Izisebenzi ze-Ithala Development Finance Corporation zibhikisha ngaphandle kwekomkhulu lale nkampani ePoint Waterfront, eThekwini, KwaZulu-Natali, izolo. Izithombe: wuThobile Zwane

Izisebenzi zeThala zibhikishele izikhulu ‘eziwisa’ isikhungo

WUTHOBILE ZWANE 

IZISEBENZI ze-Ithala Development Finance Corporation (i-IDFC) izolo zidele amakhaza ashubisa umnkantsha eThekwini zabhikisha zikhala ngezikhulu “ezizowisa” le nkampani.

Umbhikisho ubuqondiswe ezikhulwini ze-IDFC nasemNyangweni wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali.

Izisebenzi ezingamalungu eNational Education Health & Allied Workers Union (iNehawu) zithi sekunesikhathi zikhala kodwa izikhalo zabo zingazwakali.

Unobhala weNehawu eThekwini uMnu uPrince Mthalane uthe bafuna ungqongqoshe womnyango uMfu uMusa Zondi alusukumele udaba lokuphathwa kabi kwe-IDFC. 

“Sinesikhulu esingakwazi ukushintsha isimo se-IDFC uNksz uPearl Bengu, esaqokwa eminyakeni eyisikhombisa edlule. Ngesikhathi sifika kwathiwa sizoletha izinguquko ezinhle kodwa izinto zibheda kakhulu. Ukubheda kwesimo e-IDFC kuyacaca nangezinto ezenzeka ebhange Ithala,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/09/ibhange-lombuso-lichaza-ngokwenzeka-e-ithala/

Uthe abafuni i-IDFC ize iwe bhu phansi bengasukumi ngoba kumanje le nkampani exhasa amabhizinisi ikhipha izimali ngendlela engafanele.

“Sifuna kuphenywe uMnu uSizwe Khumalo, i-group chief executive, ngoba akayilandeli imithetho yokuphatha. Uqoka izinkampani ezilungisa amabhilidi ezazisebenza neSouth African Social Security Agency. Ezinye izinkampani ebezivele zenza lo msebenzi sezikhishelwa ngaphandle ngendlela engaqondakali,” kusho uMthalane. 

Efunda uhlu lwezikhalo, usole izikhulu ze-IDFC ngokuhluleka ukuphatha, ukuqasha ngokuchema kophiko komnyango wakwandabazabantu, athe usebenzisana noKhumalo, ukumosa imali,  athe izisebenzi zinobufakazi bako, ukuhluleka ukunakekela izakhiwo ze-IDFC ikakhulu ezisetshenziswa yizimboni.

Ubalule ukuthi izimboni ezinkulu, okubalwa iDefy nezinye, ziphume emabhilidini e-IDFC ngoba enganakiwe. Uthe izinxanxathela zezitolo ezingaphansi kwe-IDFC azinakiwe kangangokuthi ngisho umshwalense ukhokhela ezazicekelwe phansi kodwa azilungiswa.

Izisebenzi zifuna ukubuyiselwa umhlomulo we-medical aid ezinye eziphucwe wona ngoba kuthiwa kongiwa izindleko. Ezinye zifune kubuye lo mhlomulo ophelele njengoba wancishiswa.

Ngenkathi zibhikisha bezibeke ibhokisi elibhalwe ukuthi “Bring Back Our Medical Aid” nothi “RIP Khumalo”, zithi okuzicasula kakhulu wukuthi azichazelwanga ngezinguquko ze-medical aid. 


Ngemva kokufunda uhlu lwezikhalo, uMthalane uludlulisela kuMnu uBoyce Mntambo, umqondisi wesifunda womNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo eThekwini. UMntambo uthembise ukuludlulisela kubantu abafanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page