Kufanele kubenemali yokugada ingozi – iphini likangqonqoshe wezimali
YINTATHELI YOMBELE
KUBALULEKILE ukuthi kubenemali ezovikela amazwe uma kunezimo eziphuthumayo ezishaya umnotho. Lisho kanje iphini likangqongqoshe womNyango weziMali uDkt David Masondo.
Lithi kubalulekile ukuthi amazwe ahwebe ngokukhululeka ngaphandle kwezihibe ukuze iminotho yawo ikhule.
“Sikwazile ukukhipha isitatimende esihlanganiswe yiwo wonke amazwe emihlanganweni yeG20 eqale ngomhlaka-14 yaphela ngomhlaka-18 wangoJulayi.
“Sikwazile ukuvumelana ukuthi iWorld Trade Organization kufanele ikhulule wonke amazwe ukuze akwazi ukuhweba ngokukhululeka. Besibuka izihibe ezikhona njengamanje. Kuningi esivumelene ngako, okubalwa nokuvikela umnotho uma kunezimo eziphuthumayo,” kusho yena.
Uthe izimo eziphuthumayo akhuluma ngazo yizifo, izimpi eziphakathi kwamazwe nezintela ezinyuswa ngamanye amazwe. Ukulungisa nokwakha ingqalasizinda ekwazi ukumelana nesimo sezulu esiguquka ngendlela engajwayelekile emhlabeni jikelele.
UMasondo uthi futhi bavumelana nangokuthi kufanele amabhange ombuso emhlabeni jikelele aqhubeke nokuzimela ngoba abalulekile ekuvikeleni umnotho wamazwe.
Khonamanjalo, izinhlangano ezilwela amalungelo abantu, izinyunyana nezinye ezizimele ebeziholwa yi-Oxfam zithe kufanele abantu abacebile bakhokhe intela yezicebi. Le ntela zithi izosiza ukunciphisa igebe elikhula njalo phakathi kwabantu abantulayo nabacebile.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, lezi zinhlangano zithe eNingizimu Afrika abantu abahluphekayo bahlupheka kakhulu, kuthi u-10% wezicebi ezinama-billion uphathe u-86% womnotho we zwe.
Zithe lesi simo sikhona kuwo wonke amazwe, ngakho-ke uma ohulumeni abahambele iG20 bezimisele ukushintsha isimo sabantu, kufanele izicebi ezinama-billion, ama-trillion nenye imali eningi zikhokhe intela ezolwa nenhlupheko emhlabeni.

