UNksz uLally Blose, umsunguli weBuhlakani BamaNdelu Trading Enterprise, yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, ethunga umfaniswano wesikole. Izithombe: Zithunyelwe

Ulapha ubuhlungu abuzwa esemncane ngokuthunga imifaniswano yesikole

WUTHOBILE ZWANE 

UYISE owayengafuni ukumthengela umfaniswano wesikole yize ayesebenza wenza intokazi yaseThekwini yafunga ukuthi ayikho enye ingane eyohlazeka ngenxa yokungabinomfaniswano wesikole.

UNksz uLally Blose, oneminyaka ewu-50, umsunguli wenkampani ethunga umfaniswano wesikole iBuhlakani BamaNdelu Trading Enterprise uthi ngesikhathi esafunda amabanga aphansi, uyise okunguye owayesebenza ekhaya, kwazise unina wayengasebenzi, wayengafuni ukumthengela umfaniswano wesikole. Loku kwenza le ntokazi yaseMlaza yalahlekelwa wukuzethemba yabanamahloni.

Ngaleso sikhathi esikoleni eyefunda kuso kwakugqokwa umfaniswano oluhlaza, kubo enesiketi esiluhlaza no-poloneck o-cream white, yizona zinto ayezigqoka esikoleni. 

“Ngikhule ngicula ekhwayeni kodwa ukungabi nomfaniswano wesikole kwakwenza ukuthi ngibekwe phakathi nendawo. Kwakuba sengathi kuyahlotshiswa ngami kanti cha yingenxa yokuthi umfaniswano anginawo. Ingane engenawo umfaniswano iphelelwa wukuzethemba ngoba isuke ingafani nezinye izingane,” kusho yena.

Uwumsikingqephu ngokomsebenzi njengoba akufundela eLindiwe Kuzwayo Fashion Design Academy.

IBuhlakani BamaNdelu ithunga umfaniswano kusuka phansi emasokisini, ama-tunic, iziketi, amahembe, amajezi, ama-blazer, izigqoko zomfaniswano, amabheji nama-tracksuit. Maduze nje izoqala ukwenza izicathulo zesikole. 

Uthi imikhiqizo yakhe ayibizi njengedayisa ezitolo. Uthi kungenxa yokuthi wenzela izikole eziselokishini.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/05/17/uthando-lokwenza-imisiko-nokuthunga-lwayingena-isafunda-isikole-intokazi-nokho-enyuvesi-izishiye-phakathi-izifundo-zokuthunga-yaqala-ezomunye-umkhakha-ngeposi-ixoxe-nolanga-khanyile/

Uthi ufuna zonke izingane zibezinhle uma ziya esikoleni futhi zikujabulele ukuya esikoleni ngenxa yomfaniswano eziwugqokile. 

“Njengoba sivela emakhaya angafani, ngesinye isikhathi iye ingabikhona imali yokuthi uthengelwe izimpahla ezinhle zokugqoka kodwa uma kuyiwa esikoleni, uyajabula uma uthengelwe umfaniswano (wesikole) ngoba wenza ufane nabanye,” kusho uNksz uBlose.

Eminye yemifaniswano ethungwa eBuhlakani BamaNdelu 

UNksz uBlose uthi inkampani yakhe iqanjwe ngesithakazelo sakubo uNdelu, wase engeza ubuhlukani ekwenzeni lo msebenzi.

“Le nto engacabanga ukuthi ngiyiqale yemifaniswano yayidinga ukuthi ngisebenzise ubuhlakani ngoba baningi abantu abenza imifaniswano futhi ziningi nezindawo eziyidayisayo. Ngenza umfaniswano osezingeni eliphezulu,” kusho uNksz uBlose ngokuzethemba.

Uthi uke waqhathanisa izikole zakwamanye amazwe nezaseNingizimu Afrika, wabona kunomehluko omkhulu ngendlela ogqokwa ngayo. Uthole ukuthi phesheya abafundi bayawuhlonipha umfaniswano futhi bawugqoka ngesizotha nokuziqhenya kodwa eNingizimu Afrika abafundi abawuhloniphi baze bakhiphele amashethi ngaphandle.

“Into engiyenzayo mina ngenza umfaniswano ohlukile isikole nesikole. Uthola ukuthi izikole zinomfaniswano ofanayo ohluke kancane. Mina ngifuna umfaniswano wesikole uhluke ungawutholi kube ngowaso sodwa,” kusho uNksz uBlose. 

Mayelana nezinselelo zebhizinisi, uthi indawo yosebenzela iyingqinamba ngoba phambilini ubesebenzela eMbilo kodwa irenti ibiza. Ubesebenzisana nomunye umuntu ukuhlanganyela lezi zindleko kodwa lagcina ligqabukile igoda. 

Enye inselelo ayibalile eyokulinda izindwangu ngenxa yokuthi usuke efuna umbala othile nezinga lekhethelo. Uthi loku kumqhatha nabazali nothishanhloko abagcina sebethetha. 

Uthi ufisa osomabhizinisi abathungayo bahlanganyele ndawonye bagcine sebethenga izindwangu ngamaqoqo, benze into eyodwa, bangagcini belahlekelwa ngamakhasimende.

Into ayithandayo ngokuba wusomabhizinisi wukuthi wenza izinto ngendlela afisa ngayo. “Ngiyakuthanda ukubawusomabhizinisi. Ngiyakuthanda ukucabanga ngenze ezinye izinto, akupheleli emfaniswaneni wodwa. Uma uwusomabhizinisi uhlezi uqalaza into edingekayo, ubenothando lwento,” kusho uNksz uBlose.

Unezisebenzi eziyisithupha kubalwa naye. Amakhasimende akhe izikole eziyisishiyagalolunye okungezaseMlaza nesisodwa saseMgungundlovu.

Iseluleko sakhe kwabanye abafisa ukungena ebhizinisini wukuthi ibhizinisi lidinga ukubekezela ngoba kunezihibe eziningi, awuvele nje uphumelele. 

“Ungayeki uma unothando lwento oyenzayo ngoba ingenzeki. Phikelela, ubuke wonke amabhizinisi akhona, akukaze kube lula. Wonke umuntu osephumelele uzokutshela ukuthi kwakuthi akayeke. Gxila ebhizinisini elilodwa ubone ukuthi liyaphumelela yini, ngaphambi kokubheka elinye,” kucebisa uNksz uBlose.

Uthi ufisa ukukhula ebhizinisini agcine efana nezitolo ezinkulu ezidayisa umfaniswano wesikole. “Ngifisa ukuzibona sengiphakanyiswa njengosomabhizinisi waseMlaza wesifazane osenesitolo esikhulu, esengathungi kuphela,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page