Owazifundisa usekhiqiza i-peanut butter enezithako zemvelo
WUTHOBILE ZWANE
UKUWA kwebhizinisi lakhe lokushicilela ngesikhathi sokubheduka kwe-Covid-19 akumthenanga amandla usomabhizinisi wesifazane waseLimpopo.
UNksz uMpho Mathabi waseVenda, oneminyaka ewu-40, wayenenkampani yokushicilela, okwathi ngemva kokubheduka kwe-Covid-19 umsebenzi wayo waphazamiseka. Loku kwaholela ekusunguleni iPeanata Peanut Butter.
Uthi umsebenzi wawusumncane kangangokuthi wabona kungcono ukuthi asuke eGoli, lapho ayesebenza khona, abuyele kubo eVenda.
Esefike emakhaya akazange asonge izandla kodwa wathenga umhlaba kumkhulu wakhe waqala ukulima. Ngesikhathi elima ugajwe wuthando lokushintsha umkhiqizo awutshalayo ube okunye ukudla.
“Ngagxila emakinatini ngazifundisa ukwenza i-peanut butter ngo-2021. Bengibukela ama-video ezinkundleni zokuxhumana ngizenzela nocwaningo. Ngize ngakwazi ukuzenzela i-peanut butter, ngaqala ngayidayisela umphakathi. Kuthe ngonyaka odlule ngavula ngokusemthethweni inkampani yami iPeanata Peanut Butter,” kulanda yena.
“Umkhiqizo wethu uyimvelo, awunazo izithako ezithile futhi unempilo. Yize siqale iPeanata eVenda kodwa manje isidayisa ezindaweni eziningi eLimpopo, eGauteng, eMpumalanga, KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseNyakatho Kapa. Sisebenzisana kakhulu nezitolo zaseSPAR,” kusho yena.
UNksz uMathabi igama lenkampani lisuselwa endleleni ababiza amakinati ngayo ngesiVenda.

Le ntokazi eyi-occupational therapist ithi ibisebenzela egaraji ekhaya kodwa ngokukhula komsebenzi yahlangana nomunye umuntu owenza i-peanut butter owayipha imishini yokusebenza.
“Imishini engayiphiwa ingisize ukukhulisa umsebenzi. Bengizikhangisa kuFacebook ngidayisela nabantu bendawo. Ngenxa yokukhula komsebenzi sengiqashe abantu abathathu abangisizayo, ngaphuma nasekhaya ngabanefemu kwenye indawo. Ngikwazile nokuzithengela eminye imishini,” kusho uNksz uMathabi.
Uthi ibhizinisi lakhe liyazixhasa ngoba kuseyinselelo ukuthola usizo lwemali.
Usebenzisana ibhizinisi lakhe ukucija abantu besifazane. “Ngikholelwa ekusizeni abantu besifazane ukuze bazimele. Ngisebenzisana nabesifazane abadayisayo futhi ngibafundise ukudayisa nokuthola amakhasimende,” kusho uNksz uMathabi.
Indodana yakhe eneminyaka ewu-12 isiza ngokuphatha umsebenzi. Uthi: “Leli yifa layo. Ngiyayiqeqesha ukuze ikwazi ukuphatha ibhizinisi ngelinye ilanga.”
Mayelana nomsebenzi wakhe we-occupational therapy uthi usawenza khona enebhizinisi kodwa umehluko wukuthi manje akaqashiwe esibhedlela kodwa usiza abalimele nabakhubazekile ngesikhathi azihlelela sona.
Unesifiso sokuba ne-warehouse ngelinye ilanga ukuze aqashe abantu besifazane abaningi futhi andise umkhiqizo.
Iseluleko sakhe kwabanye osomabhizinisi wukuthi bangasabi ukuqala ngoba baningi abantu abazimisele ukusiza. “Bahlale bekhona abantu abazimisele ukusiza. Uma usuyekile ukusaba ukuhluleka izinto zibalula. Iseluleko sami kunoma wubani oqala ibhizinisi wukuthi enze ucwaningo, athole ukucijwa futhi akholelwe kuyena,” kweluleka yena.
Facebook: Mpho Wa Peanutbutter

