Uphosa esivivaneni ukuthi kubenokudla okwenele eNingizimu Afrika
WUTHOBILE ZWANE
NGEMVA konyaka efunda enyuvesi, insizwa yasenyakatho yeKwaZulu-Natali yaphoqeka ukushiya abuyele kubo umlimi osephendule umhlaba wakubo ipulazi elincane.
Umsunguli weMabaso Agrisolutions uMnu uLindokuhle Mabaso waseMtubatuba, eKZN, oneminyaka ewu-24 uthi wayenza i-Bachelor of Housing eNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngo-2022 kodwa izinkinga zomndeni zaphoqa ukuthi ashiye phansi abuyele kubo.
“Into eyangikhuthaza ukuthi ngenze lo msebenzi wukuthi ngangifuna ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika inokudla okwanele njengoba sazi ukuthi isimo siyabheda. Ngibhalise iMabaso Agrisolutions ngo-2023. Angikufundelanga ukulima ngoba nasenyuvesi bengingenzi ezolimo kodwa bengifundela ezokuhlalisa abantu,” kusho yena.
Manje usebenza nomndeni ukutshala upelele, u-anyanisi, iklabishi, u-green pepper, ubhanana nama-curry leaves.

Leli bhungu lithi liqale ukufuya nokulima emzini kababekazi walo eMandeni kodwa kuthe uma into yalo iqala ukuchuma kwaqala izinkinga zomndeni. Yabuyela kubo kwayo eMtubatuba ngo-2023. Ithathe umhlaba womndeni ongaphansi kwehektha yaqala yalima isizwa wumndeni.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/17/owashiya-umsebenzi-ukuvala-isikhala-usedayisela-izikhondlakhondla/
Nakuba esebenzisa nomndeni wakhe kodwa kuyenzeka aqashe abantu abayitoho uma kumatasa. “Njengoba iMabaso Agrisolutions ikhula, sihlela ukuqasha abanye abantu abahlanu. Ukukhula kwethu kusinqobise imincintiswano yolimo okubalwa iMTN Top 30 Youth Hustle Hub neminye,” kusho uMabaso.

Ufisa ukuthi eminyakeni emibili ezayo abe eselima kuma-hekhetha ayishumi noma ngaphezulu futhi abe eseqashe izisebenzi ezingaphezu kweziwu-30. Ufisa ukufuya izinkomo nokubane-green house, isakhiwo sengilazi sokuvikela izitshalo ekubandeni.
Uthi izinselelo ahlangabezana nazo wukungabinendawo eyanele yokulima, okwenza ukuthi umkhiqizo wakhe udayise uphele.
UMabaso uthi into abahluke ngayo emapulazi amaningi wukuthi basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzikhangisa futhi amakhasimende athenga umkhiqizo bayakwazi ukuwahambisela emakhaya noma lapho ekhona.
Into ayithandayo ngokuba nebhizinisi ukuthi limenza asebenzisane nabanye abantu ngoba uwumuntu okukhonze ukuxoxa nokuthi uxosha indlala. Okunye okumjabulisa wukubona izitshalo zakhe zikhula.
Kubantu abafisa ukuqala ibhizinisi, uthe: “Sebenzisa onako ukuze uthole ongenako. Mina yiyona indlela engaqala ngayo ngokusebenzisa enganginako ukuqala. Kukhona into onayo, ayikho le nto yokuthi udinga imali engaka ukuze uqale ibhizinisi.
“Okunye udinga ukubanombono ukuze ufeze isifiso sakho. Akekho umuntu ozoqhamuka ezokuhlenga. Abantu bazokuhlenga ngoba kukhona okuzamayo. Buza, funda abantu, bazokuphendula,” kweluleka uMabaso.
Facebook:Mabaso Agrisolutions
Instagram: Mabaso Agrisolutions
Tiktok: Mabaso Agrisolutions

