Amanani okudla ayaqhubeka nokudla amagalani
WUTHOBILE ZWANE
NGEMVA kwezinyanga ezintathu amandla emali engaphansi kwesilinganiso esibekwe yiBhange lomBuso abuyele ku-3% ngoJuni, esuka ku-2,8% ayekuwona ngoMeyi ngenxa yokunyuka kwamanani okudla.
Umbiko weStatistics South Africa (iStatsSA) obubheka amandla emali i-consumer price index (i-CPI), uveza ukuthi amandla emali amasha acindezela abathengi abangenayo imali eningi.
Umqondisi ongamele ucwaningo lwamanani eStats SA uMnu uPatrick Kelly uthe intengo yenyama, ikakhulu eyenkomo, yiyona enyuke kakhulu.
“Inyama yokwenza isishebo senkomo, i-mince, nesteki konke kukhuphuka kakhulu. Kulo nyaka inyama yenkomo yokwenza isishebo ikhuphuke ngo-21,2%. Loko kukhuphuka ngamandla seloku kwaqala ngo-2017,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/03/amba-eqolo-amanani-okudla-izakhamuzi/
Akuyona kuphela inyama enyukile kodwa amanani ezithelo, okubalwa amantongomane, namaveji nawo anyukile. Anyuke kakhudlwana izinyanga ezimbili zilandelana. Amaveji anyuke kakhulu wu-beetroot, u-lettuce nokherothi.
Amanani okudla okwenziwa ngombila, okubalwa i-cereal, ehlile. Amanani ombila abeku-0,4% ngoJuni.
Okunye ukudla okungabizi ubisi namaqanda okwehle ngo-0,5% kwathi ushizi wanyuka ngo-0,3%.
I-Stats SA ibuye yabika ukuthi irenti ikhuphukile isuka ku-2,9% ngekota yokuqala, yaya ku-3,0% ngekota yesibili.
Inhloko ye-Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe kuhamba kahle uma amandla emali eseku-3%.
“Uma amandla emali eku-3% kusho ukuthi abathengi bazosala nemali emva kokufeza izidingo zabo. Kunika ithemba lokutho iBhange lomBuso lizokwehlisa imalimboleko ngesonto elizayo. Yinto enhle lena ngoba namaholo anyuke ngaphezu kwamandla emali,” kusho yena.
Uxwayise ngokuthi amandla emali azonyuka ezinyangeni ezizayo. Waphetha ngokuthi izinqumo ezenziwayo kufanele ziseke abathengi.

