I-Nedbank idayise amasheya ayo e-Ecobank ngoR1.8bn
YINTATHELI YOMBELE
I-NEDBANK imemezele ukuthi idayise amasheya ayo awu-21.2% e-Ecobank ngoR1.8 billion idayisela iBosquet Investments.
Ithathe lesi sinqumo emva kokubheka izinhlelo zayo zezimali ngomhlaka-30 wangoJuni kulo nyaka.
Ngokusho kwesikhulu esiphezulu seNedbank uMnu uJason Quinn bafinyelele kulesi sinqumo emva kokubhekisisa izinhlelo zabo zonyaka.
“Sibone kungcono ukuthi sidayise amasheya ethu e-Ecobank emva kokuhlela kahle izinhlelo zethu zonyaka. Sahlela ukuthi sifuna ukukhula ngakuphi. Siyajabula indlela ubudlelwano bethu ne-Ecobank obuyiyona. Sikwazile ukukhulisa i-Afrika ngokusebenzisana,” kusho yena.
Uthe ukudayisa kwabo amasheya e-Ecobank kukhombisa ukuthi bazihlela kahle izinhlelo zabo zokusebenza e-Afrika njengoba befuna ukugxila kakhulu e-Afrika eseningizimu nasemazweni asempumalanga ye-Afrika, lapho benamabhizinisi amaningi abawaphethe.
I-Bosquet Investments iyingxenye ye-Enko Capital Management LLP eyaziwa nge-Enko Capital, inkampani kaMnu u-Alain Nkontchou owayisungula.
Uthe banayo imali yokuthenga amasheya eNedbank futhi balindele ukuthi konke kube sekuphothuliwe ngalolu hlelo uma kuphela ikota yesine yalo nyaka.

