Njengoba iNingizimu Afrika izilungiselela intela yaseMelika, uhulumeni kufanele ungenelele ngokushesha, kuloba uBusi Mavuso
ISIMEMEZELO esenziwe wuhulumeni waseMelika sokukhokhisa izimpahla eziningi eziqhamuka eNingizimu Afrika intela ewu-30% siyakhathaza kakhulu. Yize kusengenzeka kuxoxiswane ukuthola ushwele kodwa kufanele sizilungiselele okubi.
Yize izimpahla ezidayiselwa iMelika ziwu-2.2% womthamo womnotho, ezinye zalezo zimpahla ngeke zithinteke ngoba kukhona ezingabaliwe kwezizokhokhiswa intela, ikakhulu okumbiwayo okunjenge-platinum, igolide, i-chrome namalahle, okuyimikhiqizo ebalulekile kwiMelika.
Izimboni ezizothinteka kakhulu ezezimoto nezinsimbi zazo, ezolimo, okusansimbi (okuzokhokhiswa u-50%) nezinye izimpahla. Loku kuzozilimaza kakhulu izinkampani ezidayisela iMelika.
Amanye amabhizinisi azokwazi ukuthola amakhasimende kwamanye amazwe kodwa loko kuthatha isikhathi. Okwamanje, abhekene nenkinga ezokona izinto eziningi endleleni asebenza ngayo. Ngikhathazekile ngokuthi imboni yezimoto eMpumalanga Kapa izokwazi yini ukumelana nalesi simo.
Akusibo nje abakhiqizi bezimoto kuphela kodwa nabanye abakhiqiza izinsimbi nokunye okusetshenziswa ezimotweni abeseka le mboni. Uhulumeni wamengameli uMnu uDonald Trump uthe izimoto nabantu abenza izinsimbi neminye imikhiqizo yazo bazokhokha u-25%. Ngonyaka odlule, iMelika yathenga izimoto zomntakabani nezinsimbi kwenani eliwuR35 billion, okuningi okwakudayiswe wosomabhizinisi abancane.
Imboni yezolimo ekhiqiza okusa-orintshi nayo isizilungiselele ukuthi izozwela kakhulu indaba yale ntela. INingizimu Afrika yizwe lesibili elihamba phambili emhlabeni ngokudayisa umkhiqizo wokusa-orintshi ilandela iSpain kanti uma kubhekwa amazwe aseNingizimu yomhlaba, yiyona ehamba phambili, nokusho ukuthi isethubeni elihle emazweni aseNyakatho ikakhulu uma kuwubusika kuwo.
IMelika ithenge okusa-orintshi okungenise uR1.8bn nokuseke imisebenzi ewu-140 000. Asikalifaki iwayini, inyama yenkomo neminye imikhiqizo yezolimi ezothinteka. Umbuzo obalulekile owokuthi ngabe izinkampani ezithintekayo zizokwazi ukumelana nalesi simo isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthola amakhasimende kwamanye amazwe?
Ukushintsha izindlela zokukhiqiza nokuphothula izivumelwano kuthatha iminyaka, hhayi izinyanga. Ngesikhathi kusenzeka loku inqwaba yemisebenzi isengcupheni.
Kunezinqumo eziphuthumayo ezithinta imigomo okufanele zenziwe. Njengoba kwenzeka nge-Covid-19 ngesikhathi izinkampani ziphoqeka ukuvala, loku okwenzekayo okwesikhashana. Kodwa ukuvala kwezinkampani nokuphela kwezinkulungwane zemisebenzi kuwunomphelo. Ngaleso sikhathi, uhulumeni wanquma ukuseka izinkampani ngemali eyathathwa esikhwameni sikapoyinandi i-Temporary Employer/Employee Relief Scheme. Kufanele kucatshangwe usizo olufana nalolo ukubheka umthwalo wale ntela.
Kufanele futhi uhulumeni uqhubeke nokuxoxisana nabalingani bawo eMelika ukuthola izindlela zokugwema umphumela omubi wale ntela kodwa kufanele sizilungiselele ukuthi kuzokwenzeka okubi. Asikwazi ukuciciyela sizame ukuhlanganisa isisombululo emva kwendaba. Isinqumo sikahulumeni sokuxhasa izinhlelo zokulwa negciwane lesandulelangculazi ngoR753 million ngenxa yokuhoxa kwesikhwama saseMelika iPresident’s Emergency Plan for Aids Relief (iPepfar) kutshengisa indlela yokubhekana nenselelo uma iqhamuka.
Yize le mali kungeyona yonke ebiqhamuka kwiPepfar kodwa kukhombisa ukuthi uhulumeni uyakwazi ukunyakaza uma isimo siphoqa. Uhulumeni kufanele usungule isikhwama sokubhekana nomphumela wale ntela ukuseka izinkampani eziqhuba kahle ngesikhathi zisabheka amakhasimende kwamanye amazwe. Ubudlelwano bezepolitiki esinabo neMelika nabo bubalulekile kodwa asikwazi ukulinda umphumela walezo zingxoxo.
Inkinga uhulumeni obhekene nayo ngenxa yezinsolo ezithinta ungqongqoshe womNyango wamaPhoyisa uMnu uSenzo Mchunu idinga ukusukunyelwa. Isinqumo sikamengameli uMnu uCyril Ramaphosa ngeSonto sokuvumela lo ngqongqoshe ukuhlaba ikhefu, siyasamukela, yize ukummisa ngesikhathi uphenyo lusaqhubeka bekuyinto efanele uma kubhekwa uhlobo lwezinsolo, ezifaka ukukhohlisa iPhalamende nokugxambukela ophenyweni lwamaphoyisa oluqondene namacala athinta ipolitiki KwaZulu-Natali.
Isinqumo sikaRamaphosa sokuqoka uSolwazi uFiroz Cachalia ukuthi abewungqongqoshe wamaphoyisa obambile sitshengisa ukuzama ukuqoka umuntu ongenazinto ezitheni ezimlandelayo futhi siyasijabulela.
Nokho bekungakuhle kuthathwe izinyathelo eziqinile kunaloku. Emasontweni amabili edlule, umengameli uxoshe iphini likangqongqoshe ngento ebukeka ingatheni – ukuya phesheya ngaphandle kwemvume.
Uma sixosha izikhulu ngokungalandeli inqubo, sikwenza kanjani ukushaya ngoswazi oluncane umuntu okungenzeka ukuthi uphazamise ukusebenza kwezobulungisa?
Isimemezelo sekhomishini ezophenya siletha ithemba inqobo nje uma izohlinzekwa ngezinsizakusebenza ezifanele ukuseka obambile njengephini lenhloko yamajaji iJaji uMbuyiseli Madlanga, oqokwe ukuyihola.
IKhomishini kaNugent yalekelela ukuvuselela uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service nePublic Investment Corporation, okutshengisa ukuthi amakhomishini ayasebenza uma ehlanganiswe kahle futhi esekwa ngendlela efanele.
Nokho asikwazi ukuvumela ukubambezeleka nokweqa emalini ebekiwe ngendlela okwenzeke ngayo ngamanye amakhomishini futhi asikwazi ukuvumela ukuthi iziphakamiso zigcine ziyinto nje engathi shu njengenqwaba yezaqhamuka kwiKhomishini kaZondo eyayiphenya ukugwamanda amandla ombuso.
Kuzofanele lisheshe iJaji uMadlanga futhi lenze iziphakamiso masinyane zokumisa ababeka ezokuvikela engozini.
Lesi simo sithinta isisekelo sezobulungisa ngqo. Amaphoyisa kufanele asekwe wosopolitiki uma ephenya ubugebengu futhi awuqhube umsebenzi wawo ngaphandle kokwenzelela. Uma kukhona nakancane izinsolo zokugxambukela, loko kuqeda ithemba emphakathini futhi kumisa isibindi amaqembu ezigebengu asengene shi nakwezombusazwe. Kufanele zihlakazwe zonke lezi zinto futhi umengameli nguyena okufanele ahambe phambili, ngokuqinisekisa ukuthi uyaweseka ngokuphelele amaphoyisa, ukuphenya nanoma wubani eholwa wumkhondo anawo.

