Izinkinga zezimoto sezikwiVW Polo Sedan
YINTATHELI YOMBELE
SELOKU kuqale uJulayi ikhomishini elwela amalungelo abathengi iloku icele ukuthi bazibuyisele emagaraji ngenxa yezinkinga ezihlukene.
Izolo iNational Consumer Commission (iNCC) icele abantu ukuthi babuyisele emagaraji amaVolkswagen (amaVW) Polo Sedan ayedayiswe kusukela ngomhlaka-11 wango-Agasti wango-2022 kuze kubemanje.
I-Volkswagen South Africa (iVWSA) ithe kunamaVW Polo Sedan awu-18 angafakwanga kahle ibhande lomshayeli. Kuthiwa le nkinga yenza ukuthi ibhande lingambambi kahle umshayeli, okuyinto engenza ukuthi alimale kabi noma afe uma kwenzeka ingozi.
I-NCC ithe abanikazi balezi zimoto kufanele baye emagaraji eVWSA aseduze nabo ukuze kuhlolwe izimoto zawo. Uma kunesidingo kufanele kulungiswe ibhande elingasebenzi kahle.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/14/sekutholakale-ezinye-izimoto-ezinobuhixihixi/
I-NCC ithe iJaguar Land Rover Limited isanda kucela ukuthi abantu babuyisele amaRange Rover Evoque ayekhiqizwe ngo-2021 kuya ngo-2024 bese kubanamanye akhiqizwe kulo nyaka. Kukholakala ukuthi amanye anenkinga ye-airbag engase iqhume uma kufanele ivikele umuntu. NeMercedes-Benz SA itshele iNCC ukuthi icela kubuyiselwe izimoto zayo ezidayiswe ngo-2023 okukhona kuzona iSL (232), i-EQS (297), i-GLC (254), iS-Class (223) neC-Class (206).
Kusolwa ukuthi ezinye zalezi zimoto zinenkinga kwi-fuse box, engahlelwanga ngendlela efanele.
Abathengi bacelwe futhi ukuthi babuyisele iGolf 8 R2.0 TSI 7 speed DSG 235 KW neGolf 8 GTI 2.0 TSI 7 speed DSG 180 KW. I-VWSA ithi lezi zimoto kungenzeka ukuthi amabhande esihlalo sabagibeli esiphambili awafakiwe kahle ngenxa yephutha elenzeka ngesikhathi ethungwa.
I-Volvo South Africa nayo ithi ifuna izimoto eziwu-26, okuyi-XC90 plug-in hybrid yango-2025-2026. Kuthiwa amabhreki alezi zimoto kungenzeka angasebenzi kahle uma abashayeli beyishayela ngokwe-B mode noma besebenzisa i-one pedal drive kuleyo esebenza ngogesi kuphela.
I-Toyota South Africa itshele iNCC ukuthi icela kubuyiswe izimoto zayo eziwu-6 662 zeHino 500 SKD series neziwu-77 zeHino 500 CBU series. Lezi zimoto zidayiswe ngomhlaka-11 wangoMeyi wango-2023 kuya kumhlaka-14 wangoDisemba wango-2023, nangomhlaka-31 wangoMeyi wango-2018 kumhlaka-25 wangoDisemba wangonyaka odlule.
I-Hino 500 SKD inenkinga yokufakwa i-cage bolt spanner engafanele. I-Hino 500 CBU ifike ingenayo i-cage bolt spanner.
Khonamanjalo, odabeni olungathinti izimoto iDECATHLON South Africa Sports icele ukuthi kubuyiswe amaTARMAK B900 BOX NBA okuyi-hoop ye-basketball.
Kuthiwa indawo ebomvu kulo bhaskidi osetshenziswa ngabantu abadlala i-basketball ayixhumekile kahle. Loku kungenza ukuthi iwe.
I-NCC icele abantu ukuthi bangayisebenzisi kodwa bayibuyisele lapho beyithenge khona ukuze basizakale.

