Izikweletu zamazwe nezinkinga zomnotho ziseqhulwini kwiG20
YINTATHELI YOMBELE
UMQONDISI-JIKELELE womNyango weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthi luzobe luhamba phambili udaba lokWehlisa izikweletu zamazwe ukuze akwazi ukusimamisa umnotho.
Izolo uPieterse utshele izintatheli ukuthi umhlangano weG20 wabaphathi bamabhange amazwe uzobheka izinkinga ezihlukene zomnotho ezenzeka emhlabeni.
Kulezo zinkinga ubalule ukuzamazama emnothweni wamazwe omhlaba ngenxa yezimpi, ukungaboni ngaso linye kwamazwe ahlukene nezimemezelo eziletha izingqinamba emikhakheni ethile.
“Sihlangene ngesikhathi lapha umnotho ungakhuli ngendlela efanele, amazwe anezikweLetu ezinkulu, amandla emali ayantenga. Siyaphoqeka ukubopha izifociya,” kusho uPieterse esithangamini nabezindaba ebesiseZimbali, eThekwini, KwaZulu-Natali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/28/usizo-lwemali-yokuguquguka-kwesimo-sezulu-ibeluseqhulwini-kwig20/
Uthi imihlangano yeG20 izobhunga ngalezi zinkinga futhi ize nezixazululo zazo.
Izoqhubeka ibheke umphumela wobuchwepheshe emnothweni, ukusetshenziswa kobuchwepheshe ukuphucula impilo yabantu, ukuthola imali ezosiza esimweni sezulu esiguquka ngesivivinini nokunye okushintsha umnotho.
“Ukungamela kwethu iG20 kubeka phambili izisombululo ezizoza noguquko olufanele emnothweni. Kunezingxoxo zabaholi bamabhange amazwe ezizohambisana nendikimba yethu yeG20 ethi Solidarity, Equality, Sustainability,” kusho yena.
Uthi kulezi zinsuku ezimbili ezizayo i-Council of Europe Development Bank izobachazela ukuthi ikuqapha kanjani okwenzeka emnothweni wamazwe asathuthuka nokuthi izoqinisekisa kanjani ukuthi imali isetshenziselwa ukusimamisa amazwe.
Loku kuzolandelwa wumzekelo weWorld Bank ezobe ikhombisa ukuthi uma kubanolunye ubhubhane imali izokhishwa kanjani ukubhekana naleso simo.
Zizobe zikhona izithangami ze-International Monetary Fund nezeWorld ezibheka izikweletu zamazwe.
“Usukhona umnyakazo owenzekile kusuka emhlanganweni wango-Ephreli njengoba sekukhona i-playbook echaza ngezikweletu zamazwe nokuhleleka kwazo. Kunohlaka lwemigomo okufanale ilandelwe uma kuhlelwa izikweletu zamazwe. Kuzobekukhona nowayewungqongqoshe womNyango weziMali eNingizimu Afrika uMnu uTrevor Manuel ozochaza ngomsebenzi wekomiti elibheka izikweletu zamazwe,” kusho uPieterse.
Uthe leli komiti yilona elizochaza nangokwenzeka ezikweletini zamazwe ase-Afrika njengoba leG20 ibeka ukusimama kwe-Afrika phambili.
Emva kwale mihlangano kuzophuma izitatimende ezibalulekile ngokuqhubeka kulesi sigaba seG20 esiseThekwini.

