Isikhulu esiphezulu seBrand South Africa uMnu uNeville Matjie sithi iTourism Investment Forum Africa izohlose ukuthi iNingizimu Afrika incintisane kahle namanye amazwe. Isithombe: Sithunyelwe

Ingqungquthela yezokuvakasha ihlose ukuguqula izinto emphakathini

YINTATHELI YOMBELE 

INGQUNGQUTHELA ehlanganisa imboni yokuvakasha iTourism Investment Forum Africa (iTifa) iya eMhlathuze, enyakatho yeKwaZulu-Natali.

Kulo nyaka iTifa ibambisene neBrand South Africa ukwenza le ngqungquthela, ezobamhlaka-26 kuya mhlaka-27 wango Agasti. indikimba yayo izobe ithi “Tourism and Infrastructure: Driving Economic Transformation and Enhancing Community Well-Being”.

Isikhulu esiphezulu seBrand South Africa uMnu uNeville Matjie sithe bayakuthakasela ukusebenzisana neTifa ngoba ihambisana nabakumele.

“Umsebenzi wethu wukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika incintisana kahle namanye amazwe. I-Tifa ihlanganisa zonke izinhlaka zemboni yokuvakasha ukuze zikwazi ukubona okuhle eNingizimu Afrika futhi isiza abatshalimali ukubona lapho kufanele bafake khona imali yabo ibe futhi isimamisa umnotho ngezokuvakasha,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/14/i-afrika-kufanele-izibambele-mathupha-kwezokuvakasha/

Uthe uMhlathuze yindawo esimama ngesivinini emnothweni waseKZN. Ubalule ukuthi abatshalimali bangathola amathuba okufukula umnotho wokuvakasha, okunakekela imvelo, ukuvakasha okuhambisana namasiko, ukwakha ingqalasizinda yezindlu, ezokuthutha nenye edingeka kwezokuvakasha. 

Isikhulu esiphezulu seMillvest Advisory, ehlela iTifa, uMnu uMiller Matola sithe ukusebenzisana kwabo neBrand South Africa kuletha ubuchule obuzosiza imboni yokuvakasha. 

Uthe baqinisekisa ukuthi konke abakwenzayo kubeka phambili i-Afrika, beza nezindlela ezintsha zokusebenza bebebenakekela nemvelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page