Amasu okugcwalisa imininingwane yentela nge-efiling
YINTATHELI YOMBELE
UKUTHUMELA imininingwane yakho yentela akusho ukuthi kufanele ume kolayini abade emahhovisi eSouth African Revenue Service (eSars). Nge-efiling, ukugcwalisa ngobuchwepheshe kwikhompyutha noma ocingweni, ungathumela imininingwane yakho online usekhaya, ehhovisi noma kuphi.
Kunezindlela ezingasiza abakhokhintela ukuthi baqonde ukusebenzisa i-efiling yeSars. Nazi ngezansi:
Okokuqala: Bhalisela i-efiling ngokuvakashela i-website esemthethweni eSars efiling ethi: www.sarsefiling.co.za Ciphiza embhalweni othi “Bhalisa” uma kungokuqala ngqa uyisebenzisa. Uzodinga ukuba naloku:
- Imininingwane yakho (inombolo yakho yomazisi);
- Inombolo yakho yentela, phecelezi i-tax reference number;
- I-email nenamba yocingo;
Uma usuqedile ukubhalisa, iSars izokuthumelela umlayezo wokuqinisekisa ukuthi usubhalisile ozongena nge-sms noma nge-email.
Okwesibili: Ngena ngemininingwane yakho kwi-akhawunti yakho
Ngemva kokubhalisa, buyela ekhasini le-Sars eFiling uzobe usungena usebenzisa igama lakho, i-username, ne-password.
Okwesithathu: Faka inombolo yakho yentela. Uma uqala ukusebenzisa i-efiling, kungenzeka kudingeke ukuthi ufake inombolo yentela. Landela imiyalelo ukuze iSars iqinisekise imininingwane yakho.
Okwesine: Gcwalisa i-tax return (iITR12)j. Uma kuvula isikhathi sokuqoqa intela, iSARS izokwazisa. Uma usungenile, cindezela igama elithi “Returns” → “Personal Income Tax (ITR12)”. Khetha unyaka wentela ofanele.
I-Sars ingase ukugcwalise eminye imininingwane engakuyona njengeyomqashi wakho i-IRP5 yomqashi. Buyekeza imininingwane oyibonayo futhi ulungise noma yimiphi imininingwane engekho noma eyiphutha.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/11/siqalile-isikhathi-sokuqoqa-intela/
Qiniseka ukuthi ufaka: Iholo olitholayo neminye imisebenzi oyenza eceleni.
Gcwalisa imininingwane yezimali ezibanjwayo, okubalwa eye-medical aid, eyomhlalaphansi, uthumele nama-logbook uma kunesidingo.
Okwesihlanu: Thumela yonke imininingwane osuyigcwalisile. Uma yonke imininingwane ilungile, cindezela u-“submit“.
Uzothola umlayezo oqinisekisa ukuthi usuyifake yonke imininingwane yakho yentela. I-Sars ingakwazisa ukuthi usuqedile ukuthumela konke obekudingeka noma icele ukuthi uthumele eminye imininingwane eseka okubhalile.
Okwesithupha: Faka amaphepha noma eminye imininingwane ecelwa yiSars. Uma iSars icela amanye amaphepha aseka okushoyo, ngena ku“Returns History”, vula isicelo bese ufaka amaphepha adingekayo (njenge i-IRP5, isitifiketi se-medical aid, ubufakazi bezindleko).
Okwesikhombisa: Qapha okuzoshiwo emva kokufaka konke okudingekayo. Qhubeka nokubheka i-profile yakho ukuze ubone umphumela, ukuthi ufanele yini ukubuyiselwa imali, bheka imiyalelo yokukhokhela iSars uma uyikweleta.
Amasu angakusiza:
Qiniseka ukuthi imininingwane yakho yokuxhumana neSars iyiyonayona. Sebenzisa i-internet engahluphi. Beka amakhophi ezinto ozihambisile ukuze uwasebenzise ngokuzayo.
Ungakwazi futhi ukuthumela imininingwane yakho yentela usebenzisa i-app yeSars etholakala kuma-smartphone.
Kungani kufanele usebenzise ubuchwepheshe ukuthumela imininingwane yakho yentela?
I-Sars ithi i-efiling iyashesha, iphephile futhi yenzeka noma kuphi. Yonga isikhathi, yehlisa ukugcwalisa amaphepha futhi iyakusiza ungazitholi ubamba olayini.

