Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthi sebesungule isikhungo esizohlomisa abantu ngamakhono amabhizinisi mahhala. Isithombe: Sithunyelwe

Kwethulwe isikhungo samahhala esifundisa ngamakhono ebhizinisi 

YINTATHELI KAMASIPALA 

UMASIPALA waseThekwini uthathe isinyathelo sokukhulisa umnotho usebenzisana nenkampani esiza abantu ukuqala amabhizinisi iThe StartUp Tribe ngokuthula iDurban Entrepreneurship Academy. 

Lesi sikhungo samahhala sokufunda esitholakala online sizoletha izifundo ezizokwazi ukwenziwa yizakhamuzi zaseThekwini. 

Ngabe uwumuntu omusha ofuna ukuqala ibhizinisi? Uwumzali ofuna ukuthuthukisa amakhono empilo, umuntu osethathe umhlalaphansi ofuna ukuqala into entsha noma ilungu lomphakathi elifuna ukuhloma ngamakhono ezempilo noma awokuvakasha? Le nkundla ngeyakho. Ayinazikhangiso, kufundwa mahhala, akukho mali ezokhokhwa yizakhamuzi noma izindleko zanyanga zonke noma ezifihliwe.

Yini esikunika yona? Izakhamuzi zizokwazi ukuthola izifundo ezihlukene okukhona kuzo:

1) Ulwazi lwebhizinisi nokusimamisa amabhizinisi amancane;

2) Ukufunda ngezimali namakhono empilo;

3) Ukulima namabhizinisi ezolimo;

4) Usizo lokuqala namakhono ezempilo;

5) Amakhono adingwa ngabazali, ezokuvakasha namakhono ezokuvakasha;

6) Amakhono okunqoba izithiyo, ukusiza amakhasimende nokunye okuningi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/11/intsha-ewosomabhizinisi-izoqala-izifundo-zamabhizinisi/

Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe: “Ubudlelwano bethu neThe StartUp Tribe bukhombisa ukuzibophezela kwethu ukufukula abantu. Sithemba ukuthi luzovula amathuba amasha, okuzimela nawokungena emnothweni.” 

UMnu uYork Zucchi weThe StartUp Tribe uthe le nkampani isebenza emadolobheni angaphezu kwawu-455 emazweni awu-27, amaziko okufunda eThe StartUp Tribe vele aseqalile ukushintsha impilo yabantu, manje sekuyithuba laseThekwini lokuhlomula.

Wubani ongangena?

1) Ivulelekele kubo bonke abantu abahlala eThekwini;

2) Kungakhathaleki ukuthi bangakanani, bavelapho noma banaziphi iziqu;

3) Inqobo nje uma bene-smartphone, i-tablet, i-laptop noma ikhompyutha.

Sifakwa kanjani isicelo?

1) Kulula ukujoyina, ngena ku-durban.thestartuptribe.org ubhalise ukuze uqale ukufunda. 

2) Akusona isicelo sokufunda esinemicikilisho, uyabhalisa ngegama lakho ne-email

3) Akudiingeki mazisi, mininingwane yasebhange noma inombolo yeselula. 

Kuhlale kuvuliwe 

1) Iziko lihlale livuliwe imini nobusuku, nsuku zonke.

2) Awukho umnqamulajuqu, akukho ngcindezi, ufunda ngesikhathi sakho. 

Abafundayo bathola izitifiketi ngemva kokuphothula izifundo ngempumelelo.Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe noma ukuqala uhambo lwakho lokufunda, ngena ku: durban.thestartuptribe.org

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page