Ungqongqoshe womNyango wezokuThutha uNkk uBarbara Creecy ohlakaze ibhodi leRoad Accident Fund. Isithombe: Sithunyelwe

Ihlakaziwe ibhodi yeRoad Accident Fund 

YINTATHELI YOMBELE 

UNGQONGQOSHE womNyango wezokuThutha uNkk uBarbara Creecy uhlakaze ibhodi yesikhungo sikahulumeni esisiza abantu limele ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund (iRAF) izolo. 

UNkk uCreecy uhlakaze leli bhodi ngemva kokudlanga kwezinkinga zokuphatha nokusebenza kweRAF. 

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNkk uCreecy uzwakalise ukukhathazeka ngezinkinga ezingaphezi zokuphatha, amacala asezithebeni zezinkantolo adla imali eningi yeRAF okufanele isize abantu abalimele ezingozini zomgwaqo.

Kuzokhumbuleka ukuthi isikhulu esiphezulu seRAF uMnu uCollins Letsoalo sisamisiwe emsebenzini. Sisilana ibhodi ngokusimisa ngoba silwa nenkohlakalo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/30/i-road-accident-fund-izophenywa-ngokungaphathi-kahle-imali/

Kolunye uhlangothi uNkk uCreecy usola ibhodi ngokungawenzi kahle umsebenzi walo wokuqapha okwenzeka kwiRAF. 

Uthe ibhodi ihlukene phakathi, okwenza kubenzima ukuthatha izinqumo ezimqoka. Wenze isibonelo ngokuthi ayikwazi nokugcwalisa izikhala zomsebenzi okubalwa esomphathi omkhulu wezicelo nesenhloko yezomthetho.

Kulindeleke ukuthi kuqokwe ibhodi yesikhashana ezoqapha ukusebenza kweRAF. UNkk uCreecy unxuse amaphoyisa  aphenya ngenkohlakalo ukuthi aphenye kabanzi ngobekwenzeka eRAF.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page