I-Steinhoff igcine igobe uphondo ngoR6.3 billion ewukweleta iBhange loMbuso
YINTATHELI YOMBELE
EMVA kweminyaka eyisikhombisa iSteinhoff, esibizwa nge-Ibex Group, ifuna iBhange lomBuso liyibuyisele uR6.3 billion eyayihlawuliswe wona ngokuphula imithetho igcine isisayina ukuthi kulungile ihlale kuhulumeni le mali.
I-Steinhoff yabasematheni ngoDisemba wango-2017 ngesikhathi kuvela ukuthi isikhulu esibheke izimali uMnu uMarkus Jooste saphula imithetho yokuhweba. Wazibulala ngoMashi wonyaka odlule esebona ukuthi uzoboshwa futhi umbuso uzoshaqa zonke izimpahla zakhe.
I-Steinhoff yahlawuliswa izimali ezihlukene eNingizimu Afrika naseYurophu ngokuphula umthetho i-Exchange Control Act wango-1961. Lo mthetho ulawula ukubika kwezinkampani ngemali engenayo nephumayo ezweni.
Umbango phakathi kweBhange lomBuso ne-Ibex uqale ngo-2023. I-Ibex ibikhala ngokuthi yinkulu kakhulu inhlawulo ewuR6.3bn okhokhiswe le nkampani yiBhange lomBuso emva kokuphula i-Echange Control Act.
Lolu daba bese luphethwe ngabameli ngenxa yobucayi balo kodwa emva kokuthi zonke izinhlaka ezithintekayo zibonisene, kunqunywe ukuthi le mali nenzalo yakhona ayingene esikhwameni sikahulumeni.
Esitatimendeni, iBhange lomBuso lithe loku kusho ukuthi awusekho umbango ngoR6.3bn owahlawuliswa le nkampani. Kusho ukuthi zizoqhubeka izinhlelo zokuhlela kahle ibhizinisi ezazikhishwe yinkantolo yaphesheya ukukhokhela abantu abakweletwa yile nkampani.
Isizokwazi nokunquma ukuthi kwenzekani ngamasheya ayo asenkampanini iPepkor.
IBhange lomBuso lithe lesi sinqumo sihle kakhulu futhi siqinisekisa umsebenzi walo wokuvikela abantu baseNingizimu Afrika.
NgoDisemba wango-2017 iSteinhoff kwatholakala ukuthi ibiqamba amanga ngesimo sayo sezimali, amasheya ayo ehla ezimakethe zokuhweba eFrankfurt, eGermany, naseJohannesburg Stock Exchange. Loku kwashiya le nkampani nesikweletu esiwuR155bn.
Lesi simo sasisibi njengoba kwakucaca ukuthi iSteinhoff izovala abantu baphelelwe wumsebenzi futhi neNingizimu Afrika ilahlekelwe yisithunzi sokuqapha izinkampani ezisebenza ngemali.
Kuthe uma abaphathi bale nkampani bebona ukuthi isimo sibi bacela ukuhlela kabusha izikweletu zabo kusukela ngo-2018 kuya ku-2023. Bakwazile ukukhokha uR28bn obukweletwa amabhange aseNingizimu Afrika noR18.5bn obukweletwa izinkampani zakwamanye amazwe.
Izinkantolo zaphesheya zazithe kufanele iSteinhoff ikhokhe uR29.6bn ukuze kukhokhelwe bonke abantu eyayibakweleta. Ngaleyo ndlela kwasizakala nePublic Investment Corporation eyayitshale impesheni yabasebenzi eSteinhoff.
Kulindeleke ukuthi izinkampani zakwamanye amazwe ezikweletwa yiSteinhoff zibesezikhokhelwe imali yazo ngoJuni wonyaka ozayo.

