Usephinde waluqala utalatiya umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump omemezele ukuthi intela yezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayiswa kuleliya lizwe isizoba wu-30% uma kuqala u-Agasti. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ifuna ukuxoxa noTrump ngentela yezimpahla ewu-30%

WUTHOBILE ZWANE

YIZE bekulindelekile ukuthi umengameli waseMelika uzobuye ayinyuse intela yezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayiswa eMelika kodwa uhulumeni usenethemba lokuthi uzoyehlisa. 

UMnu uDonald Trump umemezele ukuthi umakuqala u-Agasti izimpahla zaseNingizimu Afrika ezingena eMelika zizokhokha intela ewu-30%. 

INingizimu Afrika ivule izingxoxo neMelika ukuze kuxazululwe lolu daba. Umengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa uyalele ithimba lakhe lezohwebo ukuthi lisheshise izingxoxo ngokusebenzisa isivumelwano i-Framework Deal esathunyelwa ngoMeyi. 

Usihlalo wekomiti  elisingethe lezi zingxoxo uNksz uSonja Boshoff uthe ukunyuka kwentela kubeka umnotho nemisebenzi yabantu engcupheni. 

Uthe  izimboni ezithintekayo ezolimo nezezimoto, okuyizona ezidayisa imikhiqizo yazo eminingi eMelika. Lezi zimboni uthi ziqashe abantu abawu-35 000 kanti zifaka ngaphezu kukaR38 billion emnothweni wezwe ngonyaka. 

“Lezi zimboni ziseka imindeni, imiphakathi yasemakhaya nomnotho wezwe,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/29/izinqumo-zikatrump-ziyisikhumbuzo-sokuthi-amazwe-kufanele-athembele-emnothweni-wawo-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Isazi somnotho wezolimo se-Agricultural Business Chamber uMnu uWandile Sihlobo sithe imboni yezolimo eNingizimu Afrika igxile kakhulu ekuhwebeni namanye amazwe kanti iMelika ibalulekile. 

USihlobo uthe indawo yeMelika ngeke ivalwe yiChina ohwebeni lwezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayisa phesheya. 

“Imboni yezolimo yaseNingizimu Afrika ithumela umkhiqizo obiza u$13.7bn (R244.76bn) ezimakethe zakwamanye amazwe njalo ngonyaka. Lesi yisibalo sangonyaka odlule. Asikwazi nje ukukuziba okushiwo wumengameli waseMelika ngoba le mboni ingenisa imali eningi emnothweni. Kufanele kusheshe kuxoxwe ngoba intela enyuka mawala izolimaza imboni,” kusho yena. 

Wenze isibonelo sokuthi iMelika ithenga u-14% kuya ku-20% wamawayini enziwa eNtshonalanga Kapa. Uthi vele izimpahla zaseNingizimu ezithunyelwa eChina zikhokha intela efinyelela ku-12%.  

Ubalule ukuthi kunezifundazwe ezigxile ekudayiseni imikhiqizo yazo yezolimo phesheya, njengeMpumalanga neNtshonalanga Kapa. 

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo uMnu uJohn Steenhuisen uthe kufanele bewuhulumeni basukume ngoba kuzokonakala okuningi uma okushiwo wuTrump kugcina kwenzekile.

Isikhulu esiphezulu seNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa ( iNaamsa) uMnu uMike Mabasa sithe intela emenyezelwe yiMelika izoshaya imboni yokukhiqiza izimoto nezinye ezincike kuyona. 

“Intela yaseMelika ibeka engcupheni izinkulungwane zemisebenzi embonini yethu. Ngeke idale inkinga inkinga kwezohwebo kodwa izodala inkinga kwezenhlalonhle nasemnothweni,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/11/02/uthi-kwamsiza-ukusebenza-nabantu-abadala-futhi-abazi-ngaphezu-kwakhe-lo-somnotho-osesebenze-emikhakheni-eyehlukene-uxoxe-noslindile-khanyile-ngohambo-lwakhe/

UMabasa uthe iMelika inobudlelwano obudala neNingizimu Afrika kwezohwebo kanti iyizwe elibalulekile lokudayisa izimoto kule mboni. 

Ubalule ukuthi ngaphansi kwe-African Growth and Opportunity Act iNingizimu Afrika ithokozele ukufinyelela emakethe yaseMelika ngaphandle kokukhokhiswa intela emba eqolo, imboni yezimoto ibambe ingxenye enkulu yalolo hwebo. Ngonyaka odlule ukuhambisa izimoto eziwu-24 681 eMelika kungenise uR28.6bn.

Ukunyuka kwentela kubenomphumela omubi embonini njengoba iNaamsa ithi ngekota yokuqala yalo nyaka, ukuthumela izimoto eMelika kwehle ngo-73% ngekota yokuqala ka-2025, kwalandelwa wukwehla ngo-80% ngo-Ephreli nango-85% ngoMeyi.

UMabasa uxwayise ngokuthi uma belahlekelwa yimakethe yaseMelika, izizinda zezimboni ezisezifundazweni ezihlukene zisengcupheni ngoba amafemu azovala kuphele imisebenzi.  

Uthi imboni yezimoto iqashe abantu abangaphezu kuka-110 000 uma kubalwa nazo zonke ezinye izimboni ezincike kuyo.

Ungoti kwezobudlelwano bamazwe ngamazwe nepolitiki wase-University of Johannesburg uSolwazi uSiphamandla Zondi uthe lesi sinqumo sikhombisa ukungaqiniseki ngenqubomgomo yezangaphandle yaseMelika ngaphansi kukahulumeni kaTrump.

“Ngicabanga ukuthi ngisho nezikhulu eziseduze kwakhe (uTrump) zimangele. Uvele enze izimemezelo ezixakile kungalindelele muntu,” kusho yena.

UZondi ukholwa wukuthi isu likaTrump lokunyusa intela liyiqhinga elihleliwe elihlose ukunyusa amandla eMelika uma ixoxisana namanye amazwe.

“Le ntela enyuka njalo yenzelwe ukuqinisa amandla eMelika uma yenza izivumelwano namanye amazwe. Isebenza kangcono uma abathintekayo kufanele bashaye indesheni bayoncenga iMelika. Kuyayisiza ukuthi yenze izivumelwano ezivuna yona kodwa zibezixhaphaza amanye amazwe,” kuchaza yena.

Imifelandawonye yezinyunyana iCongress of South African Trade Unions neSouth African Federation of Trade Union zisigxekile isimemezelo sikaTrump. Zisifanise nempi yomnotho ebhekiswe eNingizimu Afrika. 

Zigqugquzele uhulumeni ukuthi usukumele ukugwema ukuphela kwemisebenzi embonini yensimbi, eyolimo nezinye ezidayisa imikhiqizo eMelika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page