Ungqongqoshe womNyango kaGesi naMandla uDkt uKgosientsho Ramokgopa nemeya kaMasipala seThekwini uMnu uCyril Xaba bememezele ukuthi lo masipala usugunyazwe ukukhiqiza ugesi wawo ohlanzekile. Isithombe: Sithunyelwe

Ugesi ohlanzekile uzotshala uR8.5 billion emnothweni waseThekwini 

YINTATHELI YOMBELE 

KUSANDA kuqhopeka umlando ngesikhathi ungqongqoshe womNyango kaGesi naMandla uDkt uKgosientsho Ramokgopa ememezela ukuthi uMasipala waseThekwini usuzoziphehlela ugesi ohlanzekile.

Lesi simemezelo, esenziwe ngempelasonto, sisho ukuthi imboni ezimele izotshala uR8.5billion kulolu hlelo lokuphehla ugesi bese kudaleka imisebenzi ewu-2 000, kusho imeya uMnu uCyril Xaba. 

URamokgopa uthe lesi simemezelo sihambisana nesigaba 34 somthetho onika ungqongqoshe amandla okuvumela omasipala ukuthi baziphehlele ugesi ohlanzekile. 

Kulindeleke ukuthi eThekwini kuphehlwe ugesi owu-100 MW welanga nowu-300 MW wegesi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/25/ngeke-liphele-isonto-kusacinywa-ugesi-uramokgopa/

UXaba uthe lolu hlelo luzosiza umasipala ukonga uR5bn wezindleko zokuthenga ugesi, okusho ukuthi njalo ngonyaka uzokonga uR250 million futhi uzonciphisa ukuthi iTheku lincike kugesi ophehlwa ezweni ngo-18%.

“Lolu hlelo aluthinti nje ukuphehla ugesi kodwa luzosiza ukukhulisa umnotho, izimboni lenze idolobha lethu libenekusasa eliqhakazile lomnotho,” kusho yena. 

Uthe okuzokwenzeka manje wukuthi kuzokhishwa izikhangiso ezimema abafuna ukusebenza ngogesi welanga ngoDisemba bese izinhlelo zokwakha izikhungo zikagesi welanga ziqale ngoSepthemba wango-2027. Izicelo zabazosebenza ngegesi zizokhishwa ngonyaka ozayo, imininingwane ephelele izomenyezelwa maduze. 

UXaba, obethakasile, uthe umasipala uyivulandlela ekwenzeni izinto ezihlukile ekuphehleni ugesi ohlanzekile ngoba abanye omasipala sebezolandela wona. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page