I-Standard Bank ibeke eqhulwini ukuphucula i-Afrika – uTshabalala
YINTATHELI YOMBELE
IBHANGE elikhulu kunawo wonke e-Afrika ngokwezimpahla iStandard Bank linengqungquthela egqugquzela ukuxhasa i-Afrika ngezimali ukuze ibe nengqalasizinda esezingeni eliphezulu.
Le ngqungquthela ebizwa nge-“Financing Africa Forward” ibiseGoli izolo njengengxenye yezinhlelo zeBusiness 20 (iB20).
Isikhulu esiphezulu seStandard Bank uMnu uSim Tshabalala sithe beyibhange elikhulu e-Afrika bazibophezele ukuseka intuthuko ezosiza izwekazi ukuthi lisimame.
Uthe kule ngqungquthela bekuxoxwa ngamasu azosiza ukukhulisa umnotho wase-Afrika kubekucijwa nabantu ngamakhono adingekayo.
“Siyibhange elikhulu kunawo wonke e-Afrika, sizibophezele ukuseka intuthuko yabantu yesikhathi eside kulo lonke izwekazi. Enye yezindlela esibonisa ngazo lesi sibopho wukwenza izingqungquthela – njengalena – ezigxile ezintweni ezibaluleke kakhulu ukuletha ushintsho emnothweni wase-Afrika,” kusho yena.
Le ngqungquthela ibihlanganise izikhungo ezisebenza ngemali, izikhulu zohulumeni nabanye ababalulekile ekuthatheni izinqumo zokulungisa nokuthuthukisa ingqalasizinda yase-Afrika.
Okubalulekile obekudingidwa wukulungisa ingqalasizinda ukuze iseke ukukhula komnotho.
“Lona unyaka oyingqophamlando eNingizimu Afrika, eyengamele iG20, nase-Afrika yonkana. Kuyithuba lethu lokukhombisa amandla ethu okuhlanganisa umhlaba nokuqhuba izinhlelo zokusebenzisana kwamazwe omhlaba. ‘I-Financing Africa Forward’ iyingxenye yezinhlelo zethu zokushintsha indlela i-Afrika ebhekwa ngayo ngabatshalimali nokuyisiza ukuthi iveze umcebo wayo, ikhule ngokomnotho,” kuphetha uTshabalala.

