Yize imboni yezimoto ibhekene nentela yaseMelika kodwa akhona amanye amathuba – izingqapheli
YINTATHELI YOMBELE
IMBONI yezimoto eNingizimu Afrika ibhekene nezinselelo zohwebo nokuphazamiseka kwezindawo edayisa umkhiqizo wayo kuzona, okubalwa nentela yaseMelika ewu-30% yezimoto nezinsimbi zazo ezisuka kuleli zwe.
Lezi zinselelo zizophazamisa ukuncintisana okuhle kwemboni yezimoto futhi kuyenze ibisengcupheni uma iqhathaniswa neyamanye amazwe.
Inhloko yohwebo namanye amazwe ophikweni lwe-Business and Commercial Banking eStandard Bank uMnu uLuthando Vuba ithi yize kunezinselelo zentela kodwa kusekhona amathuba angasetshenziswa yimboni yezimoto.
“Sine-African Continental Free Trade Area (i-AfCFTA) ezovulela izimboni zakuleli zwe amathuba amasha. Izokwazi ukuhwebelana nemboni yezimoto eMorocco, eNigeria, eGhana, eKenya nase-Egypt lapho izinsimbi zezimoto zaseNingizimu Afrika, okubalwa izinjini namathayi ezimoto zikagesi, zihlale zidingeka khona,” kusho yena.
Uvuba uthi ucwaningo lweNational Association of Automotive Component and Allied Manufacturers (iNAACAM) luveze ukuthi ukukhiqiza izinsimbi zezimoto kwehle ngo-6,7% ngoMeyi. Nokho ukuzidayisa kunyuke ngo-3,9%, njengoba zidingeka emakethe yakuleli zwe nakwamanye amazwe ngaphandle kwaseMelika.
Ngo-2023 uthi i-Afrika idayise izinsimbi zezimoto ezikhiqizwe eNingizimu Afrika ezibiza uR42.b billion, okusho ukuthi leli zwe lidayisa izinsimbi eziningi emazweni angamalungu e-European Union.
“Silindele ukuthi imboni yezimoto iqhubeke nokukhula, isuka ku-$21.07bn (R369bn) ngo-2024 iye ku$33.14bn ngo-2033, njalo ngonyaka izokhula ngo-5,16%. Imakethe yaseNingizimu Afrika ingenise u-28,4% kuloku kukhula kwango-2024 kusukela ezinsimbini ezikhiqizile kuya ezinsimbini ezidayise kwamanye amazwe. Loku kukhombisa ukuthi imboni yezimoto izoloku ikhulile ezweni,” kusho uVuba.
Uthi uma iNingizimu Afrika izimisele ngokukhula kufanele ibheke amathuba alethwa yi-AfCTA ngoba umnotho wase-Afrika uyakhula, okuyinto eletha amanye amathuba.
“Abadayisa izimpahla ngaphandle kweze kufanele bahlome ngezinsiza ezizokwenza badayise imikhiqizo yabo emazweni ahlukene, bahlale benomkhiqizo ukuze bakwazi ukuncintisana nabanye njengoba le mboni iguquka.
“I-Afrika inokumbiwayo nezinye izimpahla zemvelo ezingayisiza ukuthi ikhetheke emhlabeni, loku kunamathuba okushintsha imboni yezimoto. Okumbiwayo kubalulekile kulezi zinsuku njengoba imboni yezimoto ishintsha, lapha sikhuluma nge-copper, i-cobalt, i-bauxite ne-lithium. Konke loku kwenza i-Afrika ibeyizwekazi elibalulekile embonini yezimoto emhlabeni jikelele,” kusho yena.
Inhloko ye-Business Coverage ebheke iMpumalanga Kapa ophikweni lwe-Business and Commercial Banking eStandard Bank uNkk u-Leigh-Anne De Witt ithe bazimisele ngokuseka izinhlangano ezikhulisa umnotho weNingizimu Afrika namanye amazwe kwezohwebo. Uthe yingakho bebengabaxhasi abakhulu bombukiso wemboni yezimoto iNAACAM yalo nyaka.
Ubalule ukuthi kuningi okwenziwa yiStandard Bank ukusiza imboni yezimoto ukuthi ifinyelele ezimakethe ezintsha futhi incintisane namanye amazwe ngezinhlelo zayo zokuxhasa izinkampani ezihweba namanye, i-supply chain finance, i-documentary trade instruments, i-international payment capabilities, i-logistics support ne-market intelligence.
Le mikhiqizo isiza osomabhizinisi ukuthi bazi izimakethe okufanele bahwebe kuzona, ukuthi yiziphi okungelula ukuhweba kuzo nolunye ulwazi olusiza osomabhizinisi.
Njengoba iStandard Bank ixhasa iNAACAM izimisele ukukhombisa abemboni yezimoto amathuba akhona kule mboni.

