Isitolo esidayisa ukudla ngamanani aphansi iBoxer kusihambela kahle ngokombiko wokuhweba kuze kubesekupheleni kwangoJulayi. Isithombe: Sithunyelwe

Uhwebo lweBoxer lukhule ngo-12,1%

WUBONISWA MOHALE 

ZIYIHAMBELA kahle izinto iBoxer, ehweba eJohannesburg Stock Exchange (iJSE), njengoba ithi imali yayo ikhule ngo-12.1% ezinyangeni ezimbalwa ezidlule.

I-Boxer ithule imiphumela yayo yezimali kuzekubesekupheleni kwangoJulayi kanti yize ingachazanga ukuthi malini engenile okwamanje, emasontweni awu-53 edlule ingenelwe wuR42.2 billion.

UMnu uStephen Carrot, obheke izindaba zabatshalimali eBoxer, uthe imiphumela yezimali abasanda kuyikhipha ibichaza ngesimo sohwebo sezinyanga ezine ezidlule. 

“Sisazothula omunye umbiko maduze ozochaza ngemali engenile kodwa lona wamanje ubuchaza ukuthi siyakhula siyinkampani. Seloku sibhalise kwiJSE izinto zihamba kahle ngoba iyakhula imali engenayo. 

“Loku kuzosilekelela ukuvula izitolo eziwu-60 kunyaka wezimali wango-2026. Lezi zitolo zizoba semakhaya, emalokishini nasezinxanxatheleni zezitolo,” kusho yena.

U-Carrot uthe banezitolo eziwu-515, wengeza ngokuthi ezitolo eziwu-60 abazozivula kuzobakhona eziwu-25 zegrosa neziwu-35 zotshwala. 

Uthe abathengi babo abaningi baKwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa kodwa sebeqalile ukungena naseGauteng. 

“Abathengi baseBoxer iningi labo ngabantu abahola ngaphansi kukaR22 000 ngenyanga. Abaningi baKwaZulu-Natal naseMpumalanga Kapa. Sinezitolo ezimbalwa eGauteng futhi sibona abathengi bekhula. 

“Amakhasimende ethu awashintshanga kangako eminyakeni edlule kodwa lukhona ushintsho oluncane ngoba kudala besigcwele kakhulu emakhaya kodwa manje sesikhona nasemadolobheni,” kusho yena. 

Okwamanje azikho izinhlelo zokuthi iBoxer izimele yodwa kodwa isazoqhubeka ibe yingxenye yePick n Pay Group enamasheya awu-65,6% kuyonaa. 

I-senior equity analyst eSasfin Wealth uMnu u-Alec Abraham ithe iBoxer iyingxenye emnandi yePick n Pay Group futhi ngeke iPick n Pay idayise amasheya ayo kulesi sitolo. 

“Ngeke iBoxer ihlukane nePick n Pay okwamanje ngoba phela iPick n Pay inamasheya awu-65% kulesi sitolo. Nangesikhathi idayisa amasheya ayo awu-35% yayingathandi kodwa yayiphoqwa wukuthi idinga imali yokukhokha izikweletu,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/?s=raymond+ackerman 

Uthe ngaphambi kokuthi iBoxer ihwebe kwiJSE wayengaboni kahle ngokukhula kwayo ngoba yayinezitolo eziningi kodwa ingadayisi wonke umkhiqizo okuzona.


“Zihamba kahle ngempela izinto eBoxer ngoba izimpahla ezisezitolo zidayisa zonke. Imali engenayo ayingeni ngoba le nkampani inezitolo eziningi kodwa abathengi bayangena ezitolo bathenge zonke izimpahla ezidayisayo,” kusho yena. 

Uthi iBoxer izoqhubeka nokukhula ngoba inabaphathi abahlukile kunabaphethe iPick n Pay futhi isizakhele igama njengesitolo esidayisa izimpahla ezingabizi.

Khonamanjalo, iPick n Pay embikweni wayo wezimali ophume izolo ibike ukuthi imali engenile inyuke ngo-4.3%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page