I-NEF igubha iminyaka ewu-11 yesikhwama esixhasa abesifazane
YINTATHELI YOMBELE
NJENGOBA iNingizimu Afrika igubha iNyanga yaBantu Besifazane, iNational Empowerement Fund (iNEF) iyaziqhenya ngesikhwama sayo esixhasa abantu besifazane esineminyaka ewu-11 iWomen Empowerment Fund (iWEF).
I-WEF yasungulwa ngo-2014 kanti isisize abantu besifazane ngoR2.4 billion wokukhulisa amabhizinisi abo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/28/usemkhulu-umsebenzi-wokufukula-osomabhizinisi-besifazane-kuloba-umoipone-malefane/
Kulindeleke ukuthi le mali ikhule kulo nyaka njengoba iNEF ingasenayo imicikilisho eminingi uma kufanele ixhase osomabhizinisi besifazane.
Isikhulu esiphezulu seNEF uMnu uMziwabantu Dayimani sithi ukulekelela abantu besifazane kuyawushintsha umnotho ngoba kuqinisekisa ukuthi abesifazane abamnyama baneqhaza elibonakalayo emnothweni.
“I-WEF iyisikhali esisisebenzisa ukuqinisekisa ukuthi abantu besifazane abamnyama abagcini nje ngokufakwa emnothweni kodwa babanezinkampani zabo abaziholayo ukuze babenamandla emnothweni,” kusho yena.
Uthi abantu besifazane bazoluthola kalula usizo ngoba ayisekho imicikilisho eminingi kodwa yonke imithetho nezindlela zokusebenza ezilandelwa yiNEF zihlose ukubasiza.
I-WEF ibasiza ngemali nangezinsizakusebenza, kusukela kwabasaqala amabhizinisi kuya kwabafuna ukukhulisa izinkampani zabo. Kungabawumuntu onesitolo noma onefemu yokukhiqiza noma osembonini yokuthutha izimpahla.
Umeluleki osiza abatsheleka imali eNEF uNksz uKarishma Govender uthi iWEF yakhiwe ngendlela yokuthi ihambisane nezinguquko ezikhona. Imibandela yayo wukuthi usomabhizinisi akanikwa nje imali kodwa ucijwa ngamakhono azomsiza ukuphumelela.
“Siyazi ukuthi ayikho indlela engenazo izinselelo kodwa le ndlela ehlanganisa zonke izinto inika abantu besifazane abaningi ithuba lokuphumelela futhi siyawubona umehluko ewenzayo.”
Ngonyaka odlule iNEF ithi isize amabhizinisi awu-36% abesifazane. Isizile ukuvula imisebenzi engaphezu kwewu-17 000 ezimbonini ezihlukene, ingxenye enkulu yalolu sizo ibiya emabhizinisi abantu besifazane abasezimbonini ebezithathwa njengezamadoda.
Ukujulisa umphumela, iNEF manje isizibophezele ekwabeleni cishe u-35% wazo zonke izimali ezikhokhwa esikhathini esizayo kosomabhizinisi besifazane.
I-WEF inika usizo lwemali oluqala kuR250 000 kuya kuR75 million. Lesi sikhwama asidingi isibambiso kodwa sihlola izicelo ngobunono sibone ukuthi amabhizinisi azophumelela yini ngoba abanikazi bawo banikwa zonke izinsizakusebenza.
Osomabhizinisi bacijwa ngamakhono abasiza ukuphumelela, ukuguqula izinkampani zabo, ukuphatha, ukuthola imakethe lapho bezodayisa khona imikhiqizo yabo nokunye okuzobasiza bakwazi ukuzimela.
I-WEF isixhase amabhizinisi amaningi asezimbonini ezihlukene. Nanka amanye:
• I-AfroBotanics, eyanyusa umkhiqizo wayo wezinwele emva kokuthola uR3.5m;
• I-Navomix Health, inkampani ekhiqiza izimpahla zokuzivikela yakwazi ukuthola uR10m ngesikhathi seCovid-19;
• I-Smith Capital Equipment, iguqulwe yabayinkampani yokukhiqiza eholwa ngabantu besifazane abamnyama ngokutshala uR41m;
• IMotheo Construction Group inkampani yokwakha evelele yaxhaswa ngoR62.7m, esikwazile ukuwukhokha wonke.
UDayimani uthi lezi zinkampani zikhombisa ukuthi uma abantu besifazane bethola imali bayakwazi ukubanezinkampani ezikhulayo futhi bayikusasa lomnotho wezwe.
Uthi ziningi izinselelo ezibhekene nabantu besifazane kuzona okubalwa:
• Ukushoda kwemali yokuqala umsebenzi;
• Ukukhishwa ohlwini lwezinkampani okuthengwa kuzona;
• Ukungabinolwazi lwezimali olufanele;
• Izindleko eziphezulu zesikweletu;
• Izinhlelo zebhizinisi ezisezingeni eliphansi.
UNksz uGovender uthi usizo abalunika osomabhizinisi ngaphambi kokubaxhasa noma sebebexhasile luyasiza ukuthi balwe nalezi zinselelo. Babuye bayiswe emibukisweni yokuzikhangisa, banikwe nezinhlelo zokukhokhela isikweletu esingabaklinyi.
I-NEF inezinhlelo zokusiza osomabhizinisi ezihlukene kuzona okubalwa:
• I-Spaza Shop Support Fund, esiza abanikazi bamaspaza emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
• I-Tourism Transformation Fund, esiza abantu abamnyama baseNingizimu Afrika ukuthi bathole izinsizakusebenza ezizobasiza ukuphumelela embonini yokuvakasha.
• I-Rural, Township & Community Development Fund, egxile ekufukuleni umnotho nenhlalakahle emadolobheni nasezindaweni zasemakhaya.
• I-Energy Resilience Fund, esiza amabhizinisi amancane ukuthi abenogesi ngaso sonke isikhathi.
• I-Furniture Manufacturing Fund, evuselela ukukhiqiza fenisha yendawo.
• I-Manufacturing Support Programme, eseka osomabhizinisi abasembonini yokukhiqiza abamnyama.
“I-WEF ayisebenzi yodwa kodwa iyingxenye yohlelo olukhulayo, oludidiyelwe olwakhelwe ukuguqula ukufinyelela, ubunikazi bokushintsha, nokwakha umnotho obandakanya wonke umuntu okwangempela,” kusho uNksz uGovender.
I-NEF isanda kuphothula uhlelo lokubonisana nomphakathi mayelana neTransformation Fund enoR100bn, isikhwama esihlongozwayo. Inhloso wukuphucula amabhizinisi abantu abamnyama, ikakhulu abantu besifazane, intsha nabakhubazekile.
Ucele imboni ezimele nomphakathi waseNingizimu Afrika ukuthi isebenzisane ukusiza osomabhizinisi besifazane.
“Ukusiza osomabhizinisi besifazane akuyona into okufanele yenziwe sengathi kusizwa abaswele ngoba yibona abadala amathuba emisebenzi eminingi futhi benza sibenethemba ngekusasa.”

