Kubalwa izinsuku ngaphambi kokuqala kweDurban Fashion Fair
YINTATHELI KAMASIPALA
AYISEKHO enye indaba exoxwa ngabathandi bengqephu eThekwini ngaphandle kweDurban Fashion Fair (iDFF), okuzobe kungeyesi-14 kulo nyaka.
I-DFF yalo nyaka izobe iseDurban Exhibition Centre, isuka eThe Station Urban Event Space. Indikimba yalo nyaka, ethi “The Awakening”, ikhombisa ukuzibophezela kukaMasipala waseThekwini ekufukuleni imboni yobuciko nokunyusa izinga lemfashini.
Kuzokhangisa abasikingqephu abawu-60 abadumile nabasafufusa kulo mbukiso ozobamhlaka-17 kuya kumhlaka-19 wangoSepthemba. Phakathi kwabasikingqephu abazokhangisa kubalwa oDuke Clothe Your Soul, uMita-N Dzyns, uPinky Dlamini/Modesta, uCarita Adams noKaren Monk Klinstra nabanye baseWindhoek, eNamibia.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/18/i-durban-fashion-fair-imema-abasikimfashini-abasafufusa/
Selokhu yasungulwa ngo-2011, iDFF isisize abasikingqephu abawu-12 ukuyokhangisa emibukisweni eyisithupha emva kokudlula ohlweni lwayo lokuqeqesha abasikingqephu abasha.
Usihlalo wekomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela uMnu uThembo Ntuli ubalule ukuthi iDFF iqinisekisa ukuthi abantu abaningi bangena emnothweni ngokuxhasa osomabhizinisi bemboni yemfashini, okubalwa nabasikingqephu, okuyinto evula amathuba emisebenzi.
“Eminyakeni ewu-13 edlule iDFF isishintshile yabawumbukiso obalulekile osiza abasikingqephu ukuthi bathole amakhasimende athenga izimpahla abazikhiqizayo kuleli zwe naphesheya. Iyayiseka kakhulu imboni yokukhiqiza,” kusho yena.
UNtuli uthe iDFF igxile ekukhiqizeni kuleli zwe, ngakho ibuye ifundise abantu ngokubaluleka kokuthenga amalebuli abasikingqephu baseNingizimu Afrika.
“Lo mbukiso uqinisekisa ukuthi abasikingqephu bakuleli zwe bayaziwa, ugqugquzele abantu ukuthi bathenge ingqephu engabizi futhi ugqugquzela ukuzisebenza. Sikholelwa kakhulu ekutheni imboni yemfashini izoshintsha ngomuso yakhe amathuba amaningi,” kusho yena.
Ngezinyanga zokulungiselela iDFF kucijwa abasikingqephu ngaphansi kwe-eThekwini Municipality Fashion Development Programme. Kubanohlelo lokuqeqesha abasikingqephu abasha. Kulo nyaka iFezile Fashion Skills Academy ibiqeqesha abasikingqephu abawu-24, ibahlomisa ngamakhono obuciko nawebhizinisi.
Bawu-350 abasikingqephu abafufusa asebehlomulile kulolu hlelo olwenzeka njalo uma kuzoba neDFF.
Qiniseka ukuthi kunento ezokukhumbuza ukuthi ngomhlaka-26 wangoSepthemba kunomcimbi wokuklomelisa amavulandlela emfashini i-DFF Recognition Awards, ozoba seDurban Exhibition Centre.
Ukuthola ulwazi lwako konke okwenzeka kwiDFF ungalandela amakhasi ayo ezinkundleni zokuxhumana athi-@Durban Fashion Fair.

