Umqondisi obambile womNyango wamaPaki nokuNgcebeleka kuMasipala waseThekwini uDkt uZakhi Mkhize echaza ngezinhlelo zokulungisa iKings Park Swimming Pool. Isithombe: wuBoniswa Mohale

Ukulungisa iKings Park Swimming Pool sekuzophothulwa

WUBONISWA MOHALE

ISIMO sezulu esiguquguquka ngamandla eThekwini siphazamise izinhlelo zokulungisa iKings Park Swimming Pool obekulindeleke ukuthi iphothulwe kulo nyaka kodwa esizophela ngonyaka ozayo.

Umsebenzi wokulungisa iKings Park Swimming Pool uqale ngoNovemba wonyaka odlule kanti kukekwanesiphepho esiphephule uphahla sadala omunye umonakalo okufanele ulungiswe ngokushesha.

Umqondisi obambile womNyango wamaPaki nokuNgcebeleka kuMasipala waseThekwini uDkt uZakhi Mkhize uthe lo msebenzi obiza uR42 million uqhubeka kahle.

Utshele izintatheli ukuthi ukuphephuka kophahla okwenziwa yisiphepho kwaphoqa ukuthi kulungiswe izingxenye eziphuthumayo. 

“Sesiziphothulile izinto eziphuthumayo kanti uphahla ngeke lusafana nolwakudala ngoba sifuna isakhiwo sikwazi ukumelana nesimo sezulu. Sizobanophahla olungenisa ukukhanya kwezinye izindawo futhi oluzohlala iminyaka engaphezu kwewu-20,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/20/isiyaphothulwa-indawo-yokubhukuda-ekings-park-elungiswa-ngor42-million/

Uthi isigaba sokuqala sesiphelile kanti sekuzoqala isigaba sesibili esizophela ngoJulayi wonyaka ozayo.

Phakathi kwezinto obekufanele zisukunyelwe ubale izinsimbi ezingaphakathi kwezinsika zikasimende ezibambe isakhiwo. Uthe emva kokuqala uphahla bathole ukuthi lezi zinsimbi seziyakhumzela ngenxa yokungenwa ngamanzi nokuthi seziphelelwe yimithi eyenza zingaboli. 

Echaza ngokubaluleka kweKings Park Swimming Pool, uthe yiyona yodwa ekwazi ukwenza imidlalo yokubhukuda esezingeni lo mhlaba futhi egunyazwe yi-International Olympic Committee. 

Inezindawo zokubhukuda ezingaphakathi nezingaphandle lapho ababhukudi betshuza khona uma bencintisana. 

Umsebenzi wokuyilungisa uzoqinisekisa ukuthi ikwazi ukwenza imidlalo yama-Olympic engakwazi ukuza eNingizimu Afrika okwamanje. 

Kuzolungiswa izindawo zokuhamba amabhukudi ukuze zingashibiliki, amawindi, izindawo zokuhamba izethameli, izitolo, amabhodi aveza amaphuzu, izindawo zokusakaza imidlalo nokunye okuhambisana nokubhukuda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page