I-Transnet izowusebenzisa ukukhokhela izikweletu nokulungisa ingqalasizinda uR94.8bn ewunikwe wuhulumeni. Isithombe: Sithunyelwe

I-Transnet itakulwe wuhulumeni ngoR94.8bn

YINTATHELI YOMBELE

EMVA kokuthi iS&P Global yehlise indlela iTransnet ekleliswe ngayo uma iboleka imali, uhulumeni uyinike uR94.8 billion, ozoyisiza ukukhokhela izikweletu.

Ngesonto elidlule isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusi Mavuso sizwakalise ukukhathazeka ngesinqumo seS&P sathi sitshengisa ukubheda kwesimo sezimali eTransnet nobuholi obungaqinile kahle.

Umkhulumeli womNyango wokuThutha uMnu uCollen Msibi uthe uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi iTransnet inoR48.6bn ozoyisiza ukukhokhela izikweletu zayo eminyakeni emihlanu ezayo. 

Loku uthe kulandela ukuthi uhulumeni ubone ukuthi kufanele le nkampani yakhe ihlale inemali eyanele ukuze ingabukwa kabi yizinhlangano ezibolekisa ngemali emhlabeni jikelele. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/23/isinqumo-sesp-sitshengisa-inkinga-ekhona-ngokusebenza-kwetransnet-kuloba-ubusi-mavuso/

“Emva kokubuyekeza indlela iTransnet ebukwa ngayo uma ikweleta, uhulumeni unqume ukuyilekelela ngemali ezoqinisekisa ukuthi izinhlangano ezibolekisa ngemali ziyazi ukuthi iyakwazi ukukhokha izikweletu zayo. 

“Lo R48.6bn uzoqapha isimo sezimali iminyaka emihlanu. Ibuye yabekelwa uR46.2bn ukuze ikwazi ukulungisa ingqalasizinda ebalulekile ezosheshisa ukusebenzisana kweTransnet nemboni ezimele. Isiyonke imali ezosiza iTransnet iwuR94.8bn,” kusho yena.

Uthe ngoMeyi uhulumeni wagunyaza ukuthi iTransnet isizwe ngoR51bn. Kuleyo mali kwakuzobakhona uR41.0bn ozoyilekelela ukufeza izinhlelo zayo zango-2025/26 nezango-2026/27, uR10.0bn kwakuthiwe uzoyisiza ukuthi ingaphelelwa yimali. 

Uthe ungqongqoshe womNyango wokuThutha uNkk uBarbara Creecy, usiqaphe ngeso lokhozi isimo sezimali eTransnet ngoba ufuna ikwazi ukusebenza ngaphandle kokutakulwa wuhulumeni. 

“UNkk uCreecy usibhekile isimo sezimali eTransnet, ufuna isheshise izinguquko okwavunyelwana ngazo ukuze ezokuthutha zisebenze kahle futhi nemboni ezimele igqugquzeleke ukusebenzisana nale nkampani kahulumeni,” kuphetha uMsibi.

Khonamanjalo, iTransnet Port Terminals (eTPT) ithi unyuke ngo-18% umkhiqizo wokusa-orintshi othunyelwe kwamanye amazwe ngoJuni. 

I-Europen Union yiyo ethenga kakhulu okusa-orintshi kwaseNingizimu Afrika, kulandele iMiddle East, ngokusho kwe-general manager for Commercial and Planning eTPT uNkk uMichelle van Buren Schele.

Uthi umkhiqizo awufiki ngamaloli kuphela echwebeni kodwa ulethwa nangamaguzu njengoba sekufike ama-container awu-980 ngamaguzu kusukela ngo-Ephreli kuze kubesekupheleni kwangoJuni.

Loku uthi kunyuke ngo-16% ezibalweni zangonyaka odlule ngenxa yofika kwama-container awu-846 ngamaguzu. Uthe kulo nyaka iCitrus Growers Association, usoseshini wabalimi bokusa-orintshi, ithe ilindele ukuthumela ama-container awu-106 500 alo mkhiqizo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page