Abesifazane bazihola phambili izibalo zabangasebenzi – uMaluleke
WUBONISWA MOHALE
KUSINDA kwehlela kubantu besifazane abamnyama eNingizimu Afrika, njengoba ucwaningo olusha lweStatistics South Africa (iStats SA) luveza ukuthi yibona abaswele umsebenzi kakhulu.
Umphathi-jikelele weStats SA uMnu uRisenga Maluleke uthe ngekota yesibili yalo nyaka ukushoda kwemisebenzi kunyuke ngo-0.3%, kwaya ku-33.2%.
Loku kusho ukuthi sebewu-8.4 million abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika. Bawu-3.4m abalahlekelwe yithemba lokuthi basazothola umsebenzi bese kuba abawu-13.2m abangasavuki nhlobo ukuyofesa.
Abaphelelwe wumsebenzi ekoteni yesibili yonyaka bawu-140 000, abaqashiwe babe wu-19 000.
Ezimbonini ezilahlekelwe yimisebenzi kubalwa eyokuphehla ugesi ohlanzekile, lapho kuphele ewu-6 000, eyezimali elahlekelwe ewu-24 000 nakwezolimo lapho kuphele ewu-24 000 khona.
Uthe iNingizimu Afrika inabantu abawu-41.8m abaneminyaka ebavumela ukusebenza kodwa bawu-16.8m abasebenzayo.
Uthe isibalo sabantu besifazane abangasebenzi siwu-35,9% uma siqhathaniswa no-31,0% wabesilisa abangasebenzi.
Kulesi sibalo abesifazane abamnyama bawu-40,2% wabangasebenzi, kulandele amaKhaladi ngo-23,5%, kuze amaNdiya ngo-17,9%, kugcine abelungu ngo-8,8%.
Uthi isibalo sezifundiswa ezingasebenzi siwu-12,2%, abantu besifazane abafundile abangasebenzi bawu-15,0% bese kuthi amadoda afundile angasebenzi abe wu-8,9%.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/14/uhulumeni-awuze-namacebo-okudala-imisebenzi-izingqapheli/
UMaluleke uthe bahlale bezibuka izibalo zabesifazane abangasebenzi kodwa kule nyanga kubalulekile ngoba bathole ukuthi noma ngabe abesifazane bafundile kodwa imfundo ayibasizi ukuthola imisebenzi ukudlula amadoda.
Uthe abantu besifazane abanoMatikuletsheni abangasebenzi bawu-39,3%, kuthi abesilisa babe wu-31,7%.
Ngekota yesibili yalo nyaka kuvele ukuthi u-65,6% wamadoda uyasebenza kodwa abesifazane abasebenzayo benza u-54,9% kuphela.
“Abesifazane ababesebenza eminyakeni eyishumi edlule babengaphezu kuka-12% kodwa manje sithola ukuthi sikhulile isibalo sabo. Abaningi baqashwe ezimbonini ezisiza umphakathu u-32,8%, kuthi u-20,6% ubesembonini yohwebo, u-18,0% ube sembonini yemali, u-11,4% ube sembonini ezimele bese u-2,5% ubesembonini yokuthutha, eyokwakha inabesifazane abenza u-1,9% kuthi eyezimayini ibenabawu-1,0%.
Ezikhundleni zokuphatha abantu besifazane benza u-6,8% kuphela kodwa amadoda enza u-19,2%.
U-1.2m wabesifazane uyazisebenza noma udayisa emgwaqweni, awunazo izibonelelo ezitholwa ngabanye abasebenzi abaqashiwe okubalwa i-medical aid, impesheni nezinkontileka.
“Oyedwa kwabane besifazane wenza umsebenzi ombeka engcupheni noma ongamsizi ngezibonelelo ezizophucula impilo yakhe. Sithole ukuthi kubantu abawu-2,4m abangasebenzi ngoba bondla u-2,1m ngabantu besifazane, wu-280 000 kuphela wamadoda obeke lesi sizathu,” kusho uMaluleke.
Isazi somnotho saseNorth West University uSolwazi u-Andre Duvenhage sithe azimangazi izibalo zabantu abangasebenzi ngoba ngempela umnotho awukhuli kahle, ngakho izimboni azikwazi ukuqasha abantu.
Ucele uhulumeni ukuthi ubambisane nemboni ezimele ukuletha izinguquko ezizosiza imboni ezimele ukuthi ikhule ukuze zizokwazi ukudala imisebenzi.
“Empeleni uhulumeni awuyidali imisebenzi kodwa umsebenzi wawo wukuqinisekisa ukuthi izinkampani zinendawo efanele yokusebenza. Lapha sibala ingqalasizinda nemithetho egqugquzela uhwebo nokukhula komnotho. Zithi uma zikhula izinkampani zikwazi ukudala imisebenzi,” kusho yena.

