‘Yibawumngani wemali, ungayisabi, ungayiphapheli’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uPhila ‘Phila Koshin’ Dlamini, umculi, umdidiyeli womculo, u-DJ, uvundula abaculi futhi akhiqize ezinye izingoma ezidlala kuZalo, iShaka Ilembe ne-Amalanga Awafani. Ingoma yakhe ethi Love Back iholele ekutheni ancintisane nabanye kwi-Best New Artist kumaMetro FM Awards alo nyaka
WUBONISWA MOHALE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiyiphatha imali esikoleni. Ngangibuye ngiyibeke ukuze ngenze into enhle uma kuphela unyaka. Sengifunda amabanga aphezulu ugogo wangisikela indawo elokishini. Ngangiyibeka kancane kancane ngaze ngakha imiqasho.
Waqala nini ukuba me-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi?
Ngayivula sengifunda amabanga aphezulu, ngayivula eFNB eSwatini. Ngesikhathi ngizokwakha imiqasho ngabona ukuthi imali kudingeka ihlale endaweni ephephile.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Mina ngangihlala kakhulu nogogo owayenamabhizinisi. Wangifundisa ukuthi uze uthole imali kufanele usebenze kanzima nokuthi imali ayidliwa yonke, uyayibeka eningi udle encane.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Umholo wami wokuqala ngathenga iselula iSiemens. KwakuwuR600. Yayisesitayeleni ngaleso sikhathi.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuthenga ipulazi, imfuyo nokuzakhela umuzi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/24/amaphaphu-aphezulu-kosomabhizinisi-abancane-abadayisa-izimpahla-emelika/
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthatha imali yami ngisayinise abaculi. Kwakungafanele ngikwenze loko ngoba abantu phela laba. Uma sebeshintshe ingqondo imali yakho isuke isihambile.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Eyi ngalenza. Kwahamba uR40 000 angisalazi negama laleya nto.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Kubalulekile ukuthi ubewumngani wemali, ungayisabi futhi ungayiphapheli. Kufanele uqonde ukuthi isebenza kanjani nokuthi yenziwa kanjani nokuthi ibekwa kanjani. Okubalulekile wukuyigcina ikwakhele umcebo ngoba ukuyenza kulula kodwa ukuyigcina kunzima.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingatshala uhhafu bese ngithenga imfuyo ngenye, ngizenzele nokunye engikuthandayo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Tshala kuwena, enkampanini yakho ngoba izobuya. Isibonelo nje uma unenkampani yokuthutha kufanele uthenge iloli lokuthutha impahla, imali izobuya uma usuthuthela abantu.
