UNkk u-Ayanda Ngwenya Babo, umnikazi we-Africa Maritime Services yaseThekwini, KwaZulu-Natali, egxile ekuhlanzeni imikhumbi. Izithombe: Zithunyelwe

Inkampani yowesimame osemncane iyivulandlela ekuhlanzeni imikhumbi

WUTHOBILE ZWANE 

UKUBONA ezinye izinkampani zidonsa kanzima ngenxa yezinkinga ze-Covid-19 kwanika usomabhizinisi wesifazane osemncane waseThekwini umqondo webhizinisi lokuhlanza imikhumbi.

UNkk u-Ayanda Ngwenya Babo, oneminyaka ewu-40, wasungula i-Africa Maritime Services, inkampani ehlanza ingaphandle lemikhumbi isebenzisa amarobhothi akhethekile angaphansi kwamanzi. 

Indaba yakhe imayelana nokusebenza kanzima, ukucabanga ngendlela ehlukile, nokungapheli amandla.

UNkk uNgwenya Babo ubesebenza embonini yemikhumbi ethutha izimpahla ziye kwamanye amazwe kusukela ngo-2008 kwaze kwaba uqala eyakhe. “Bengilokhu ngibambe iqhaza ekuthumeleni nasekuphatheni izimpahla. Yinto engiyiqonda kahle,” kusho yena.

Ngemva kokubheduka kwe-Covid-19 wabona ukuthi ezinye izimboni zidonsa kanzima ngenxa yezinkinga ezikhona emhlabeni kodwa ukugcina imikhumbi akushintshile. Kwamnika umbono wokuthi aziqalele into yakhe. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/08/02/ukhuliswe-yinto-engathathwa-njengemqoka-ekuphatheni-amabhizinisi-olawula-enye-yezinkampani-zabesifazane-ezinkulu-eningizimu-afrika-uxoxe-noslindile-khanyile/

“Ngangingafuni ukungena ezimbonini ezifana namaloli noma ezokwakha, esezinabantu abaningi. Nganquma ukuhlala embonini yasolwandle futhi ngibheke amathuba amasha,” kuchaza uNkk uNgwenya Babo.

Kungaleso sikhathi lapho kwavela khona umqondo wokuhlanza imikhumbi kodwa hhayi ukuhlanza ngaphakathi komkhumbi. Wayefuna ukuhlanza ingaphandle, ikakhulu ingxenye engezansi engena ngaphansi kwamanzi. Ngesikhathi ithimba lakhe lenza ucwaningo, lathola ukuthi zimbalwa izinkampani ezenza lolu hlobo lokuhlanza eNingizimu Afrika.

“Ngenxa yokuthi ngisebenza namakhasimende aphesheya, ngihlala ngicabanga ngokwenziwa kwamanye amazwe. Ngazibuza ukuthi kungani ngingalethi leyo mibono lapha?”

Uthi eNingizimu Afrika ukuhlanza imikhumbi kuvame ukwenziwa ngabatshuzi. Abatshuzi abane noma abahlanu bangena ngaphansi komkhumbi bawuhlanze ngezandla, okuthatha isikhathi esiningi nemali. Uthi: “Umtshuzi ngamunye kufanele akhokhelwe nsuku zonke. Sazibuza ukuthi yini esingayenza kangcono kuloko?”

I-Africa Maritime Services ikhuculula umkhumbi ngendlela yayo

UNkk uNgwenya Babo uthi wathola ukuthi emazweni afana ne-Asia, iMelika neYurophu, abantu basebenzisa amarobhothi angaphansi kwamanzi ukuhlanza imikhumbi. Amarobhothi ayashesha, aphephile futhi ashibhile. Ngakho wabambisana nenkampani yaseJalimane eyamnika ilungelo elikhethekile lokusebenzisa la marobhothi eNingizimu Afrika.

“Kuseyithina sodwa lapha eNingizimu Afrika esisebenzisa amarobhothi okuhlanza imikhumbi. Sifuna ukukhula futhi sihlinzeke (lo msebenzi) ogwini lwase-Afrika,” kusho yena.

I-Africa Maritime Services iqale ukusebenza ngoJanuwari kulo nyaka. UNkk uNgwenya Babo uthi kubenzima ukuqala leli bhizinisi ngoba imboni yasolwandle igcwele abelungu.

 “Ngingowesifazane omnyama, ngaso sonke isikhathi kufanele ngikhombise ukuthi ngiyakwazi engikwenzayo. Nakuba ngingeyena umtshuzi noma uchwepheshe wasolwandle, ngiyaliqonda ibhizinisi lami,” kusho yena ngeqholo.

Amanye amakhasimende ayengakholelwa emqondweni wabo wokuhlanza ngamarobhothi ekuqaleni. 

“Emva kokuthi sikhombise iTransnet ukuthi isebenza kanjani inkampani yethu, konke kwashintsha. Yilapho babona ukuthi kuhle kangakanani ukuwasha ngamarobhothi uma kuqhathaniswa nokuhlanza ngezandla, kwaba yintuthuko yethu leyo,” kusho uNkk uNgwenya Babo.

Manje i-Africa Maritime Services inezisebenzi eziqashe ngokugcwele ezingu-20. Uthi abantu abaqasha kakhulu wonjiniyela, abadayisi nabantu abanolwazi lolwandle. “Okuhle kakhulu wukubona into eqale njengombono isebenza),” kusho yena.

Amakhasimende akhe yizinkampani zemikhumbi ezifuna ukuthola ubufakazi besitifiketi esichaza ukuthi imikhumbi yazo ihlanzekile. 

Kwabafuna ukuqala ibhizinisi uneseluleko esilula. Sithi: “Yenza ucwaningo lwakho futhi uzame ukuhluka kwabanye. Uma ukholelwa ukuthi kungenzeka, kungenzeka. Uma umnyango owodwa uvaliwe, bheka omunye. Ungadikibali, uzovuleka.”

Le ntokazi ithi yenza izifundo ze-Export Management e-IMM. Inhloso yakhe wukukhulisa ibhizinisi kuwo wonke amachweba aseNingizimu Afrika bese lidlulela eMozambique, Namibia nase-Afrika yonkana.

Uthi okumgqugquzela kakhulu yizingane zakhe ezinhlanu. “Zingenza ngivuke nsuku zonke futhi ngisebenze kanzima. Ngifuna ukubanika  okungcono kakhulu.”

Uthi uma efuna ukuphumula ukuhlala eduze nolwandle, lapho amadodana akhe ethanda ukuntweza khona. “Ulwandle lungenza ngikhululeke. Lena indawo yami enokuthula. Uma ngidinga ukuphumula, ngiya olwandle.”

UNkk uNgwenya Babo uthi ufisa nokufundisa abantu abaningi ngalolu hlobo lomsebenzi. “Sifuna ukuqeqesha abanye futhi sivule izingqondo zabo. Kukhona ezinye izinhlobo zamabhizinisi ngaphandle kwesijwayele ukuwabona.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page