‘Uma usebenzisa imali enkulu, akube eyokufaka enye’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uNjabulo ‘uMadolo’ Mkhize, umsakazi weVibe FM we-Hip Hop Central, uhlelo olungena ngoLwesihlanu kusukela ngo-9 kuyango-12 emini nowumculi we-hip hop. Phakathi kwabaculi aseke wasebenza nabo kubalwa uBig Zulu, uDuncan nabanye
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiyiphiwa.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ukubanayo ngo-2020, ngiqala (ukusebenza). Ngayivula e-Capitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Yikhono lami okuwumculo wami. (Wayefuna ukucula ukuze enze imali)
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ukudla ekhaya ngathenga nezinto zokugqoka.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukutshala ekhaya nginwebe indlu noma ngingakaqedi. Ngifuna ukwakha amakotishi, ngiqashise.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuphuza utshwala. Angisho ukuthi kubi futhi angisho ukuthi angibuphuzi kodwa ngiyalenza iphutha ngokuthenga utshwala.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi kuyaphileka ngayo futhi nabantu bayasizakala. Iyabonakala inqubekela phambili ngemali. Uma unemali uyakwazi ukwenza izinto zenzeke, ikakhulu ezibalulekile.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakha amakotishi ngitshale nasemsebenzini wami ukuze ngihlale ngazi ukuthi angifune nkontileka yokuqopha kodwa ngizenzele mina.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Abagade izidakamizwa. Benze isiqiniseko sokuthi uma imali beyithola bayacabanga ngaphambi kokuthi bayisebenzise. Uma usebenzisa imali enkulu, yenza isiqiniseko sokuthi wenza izinto ezizokwenzela imali noma zingeke zikwenzele usaziqala kodwa ngokuhamba kwesikhathi kubeyizinto ezizofaka imali.
