UNksz uHappy Mchunu, umnikazi we-Eyemkhonto Guest Lodge, indawo yokuhlala izivakashi eseMawoti, eNanda, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Wathenga indawo kamkhulu wakhe wayiphendula indawo yezivakashi 

WUTHOBILE ZWANE 

OWESIMAME waseThekwini wabona ukuntuleka kwezindawo zokuhlala izivakashi endaweni yabantu wase engana kulo mkhakha webhizinisi.

UNksz uHappy Mchunu waseKlaarwater, entshonalanga yaseThekwini, uwumnikazi we-Eyemkhonto Guest Lodge eseMawoti, enyakatho yaseThekwini.

Le ntokazi eneminyaka ewu-49 ukuqala kwayo ibhizinisi kuthi ukujula kancane. Indawo kwakungekamkhulu wayo, yayithenga kuyena kuyimiqasho.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/05/10/owaqala-ngebhizinisi-lezinwele-namuhla-usewugalagala-kwezokuvakasha-kanti-usevulele-inqwaba-amathuba-omsebenzi-uxoxe-nozanele-mthethwa/

“Ngayiqala phansi ukuyivusa imiqasho, kwangenzeka. Kwafika umuntu wasemphakathi wangitshela ukuthi abanayo indawo yokuhlala izivakashi. Ngaqala lapho ukwenza ucwaningo, kwenzeka. Ngabona ukuthi yibhizinisi elingekho futhi nomphakathi ungasizakala uma ngiliqala,” kukhumbula yena.

UNksz uMchunu, one-Diploma in Marketing Management yase-Durban University of Technology, uthi  indawo yakhe inamagumbi ayisishiyagalombili anezindawo zokugeza, anethelevishini, i-fan, ifriji, ikhofi noma yisipho isiphuzo osithandayo. 

Uthi into eyenza indawo yakhe ihluke kwezinye ezisezindaweni zabantu wukuthi ezokuphepha ziqinile futhi amanani awabizi kakhulu uma uqhathanisa nezinye izindawo zokulala ezisendaweni.

Uthi amagumbi akhe abiza uR350 ubusuku, uma unomcimbi kuthi uma wengeza elinye kubewuR50, bese usuku lonke kubawuR300. Bayaba nezipesheli zabantu abahamba ndawonye futhi kuyabekiselwa ukwenza imicimbi njengeyestokfela ama-baby shower neminye imicimbi. Inhloso yakhe wukuthi le ndawo ikwazi ukusetshenziswa ngabantu abayakhele, ingabizi kakhulu.

I-Eyemkhonto Guest Lodge ibukeka kanjena ngaphandle kanti ngaphakathi amagumbi okulala izivakashi awubukhosi

Igama lebhizinisi Eyemkhonto uthe lisuswa esithakazelweni sakhe esithi inyanda yemikhonto. Muzwe echaza: 

UNksz uMchunu uthi noma zikhona izinselelo ahlangabezana nazo ebhizinisini kodwa uyakwazi ukumelana nazo.

“Ibhizinisi liseMawoti, eNanda, okuyindawo esatshwayo ngenxa yobugebengu obenzeka endaweni. Abantu abaningi banokusaba ngenxa yezigemegeme esezibekhona. Sinezinkinga zamanzi nogesi ngezinye izikhathi. Kuningi… kodwa sengakwazi ukubanezixazululo zaloko nokunye ukuze sikwazi ukuqhubeka nebhizinisi,” kusho yena.

Amakhasimende abo uthi ngabantu baseNanda namaphethelo nabeze ngokuvakasha noma noma ngomsebenzi. 

Into emjabulisa ngokubawusomabhizinisi wukuthi ibhizinisi lakhe lidinga ukunakekelwa okuncane, njengoba ethi akazitholi esebizwa ngoba kukhona into ethile engasebenzi ngendlela efanele.

Isifiso sakhe wukuvula amathuba omsebenzi endaweni. Ikwamanje usaqashe izisebenzi ezine. Ufuna nokuvula ezinye izindawo zezivakashi agcine esenehhotela. 

Eluleka abafisa ukuqala lolu hlobo lwebhizinisi wukuthi ungabanalo futhi limatasa. Uthi kulezi zinsuku abantu bayayidinga indawo yokuhlala epholile noma yokwenza imicimbi ehlukene.

“Kuncane okufanele ukunakekele. Ngaphandle kwaloko nezinselelo, yibhizinisi elihle kakhulu. Uma kuwukuthi ngithola enye indawo ngingathanda ukuqhubeka ngakhe ezinye izindawo zokuhlala izivakashi,” kusho uNksz uMchunu.

Facebook: Eyemkhonto Guest Lodge 

Tiktok: Eyemkhonto.guest

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page