhlangano isizwa wumndeni wakwa-Oppenheimer ukulekelela amabhizinisi amancane eNingizimu Afrika.
Uthe bayazi ukuthi amabhizinisi amancane abalulekile emnothweni wezwe, ngakho bayakuthakasela ukusebenzisana neKasi SME.
IKasi SME Natinal Pitch Challenge iyingxenye yezinhlelo zeStandard Bank zokwandisa amabhizinisi amancane ewasimamisayo, iwasiza ngezimali, amakhono nokuthola izimakethe zokudayisa imikhiqizo yawo.
Kulo nyaka kukhethwe osomabhizinisi abawu-15 esifundazweni ngasinye kwase kuthi abathathu abavelele bathola umklomelo wemali. Owokuqala uthole uR30 000, owesibili wathola uR20 000, kwathi owesithathu wathola uR10 000. Ababili kwabaphume phambili bangene ohlwini lokuncintisana ezweni lonke.
Nanka amabhizinisi awu-18 azoncintisana:
• I-Ariel Robotics yaKwaZulu-Natali;
• I-Cloudy Deliveries yaseNtshonalanga Kapa;
• I-Dirtyfree yaseMpumalanga;
• I-Keiskamma Hygiene Services and Projects yaseNtshonalanga Kapa;
• I-KSM Chemicals Solutions yaseFree State;
• INdimbi Clothing yaseMpumalanga Kapa;
• INhuga Big Five yaseLimpopo;
• INolita Keagan Greenhouse Technology (Tanisa) yaseMpumalanga;
• I-Onolo Holdings yaseNyakathi Kapa;
• I-Opelne Group yaseFree State;
• I-Portable Showers yaseGauteng;
• I-Priscilla R yaseLimpopo;
• ISibanda Projects and Business Solutions yaseNorth West;
• I-Sky Drop yaKwaZulu-Natali;
• I-Uku Hamba yaseGauteng;
• I-Wallstreet of Mining yaseNyakatho Kapa;
• I-War Wore Records yaseMpumalanga Kapa;
• I-Xolic Enterprise yaseNorth West.
Amabhizinisi athuthukiswayo kufanele kubengaphethwe ngabantu abamnyama cishe u-50% webhizinisi, kube wukuthi azokhula futhi angenisa imali engaphansi kukaR50 million ngonyaka.

