Kuphazamiseke ukuhamba kwamabhanoyi eFlySAfair ngenxa yesiteleka sabashayeli esiqale izolo. Isithombe: Sithunyelwe

Andizela phansi amabhanoyi eFlySAfair kuteleka abashayeli

YINTATHELI YOMBELE

ABASHAYELI bamabhanoyi eFlySAfair bathi ngeke babuyele emsebenzini bengazitholanga izimfuno zabo. 

Izolo iFlySAfair imise ukundiza kwamabhanoyi awu-26 ezikhumulweni ezihlukene eNingizimu Afrika ngenxa yokushoda kwabashayeli abatelekile.

Iphini likanobhala jikelele wenyunyana yabashayeli bamabhanoyi iSolidarity uMnu uHelgard Cronje lithe abashayeli bamabhanoyi abaneme ngezimo abasebenza ngaphansi kwazo. 

“Abashayeli abaholelwa imali efanele ngomsebenzi abawenzayo. Bafuna amaholo anyuke ngo-10,5% kodwa iFlySAfair ibeke u-5,7%. Okunye abakhala ngako abashayeli wukungaphumuli ngenxa yokuthi basetshenziswa kakhulu. Abaphumuli ngendlela esemthethweni okufanele iphunyulwe ngabashayeli. Thina asifuni kuphazamiseke abantu kodwa sifuna umqashi abuye azohlala nathi silungise izikhalo zamalungu ethu,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/03/14/umnu-umpumelelo-zikalala-ubheka-isiteleka-senehawu/

Uthe bazamile ukugwema isiteleka kodwa iFlySAfair ayizange ifuna ukuqhubeka nezingxoxo ngomoya omuhle.

Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba iFlySAfair ithe inezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abagibeli bamabhanoyi bahamba ngaphandle kwezihibe. Ibisiqalile ukunxephezela amakhasimende aphazamiseke ngenxa yesiteleka. 

Mayelana nezinsolo zokuthi abashayeli abaholi kahle, ithe abashayeli bamabhanoyi eFlySAfair bahola phakathi kukaR1.8 million noR2.2m ngonyaka. Kuthiwe le mali ihambisana neholwa ngabanye abantu abahola kangcono kule mboni.

Iziphikile izinsolo zokuthi abashayeli abaphumuli ngokwanele, yathi basebenza amahora awu-63 ngenyanga. 

I-FlySAfair ithe u-10,5% ofunwa yiSolidarity empeleni uwu-20% uma sekubalwa nezinye izindleko ezikhokhwa yinkampani, yathi lo-5,7% ewubekile muhle kakhulu ngoba abashayeli bamabhanoyi banendathane yemihlomulo. Ithi u-5,7% udlula ngisho amandla okunyuka kwemali, ngakho muhle. 

Ixolisile kubagibeli abaphazamisekile, yathembisa ukuthi isazoxoxa neSolidarity ukuthola isixazululo salesi simo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page